Uyinsizwa kanina owamuphebezela izinciji eziningi



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kubo bonke ubukhulu ayibo kwaButhelezi nasesizweni kukhona into eyodwa engemfihlo ngoMntwana wakwaPhindangene, uthando lwakhe nenhlonipho ngonina. Kuso sonke isikhathi lapho ekhuluma ngonina uMntwana uConstance Magogo Mantinti Sibilile Thombisile Ngangezinye kaDinuzulu amehlo akhe ayaqhakaza abe nokumamatheka. UShenge kakufihli ukuthi uyilokhu ayikho- nje wabunjwa ngunina.
“Nginokubonga kumama wami ngezinto eziningi. Wangakhela isiseko sokholo lwami. Wangitholela wangongela amathuba okufunda kwami. Wangifakela ugqozi ngomuzwa wobuhlanga bami. Wanginika isibonelo somuntu wesifazane onamandla nonesibindi.
Kodwa ukubonga kwami ngaphezu kwakho konke okunye kukodwa; yindlela aphatha ngayo umkami iNdlunkulu uMaMzila wakwaPhindangene, eyintombazane ezalelwe phakathi edolobheni engazi lutho ngoBukhosi,” kuchaza uMntwana.
Yize ekuzalweni kwakhe afikela emndenini omkhulu njengoba uyise iNkosi uMathole Buthelezi owayenguNdunankulu Womdabu, wayeganwe ngamakhosikazi angama-20, uMntwana akaze aluswele uthando lukamama. UMntwana uMagogo wama nendodana yakhe ngesikhathi iyothatha umkhonto kayise kwaButhelezi.
Uma elanda lomlando uMntwana uthi: “Ngiyakhumbula ekubekweni kwami njengeNkosi yeSizwe saKwaButhelezi, lapho uMama uMntwana ehlangana nemixhaka yamabutho kaBaba osekhotheme becula amahubo akudala eSizwe kanye namahubo akudala aseNdlunkulu kaZulu. Iphimbo loMntwana uMama lalingilethela ukwesaba cishe zonke izinsuku kwesinye isikhathi amehlo ami agcwale izinyembezi –ikakhulukazi lapho sicula amanye amaculo akhe, namanye amaculo ayevamise ukuwacula, lawo omdabu esiZulu kanye namaculo eSonto.”
Enye yezinto eyabe ixhumanisa umama nendodana kwaku ngumculo. Ngokusho kukaShenge kunina umculo wawungabekelwe kuphela imicimbi: “UMama umculo
wakhe wawukhuluma ngentokozo kanjalo futhi nangosizi, ubuhlungu nangokuphilisa, inkululeko kanye nokulahlekelwa. Wabe eyisimanga senkosikazi, wayehlakaniphe ngaphambi kwesikhathi sakhe ngezindlela eziningi ezingebalwe. Ngiseyingane, ngangiphathwa ubuthongo kodwa ngiyovuswa ngumculo woMntwana.
“Ngimkhumbula edlala uphiyano ehlabelela ngekhanda amaHubo eNkosi uDavida. Kwakuyindaba nje eyejwayelekile empilweni yami ukuthi iphimbo lakhe yilo engilizwayo uma ngivula iBhayibheli bese ngifunda – “Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhumbula… Ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulula… ngimdumise. Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.”
Njengoba ingxenye yomlando kaZulu kusuka kulo iLembe usivezela ubumqoka bukamama, kuMntwana wakwaPhindangene unina uMntwana uMagogo wabe eyilokho iNdlovukazi uNandi aba yikho kwiLembe – udondolo nehawu lakhe kanjalo nendawo yesiphephelo.