Now Reading
UMalema useyivulile inkundla yomgangela azidedelwe 
Dark Light

UMalema useyivulile inkundla yomgangela azidedelwe 

Usekhulumile umholi we-EFF uMnu uJulius Malema ukuthi akusekho ukubuyela emuva usuqalile umkhankaso wokhetho. Umbuthano waleli qembu ngempelasonto enkundleni iFNB eGoli ube ubufakazi bokuthi sekusukile ngomkhankaso wokhetho lowezi-2024.

Umcimbi wezitoyitoyi wokubungaza ukuqeda iminyaka elishumi ziyibambile ubufana nowokushayelela isipikilli nokuzibonakalisa ukuthi izimbangi kumele zinyuse amasokisi. Ukugcwala phama kwenkundla ngalolu hlobo lapho kusuke kunosopolitiki khona sagcina ukukubona ngenkonzo yomngcwabo kaMnu uChris Hani ngowe-1993.

Umfo kaMalema useyivulile inkundla sekukulabo abasezinhlakeni zokuhola amaqembu ukuthatha inselelo. Bese kuyilona ithuba lokuthi amaqembu asukume azithathe, angalibali ukugxeka i-EFF nomholi wayo ngoba sekucacile ukuthi udlala umdlalo wepolitiki. Uma beqhubeka nokwenza ngalolu hlobo maningi amaqembu esingeke siphinde sizwe ngawo emuva kokhetho. Kwakhona nje ukucula ingoma ethi, Kill the Boer, kill the Farmer, kulo mcimbi bekungenye yeqhingasu lakhe lokuzwa amanzi ngobhoko kulawo maqembu awabona engamphazamisa endleleni yakhe yokuba yiqembu lokuqala ngobukhulu kwaphikisayo.

See Also

Ukuphawula ngokushesha kwabaholi beDemocratic Alliance, iFreedom Front Plus ne-Afriforum kwakha isithombe sokuthi kukhona ukungenwa ngamanzi emadolweni ngenxa yenkungu nelanga yabantu abebegcwalise iFNB. Akumele kulokhu sizikhohlise ngokuthi ukugcwalisa inkundla akusho ukuthi labo bantu bazobotela lelo qembu. Asikhumbule manje ukuthi umbusazwe usuguqukile iqembu elibusayo likhungethwe izinkinga.

Scroll To Top