Ukukhephuzela kwenkungu kwengeza ubuhle bentaba


Kukhona cishe zonke izinhlobo zezimbali eziyenza ithandeke lendawo, futhi kubetha umoya omnandi onamakha ephunga lalezizimbali, lapho obona khona ngenyosi engumathathela, ethatha uju lapha iyolubeka laphaya, yakha a makhekhe oju. Yilo-ke leli itafula lemvelo engalibona eKibhithawini. Wake waya kwaLanga, ngasemahositela ezitezi uyobona itafulakazi lokwenziwa likaNgamulana?
Lelitafula alifani neNtaba yeTafula. Lona esikhundleni sendwangu emhlophe yamafu ephezu kwayo, lona libethelwe uthayela obushelelezi phezulu. Lapho iNtaba yeTafula yona iphakeme amamitha ayi-1086, leli lona lifika okhalweni lwakho uma umile. Ubude balo bungaba ngamamitha amathathu. Lide-ke uma linjalo! Lakhiwe ngamapulangwe, laba nemilenze yezingodo ecela eshumini elimi phezu kwayo.
Njengoba iNtaba yeTafula izungezwe yizilwandle, lelitafula lona libiyelwe ngocingo lwesisefo lukafenisi, okubonakala ukuthi kukhulu okungaleyana kothango. Uma uya kulo awuhambi ngekheshe, uvele uzihambele ngezinyawo zakho, noma uqhamuka ngayiphi indlela kwezilapho, ungayisebenzisa ukuya etafuleni likaNgamulana.
Noma uyendiswa ngamabhenyenye, uyoyendela khona, uze uyongena ngesango elikhulu. Lapha esangweni awungeni nje ungakhiphe lutho, njengoba nasekhesheni elikusa phezulu eNtabeni yeTafula awungeni kulo ungakhiphanga lutho. Uma ufika nje esangweni, ukhokha amasente angama-40, owakhokha kulowo omi esangweni. Uma usuwakhokhile ungangena uqonde ngqo etafuleni elidekiwe uzenzele ngokuthanda. Lona-ke akudekwe ndwangu phezu kwalo, kodwa uyofika iyizinduli into oze kuyo!
Uyothi ungena nje ukhangwe yintuthu ishunqa phezu kwalo, ucabange ukuthi yinkungu ehlala ikhona phezulu eNtabeni yeTafula kanti qha, lena ngeyesitimu senyama eshisayo ethululwa ezimbizeni ezingogalaza ngisho neziyimiphongolo, ithululelwa phezu kwalelitafulakazi igcwale ngqatha, isobho lichithekele emaceleni kuhle okwezilwandle ezizungeze iNtaba yeTafula, zighephuza amagagasi amhlophe.
Izimbali zalelitafula yiziduli zenyama — idubukele! Amakhanda ezingulube nezindlebe zawo uzowafica lapha! Ikhala lenkomo nomlomo nolimi kukhona lapha. Amanqina ezinkabi ezinkulu nezincane akhona lapha. Kukhona ngisho namanqina ezimvu nawezingulube nawezimbuzi.
Amakhanda ezimvu nawezimbuzi, awezinkomo nawamahhontshi! Amaphaphu namathumbu, usu netwani! Ubende nopopopo, nezinhliziyo zazozonke izilwane ezidliwayo! Konke kuphekwe maqede kwazothululelwa phezu kwalelitafula lokwenziwa, ukuze kuthi noma ngubani ongene esangweni ngo-40c akhwele azehlele enyameni ayithandayo, athi: “Mphimbo phepha, wafa yizagila!” Yizo-ke izimbali ozifica kulelitafula, ngeziya ethunjini zonke, ngaphandle kwamathambo, wona onele ucabe uju lwawo — imvove nomnkantsha — uwachilizele eceleni.
Ayikho imimese nezimfologo namapuleyiti abekwe kulelitafulakazi. Bonke abadlayo bemi ngezinyawo ngoba nezihlalo azikho. Nidla bume lapha, ngoba awulindi lutho uma usudlile. Uma ungenalo igotshwa lokusika oyithandayo inyama, uyenze amaqatha azokwehla kahle emminzweni, yenele iminwe eyishumi ozoyidephunisa okwesidindi somtshiki ngayo, zenele izandla zakho ezembili ozoyiphakamisa ngazo uyiqobe ngamazinyo.
Kuthiwa abantu abakhuphukela phezulu ngekheshe ukuyobona ubuhle beNtaba yeTafula bacela ezi-250 000 ngonyaka. Abangena ngesango ukuzokudla inyama lapha kulelitafula ungeke ubabale ngoba banyamfukisa okwezinyosi zonke izinsuku. Akusaphathwa phela ngeMigqibelo nangamaSonto uma abantu bezivelela lapho bezivelela khona, sebephethwe yinkengane. Nabazonqanda iphezi, uzobafica sebejuluke sebemanzi phici bexabene nomuthi wamakati!