OwaseZimbabwe ukholwa ukuthi uBilliat usengadlala eMiddle East



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ingwazi yomdlali waseZimbabwe u-Innocent Chikoya yeluleka uKhama Billiat osanda kuhlukana neKaizer Chiefs.
UBilliat akanalo iqembu adlala kulona njengamanje. Inkontileka yakhe naMakhosi iphele ngenyanga eyedlule. Ngemuva kwalokho uvele wanyamalala. IChiefs kuvela izindaba zokuthi ibihlela ukwehlisa umholo kaBilliat. Lokhu akuzange kwehle kahle kulo mdlali odume kuMamelodi Sundowns nakwi- Ajax Cape Town.
“UKhama usangumdlali weqophelo eliphezulu. Usanekusasa ebholeni laseNingizimu Afrika kodwa kumqoka ukuthi akhumbule ukuthi akasekho mncane. Ukube ngiwuyena bengizolwela ukuyodlala eMiddle East. Unobudlelwano obuhle noPitso Mosimane. Akaxhumane naye. Kule minyaka akuyona kumele acabangele ikusasa. Angafike enze enhle imali kulamazwe angaphandle,” kubeka uChikoya.
UBilliat unqobe inqwaba yezicoco neMamelodi Sundowns ngaphambi kokuthi ajoyine Amakhosi.
KuChiefs ubebalwa nabadlali abahola kakhulu. Kuvela ukuthi uhlezi endaweni yesithathu ngemuva kukaKeagan Dolly no-Itumeleng Khune kubadlali abayikha ngamafosholo.
“Ngiyaqonda ukuthi mhlawumbe kangani imcikile indaba yokwehliselwa iholo.
Yebo, selokhu afika kuChiefs akakaze afike ezingeni esimazela lona kodwa naye unezindleko. Ukwehla kweholo kuphoqa ukuthi ashintshe indlela yokuphila. Okwesibili uzizwe engahlonishwa ngokubona kwami. Kule minyaka akuyona usebheke ukwenza imali eningi ukuze uma kufika izinsuku zokuthatha umhlalaphansi angashayeki empilweni. Umdlali osezingeni lakhe ngeke ahlulwe wukuthola iqembu,” kusho uChikoya.
KuChiefs uhluleke wancama ukunqoba izicoco. Wajoyina leli qembu ethwelwe ngeqoma ukuthi uzofike agile izimanga.
Izimpofana sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili zihlulwa yizicoco. Zagcina ngeseligi neMTN8 ngo-2014/15 kusekhona uStuart Baxter. Ngemuva kwalokho kulandele isomiso.
“Kunenqwaba yamaqembu angafisa ukusayinisa umdlali weqophelo lakhe. Ngokwami bengizothi akaqale abheke phesheya kwezilwandle ngapgambi kokuthi acabange eyokudlala kuPSL. Uzuze okuningi okuhle okungenza ahehe amaqembu aphesheya,” kuchaza le ngwazi.