Abadlali bePirates babizelwe umhlangano oyisipesheli ngaphambi komdlalo omqoka
Babizelwe umhlangano ophuthumayo abadlali be-Orlando Pirates ngaphambi komdlalo wabo wabakhaya baseSoweto neMoroka Swallows obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Lokhu kuvele ngemuva komdlalo lapho eZimnyama zinqobe khona ngo 2-0 wamagoli ka-Evidence Makgopa nomkhonto ogwaze ekhaya kaSipho Sibiya e-Orlando.
UMiguel Timm uqokwe njengomdlali ovelele. Ube esedalula ukuthi umhlangano ophuthumayo ubambe elikhulu iqhaza ekutheni bathole umphumela omuhle emdlalweni wabo neSwallows.
“Kuyiqiniso ukuthi ngaphambi komdlalo wanamuhla (ngoLwesibili) sibambe umhlangano lapho besizozinuka khona amakhwapha. Ngaphambi kokuthi sizame ukuthola izaba kumqoka ukuthi sizihlole kahle. Sihlale phansi sadingida izinkinga zethu. Siyitholile inkinga sase sizama ukuqhamuka nekhambi. Uma uyingxenye yomndeni kubanjalo. Awukho umndeni ongenazo izinkinga zawo. Umphumela wanamuhla (ngoLwesibili) uyizimpawu zomphumela omuhle womhlangano wethu,” kuchaza uTimm.
Kule sizini eZimnyama ziyahluleka wukubamba umgqigqo omuhle wukuthola imiphumela.
“Yebo sikwazile ukuthola umphumela omuhle, sashaya amagoli amabili kwathi ngakuthina kwangangena lutho. Yize singawatholanga amagoli emidlalweni eyedlule kodwa bezikhona izinkomba zokuthi kukhona lapho esibheke khona. Ngeneme ngokuthi abadlali baphambili bakwazile ukuthola amagoli,” kuqhuba uTimm.
Umqeqeshi weZimnyama uJose Riveiro naye uvumile ukuthi umhlangano oyisiphesheli usebenzile.
“Bekuyiviki elahlukile leli. Belimqoka kakhulu esikwatini sethu. Yebo besihlala kahle emidlalweni eyedlule kodwa kodlule (sibambana neRichards Bay FC ngo 0-0) sibhacazile. Kwesinye isikhathi kudingeka ubize umhlangano isigubhukane uma ubona sengathi kuyonakala. Senze njalo-ke nathi ukuze kugxekwe lapho kugxekwa khona. Besidinga ukulungisa izinkinga ebesibhekene nazo bese sibuya ngamandla njengoba senzile namuhla (ngoLwesibili),” kubeka uRiveiro.
IPirates isele kuMamelodi Sundowns eqhwakele ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Kule sizini isinaso isicoco. Inqobe iMTN8 iguqisa iSundowns eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ekuqaleni kwesizini.
Inkinga enkulu yePirates ibisemdlalweni yeligi. Isilahle inqwaba yamaphuzu kungenasidingo. Idlale ngokulingana imidlalo emine yadliwa kwemithathu.