OwaMajimbos ufuna ukukhulisa iqembu ngeCOSAFA Cup
Iqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka eli-17 Amajimbos liseMalawi lapho liyingxenye yeCOSAFA Cup eqala namhlanje. Elakuleli liseqoqweni A neMalawi, iZambia ne-Eswatini. Le midlalo iyoze isongwe mhla zingama-20 kwephezulu.
Amajimbos azoqala ukudlala kusasa lapho ezobhekana neMalawi eKamuzu Stadium. Lo mqhudelwano ubanjelwe okukuqala eMalawi, selokhu wasungulwa usasingathwe amazwe amane. INingizimu Afrika neMauritius basawusingathe kathathu izwe ngalinye kanti iNamibia isawusingathe kanye.
Elakuleli liya kulo mqhudelwano ngenhloso yokwakha iqembu eliqinile elizogadla ngalo emqhudelwaneni ofanayo ngonyaka ozayo. Lo mqhudelwano wangonyaka ozayo uzosetshenziselwa ukuhlungela i-African Cup of Nation (AFCON) yabangaphansi kweli-17. Lokhu kufakazelwa yiqembu eliqokwe nguVeli Khumalo ongumqeqeshi we-Amajimbos elinabadlali abaneminyaka eli-14 kanti abanye baneminyaka eli-15. Ngale ndlela laba badlali abasebancane bazothola amava kulo mqhudelwano wakulo nyaka.
UKhumalo uthe inhloso yakhe ngokuhlasela ngeqembu eliselincane ukuthi ufuna ukulikhulisa likwazi ukuqina ngokwanele ngoba into abayifunayo kakhulu ukukwazi ukwakha iqembu eliqine ngokwanele azogadla ngalo emdlalweni yokuhlungela iNdebe YoMhlaba yangowezi-2021.
UKhumalo wayeyisekela mqeqeshi likaMolefi Ntseki osengumqeqeshi ngowezi-2015, okwakungokokuqala elakuleli likwazi ukuyihlungela. Leli qembu labhula amazolo kule midlalo.
Amajimbos emidlalweni yeCOSAFA Cup
Selokhu wasungulwa lo mqhudelwano ngowe-1994 Amajimbos asedlale imidlalo yamanqamu eyisithupha yanqoba emibili. Lawunqoba ngowe-1994 lihlula iMozambique ngamagoli amabili kwelilodwa, laphinde lawunqoba ngowezi-2002 lapho labhaxabula i-Eswatini. Yomibili le miqhudelwano yayisingethwe elakuleli. Ngowedlule lahlulwa i-Angola kowamanqamu ngegoli elilodwa eqandeni eStade St Francois Xavier ePort Louis, eMauritius.
Ukuphawula komqeqeshi uVeli Khumalo
Ekhuluma nelaboHlanga uthe; “Amalungiselelo ethu ahambe kahle, nabadlali ebekade bethintekile odokotela bathe sekulungele ukudlala. Ngingasho ngithi ngijabule ngeqembu engizogadla ngalo.”
Uqhube wathi akabhekile okukhulu kuleli qembu lakhe elincane kwazise lo mqhudelwano akusiwona owokuhlungela, into ayifisayo kakhulu ngeqembu ukuthi likhule. “Kulo mqhudelwano ngifuna ukujwayeza laba bafanyana ukuthi yini elindeleke kubona bathole namava, abanye abakaze bagibele nendiza mshini ngifuna bajwayele. Ngoba ngonyaka ozoya ngifuna bakwazi ukuncintisana kuwona lo mqhudelwano ozobe usetshenziselwa ukuhlungela i-AFCON okuyiyona esifuna nakanjani ukuyihlungela sizokwazi ukuphinde sihlungele neyoMhlaba,” kusho uKhumalo
UKhumalo uthe angeke abafake ngaphansi kwengcindezi abafana bakhe, uma nje bengafinyelela kumasemi-final ngabe basebenze kahle kakhulu. Eqhuba uthe, “Ngiyazi amanye amazwe azofika nabadlali abaneminyaka okuyiyona kodwa thina sizifikile nabafana abeneminyaka eli-14 sibhekelela unyaka ozayo, asifuni siphinde sithi sakha iqembu. Abafana bazobe sebazi sifunani sebewazi namaqhiga ethu njengabaqeqeshi ngaleyo ndlela bakwazi ukuncintisana bahlungele i-AFCON.”
Lo mqeqeshi usekhiqize abadlali abagijima kwelakuleli labangaphansi kweminyaka engama-23 okubalwa phakathi uLyle Lakay odlalela iCape Town City, u-Athenkosi Dladla odllala ku-University of Pretoria egijima kuGladAfrika Championship noReeve Frosler odlala kuKaizer Chiefs. Uthe beyiqembu bafuna iNingizimu Afrika iziqhenye ngabo aphinde aqhubeke nokukhiqiza abadlali abazodlalela amaqembu esize ngoba vele umsebenzi wakhe ukukhulisa abafanyana babesezingeni lokudlalela amaqembu athe thuthu esizwe.