Now Reading
Ukhamba lufuze imbiza kuMayo onesibunge emaqenjini amakhulu
Dark Light

Ukhamba lufuze imbiza kuMayo onesibunge emaqenjini amakhulu

USihlalo weCape Town City uJohn Comitis usephumele obala ngesibabuli somdlali weBafana Bafana uKhanyisa Mayo.

Leli nxele kuvela ukuthi lifunwa uthuli izinkunzi zamaqembu aseGoli. UMayo ozalwa yinkakha yeKaizer Chiefs uPatrick Mayo uqede isizini edlule ebalwa nabadlali abahlohle amagoli amaningi kuDStv Premiership ngesizini edlule.

Exoxa nelaboHlanga, uComitis, uphumele obala ngekusasa likaMayo.

“UMayo usanda kuvuselela inkontileka yakhe neqembu ngeminyaka emine. Lokhu kukhomba ukuthi usajabule ukuba yingxenye yeqembu. Unekusasa eliqhakazile kunobhutshuzwayo. Njengamanje ungomunye wabadlali beqembu abamqoka. Nathi njengeqembu sinamaphupho amakhulu. UMayo umqoka ekutheni asilekelele sifeze lawo maphupho,” kubeka uComitis.

Ngesizini edlule ubasele enethini amagoli ayishumi nambili wase akha amabili emidlalweni engamashumi amabili nambili.

“Ngesizini edlule singene ebudlelwaneni nebhange uFNB. Ngakho abaxhasi bafuna ukuqala babone inzuzo eqenjini. Lokhu sizokwenza noma sizokukhombisa ngokuthi sinqobe izinkomishi siphinde silwe nasemidlalweni yeligi. Asifuni ukwandisa isibalo eligini. Yingakho nje kumqoka ukugcina abadlali abaseqophelweni eliphezulu njengoMayo. Ngeke sime endleleni yakhe uma kuneqembu elifuna ukushintsha impilo yakhe. Ibhola yinto yesikhashana. Ngakho uma kuneqembu elifuna ukushintsha impilo yakhe sizohlala phansi sililalele,” kuqhuba uMayo.

IMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates yiwona amaqembu abemataniswa noMayo.

Eminyakeni eyedlule iSundowns isayine inqwaba yabadlali beCitizen. Phakathi kwabo singabala uKermit Erasmus, Aubrey Ngoma, uTerrence Mashego, uLyle Lakay noSuprise Ralani. Bonke la badlali bebeyizithenjwa zeCity.

See Also

“Lapha kuCape Town City uma ulandela kahle umlando wethu uzoqaphela ukuthi asibavimbeli abadlali ekutheni bathole amadlelo aluhlaza. Siyiqembu elikhulayo. Asikafiki ezingeni leMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs ne- Orlando Pirates ngokwemali.

La maqembu amathathu engiwabalayo anoxhaxha lwabaxhasi abafaka izindlodla zemali kuwona. Ngakho sibona indlela yokubhalansisa amabhuku nethuba elizoletha umehluko empilweni yomdlali angeke simvimbele,” kusho uMayo.

Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lizovalwa ekupheleni kukaMandulo.

“Iwindi lisavuliwe. Kungenzeka noma yini njengoba lisavuliwe. Okwamanje alikho iqembu esixoxa nalo. Yebo, akhona ake abuza ngesimo sakhe phambilini kodwa akukho okubambekayo. Yinto ejwayelekile ukuthi umdlali kube namaqembu abuza ngaye uma ebe nesizini enhle. Lokho ngeke ukubalekele. Inhloso yethu wokugcina. Yingakho siyelulile inkontileka yakhe.” kuphetha uComitis.

Scroll To Top