Now Reading
Zidlana imilala phakathi kweChina ne-Australia
Dark Light

Zidlana imilala phakathi kweChina ne-Australia

Kubonakala kusekude ukulungisa ubudlelwano phakathi kweChina ne-Australia njengoba zombili izinhlangothi zibonakala zingavumi ukugoba uphondo.

Sekuphela unyaka iChina ne-Australia bedonsisana, nalapho iBeijing isize yafaka khona nonswinyo lwezohwebo empahleni yase-Australia ngenxa yokushuba kwesimo.

Ubudlelwano bala mazwe bujike bamuncu kakhulu emveni kokuthi iCanberra ikhethe ukuhambisana ne-USA ukukhipha inyumbazane iChina, iphinde iyigxeka ezindabeni zokuqubuka kokhuvethe eHong Kong, eXinjiang kanye naseTaiwan.

Yize womabili la mazwe esezwakalisile ukuthi azimisele ukuxoxisana, kodwa iBeijing ifuna i-Australia ivume ukuthi iyonile ukuze kube nenqubekela phambili. Nokho iCanberra ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke ikwenze lokho.

Inhlangano yezindaba engaphansi kombuso isigxeke i-Australia emveni kokuthi abaholi bakhona benze izitatimende ezigqugquzela ukulungiswa kobudlelwano bala mazwe.  

NgoMsombuluko, uNdunankulu wase-Australia uScott Morrison ukhulume ngobudlelwano neChina, ezwakalisa isifiso sakhe sokuthi kuqalwe kabusha ukubambisana kwala mazwe.

Embonweni oshicilelwe kuleli sonto, iChina Daily ithe: “Kuzothatha okungaphezulu kwezinkulumo zoxolo ukulungisa ubudlelwano.”

Iqhube yathi: “Yize uMnyango Wezokubambisana Kwezomnotho ungavulekile gengelezi, iChina ayikaze ivale umnyango wezingxoxo ne-Australia.”

See Also

“Nokho ukutshela iChina ukuthi iguqule indlela eqhuba ngayo kunokuthi i-Australia izihlole yona iphinde ilungise amaphutha ayo ngeke kuze kusebenze nakancane, ngisho nokuqala kabusha ubudlelwano.”

IChina Daily iqhube yathi uMorrison akanalo iqiniso ngokwenza sengathi ukwehluka ngokohlelo lwezepolitiki nomnotho kwala mazwe ikhona okuholele ekutheni kungezwana.  Ithe lokhu kwehluka kwawo akuzange kuwavimbe la mazwe khathi esayinda isivumelwano sokuhwebelana ngokukhululeka ngowezi-2015. Ibe isithi kuzoyisiza i-Australia ukuthi ilalele umyalo womakhelwane iNew Zealand ngokuthi kumele ibhekane kanjani neChina.

Ngesonto eledlule, uNgqongqoshe Wezohwebo eNew Zealand, uDamien O’Connor, uthe i-Australia kumele ikhombise inhlonipho uma ibhekene neChina ngesikhathi ebuzwa abezindaba ngosizo ukulungisa isimo phakathi kwala mazwe.

Lokhu akuzange kwehle kahle kubaholi base-Australia, nokugcine ngokuthi kube nezingxoxo ngocingo phakathi kwabaholi ukuzama ukuqoqa inkulumo.

Scroll To Top