Bathumela umyalezo ojulile ngomkhankaso



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha aseChina aqale umkhankaso wokuzilolonga ezungeze iTaiwan, nathe “kuyisixwayiso esibucayi” emabuthweni ahlukanisayo ngendlela ethukuthele futhi ebilindeleke kabanzi ngemuva kokuhambeka kwePhini likaMongameli uWilliam Lai olubheke e-United States of America, okuthole ukugxekwa kakhulu yiTaipei.
ULai, okubukeka ehamba phambili ekutholeni isikhundla sokuba ngumongameli waseTaiwan okhethweni oluzoba ngoMasingana, ubuyile ohambeni lwase-United States ngoLwesihlanu, lapho amisa khona ngokusemthethweni esendleleni eya noma ebuya eParaguay, nakuba ethule izinkulumo ngesikhathi esezweni.
IChina ibheka iTaiwan ebuswa ngentando yeningi njengezwe layo, naphezu kokuphikisa okuqinile okuqhamuka kuhulumeni walesi siqhingi. IPeople’s Liberation Army’s Eastern Theatre Command, okuyiyo ebekwe ukuba ibheke indawo ezungeze iTaiwan, esitatimendeni esifushane ikuvezile ukuthi ibiqhuba ukuzilolonga okuhlangene kwamasosha asolwandle kanye nawezomoya ukubheka ukulungela kwawo kanye nokubheka lesisiqhingi.
Leliqembu liphinde lathi futhi libambe izivivinyo ezihlanganyelwe kanye nokuqeqeshwa kwamasosha asolwandle nawomoya, egxile ezifundweni ezinjengokuxhumanisa izindiza zemikhumbi nokulawula ukubamba, ukuhlola “amandla okulwa” kwamabutho. “Lesi isexwayiso esibucayi ngokumelene namabutho angalungile ahlangana namabutho angaphandle ukuze asichukuluze,” kusho leliqembu.
UMnyango Wezokuvikela eTaiwan ukugxeke kakhulu lokhu kuzivocavoca, wathi uzothumela amabutho afanele ukuphendula futhi unamandla, ukuzimisela, kanye nokuzethemba ukuqinisekisa ukuphepha kwezwe. “Ukwethulwa kwezivivinyo zempi kulokhu akusizi-nje ekutheni kutholakale ukuthula nokuzinza eTaiwan Strait, kodwa futhi kugqamisa isimo sengqondo (seChina) sezempi,” kusho uMnyango esitatimendeni.