Now Reading
Ukugcinwa kwamasiko namagugu kumele kuholwe umphakathi ulekelelwa uhulumeni
Dark Light

Ukugcinwa kwamasiko namagugu kumele kuholwe umphakathi ulekelelwa uhulumeni

Siqhubeka engosini yangeledlule osekuyibinza lokugcina. Isimo esikhona njengamanje lapha edlinzeni siyadabukisa. Umuntu angaphika lapha kutshalwe inkosi amabutho ayo abhubhisa inkolelo yokungehlulwa kwaMangisi ngasohlangothini lokulwa.

Lapha sikhuluma ngeNkosi eyaziwa ngokuvelela nobukhulu bayo. Angingabazi ukuthi izivakashi zifike zidideke uma zifika edlinzeni
leSilo uCetshwayo. Zifike zingasifici isithombe sobukhulu iSilo uCetshwayo esidume ngakho.

Hiya Zulu, isezithebeni. Igama nomlando weSilo uCetshwayo uhlala
usobala njalo. Abendlu yakhe ubezwa bemfunga eseNkandla.

Uma umuntu ehamba ngezinyawo engafake zicathulo uzwa kuthiwa ushaya ngoCetshwayo, ngoba iSilo sasikhionze ukuhamba ngezinyawo ngoba sinenkolelo yokuthi izicathulo zimhlukanisa nomhlabathi wokhokho bakhe.

Empeleni kuthiwa kwakuthi noma egqoke econsa isudi yakhe yakanokusho kodwa sitholakale sihamba ngezinyawo singazifakile izicathulo.

Ngiyafisa ukuphetha umnikelo wami wokuphawula ngendlela ehlukile kodwa enomqondo ophusile.

Emhlabeni jikelele izinhlelo zamagugu njengokwakha imifanekiso kanye nokwakha amatshe ezikhumbuzo kuvamise kwenziwa umphakathi noma abantu uqobo lwabo angenele uHulumeni uma sikhona isidingo.

Ngamafuphi, imali yokwakha noma ngabe umuphi umfanekiso iqhamuka emphakathini; iqhamuka kubantu.

Ubuhle bokuthi imali yokwakha umfanekiso iqhamuke kubantu ukuthi mancane amathuba okuthi umfanekiso ucekelwe phansi ngoba abantu ngeke bavume ukuthi umfanekiso owakhiwe ngemali yabo abayisebenzela kanzima ucekelwe phansi.

Lenqubo okuqhutshwa ngayo kwamanye amazwe ekufakeni imifanekiso kanye namantshe esikhumbuzo ihlukile nendlela esiqhuba ngayo lapha eNingizimu Afrika.

Lapha ezweni lethu uHulumeni ohamba phambili ezinhlelweni zokufakwa kwemifanekiso kanye namatshe ezikhumbuzo.

Hleze sesifikile isikhathi sokuthi izinhlelo zamagugu abantu babe neqhaza elibonakalayo ekuqhakambiseni kanye nasekuvikeleni amagugu esizwe. Iqiniso lithi into yamahhala abantu kulula ukuyicekela phansi.

See Also

Ngiyafisa ukuthi ngingazwakali kabi. Angigqugquzeli ukuthi uHulumeni abalekele umthwalo wemfanelo yokugqugquzela kanye nasekuqhakambiseni amagugu esizwe, kodwa ngincoma ukuthi ugqozi netshisekelo yokuzigqaja kwabantu ngomlando kanye namagugu abo lohlala luluncane uma abantu uqobo lwabo bengasiboni isidingo sokugqugquzela ukuzithanda bona

ngokuqhakambisa lokho abayikho.

Ngaphandle kwalokho, ngenxa yokuntengantenga kwesimo sezomnotho
aya ngofiphala amathuba okuthi zonke izicelo ezihanjiswa kuHulumeni eziphathelene namagugu zihlinzekelwe.

Iqiniso lithi umuntu angazigqaja kufanele ngetshe lesikhumbuzo alifake ngezithukuthuku zakhe. Ngamafuphi, ayikho into evimba abantu bazakhele amatshe ezikhumbuzo zezihlobo zabo.

Lona umqondo ofanele ukuba ugqugquzelwe ngoba ziya ngokuya ziqina izinsolo zokuthi kukhona izinhlelo uHumbeni azogcina engasakwazi ukuzenza ngenxa yokungenzi kahle kwezomnotho.

Scroll To Top