Now Reading
Bafuna kuhlomule umphakathi ngemayini yaseNtembeni
Dark Light

Bafuna kuhlomule umphakathi ngemayini yaseNtembeni

Umphakathi waseNtembeni ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni uthi awuyivimbi intuthutho kodwa ufuna kube nesiqinisekiso sokuthi bona nezizukulwane zabo bazohlomula ngokuba khona kwemayini endaweni yabo.

Muva nje kuyaqhubeka ukushuba kwesimo eMelmoth ngokuvulwa kwalemayini yensimbi. Ngeledlule izakhamizi zaseNtembeni bezithukuthele zigane unwabu, zavala umgwaqo u-R66 zifuna imayini kumele iqoqe izinto zayo zonke ihambe.

I-Jindal Africa eyingxenye ye-Indian multinational conglomerate Jindal Steel & Power Limited ifuna ukumba i-Iron Ore enkulu emagqumeni aseMelmoth. Abamelene nokusebenza kwezimayini bakholelwa ukuthi bazosuswa ezindlini zabo bese kucekelwa phansi amathuna okhokho babo.

Kodwa izakhamuzi ezimbalwa zithi azinalo azinayo inkinga mayelana nokutshalwa kwezimali kwizimayini eziyizigidigidi ezili-R15 (R15 Billion).

“Asiphikisani nemayini, kodwa esikufunayo wukwenza izinto obala. Sifuna ukwazi ukuthi le mayini izozithinta kanjani izimpilo zethu. Kumele kube nesiqiniseko sokuthi abantu baseNtembeni bazohlomula impilo yabo yonke ngoba sifuna ukuthi kusungulwe isikhwama somphakathi siphathwe wumphakathi ngokwawo hhayi abaholi bendabuko lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izingane zethu nezizukulwane ezizayo ziyahlomula ngamathuba emfundo,” kuchaza umholi womphakathi uKhanyisani Nsele.

Usomabhizinisi wendawo, uMnuz uMfanuzile Gumede usole izinhlangano zezemvelo ngokuphusha i-Ajenda emelene nokumbiwa kwezimayini.

“Abantu baseMelmoth bayayidinga kakhulu imisebenzi namathuba ezomnotho. Njengoba kunje, iningi labantu bendawo lisebenza emapulazini abelungu lihola amakinati. Lezimayini izoshintsha ubuso bedolobha lasemakhaya. Lezi zinhlangano ezizimele azinalutho ngaphandle kokuhlukanisa umphakathi. nokuqinisekisa ukuthi bahlala behlupheka,” kusho uMnuz uGumede.

UNqongqoshe wezokumbiwa phansi nezamandla uMnuz Gwede Mantashe usanda kuxwayisa ngalokho akubiza ngokuthi izinhlangano ezizimele ezixhaswe kwamanye amazwe zivimba izinhlelo zezimayini kanye ne-petroleum, wathi lokhu kuhlangene ukuze kugcinwe imiphakathi yaboHlanga ingayi ndawo kwezomnotho.

USolwazi uMnuz uMusa Xulu, umgqugquzeli wendawo yokutshalwa kwezimali kanye nomsunguli we-Indonsa Yesizwe, ithimba lezocwaningo elihlanganisa izifundiswa nongoti bamasiko utshele elaboHlanga ukuthi kufanele kunikezwe ulwazi olwengeziwe emphakathini.

See Also

“Lokhu kuwutshalomali olukhulu olulinganiselwa ku-R15 billion nokungenye yezimali ezinkulu ezivela kwamanye amazwe kuleli. Ngeke nje kulethe amathuba emisebenzi emphakathini waseMelmoth kuphela, kodwa nosomabhizinisi abasafufusa bazohlomula. Kungaba yishwa elikhulu ukuthi umphakathi ungalahlekelwa wutshalomali olungaka oluzoshintsha izimpilo zabantu futhi luthuthukise iMelmoth ibe ngelinye lamadolobha amakhulu anezimayini kuleli,” kusho uMnuz uXulu.

UXulu uchaze ukuthi umphakathi kumele ufunelwe izabelo esikhundleni sokuvimba ukutshalwa kwezimali.

Umphathi wohlelo lweJindal Africa, uMnuz uShaitan Chouhan, uthe le mayini ibikezela amathuba emisebenzi ayizinkulungwane ezili-15 futhi izonikeza namathuba emfundo entsheni yakuleli ukuze ifunde phesheya.

“Naphezu kwezingqinamba inkampani ebhekana nazo ekuthuthukiseni i-Melmoth Iron Ore Project. Le nkampani isebenza ngaphansi kohlaka lokulawula oluchazwe yimithetho yezwe kanye nemihlahlandlela yezindlela ezingcono zamazwe ngamazwe ze-United Nations emzamweni wayo wokusebenzisa utshalomali luka-R15 Billion. endaweni kaMasipala waseMthonjaneni. Le nkampani izimisele ngokubonisana kabanzi futhi ihlanganise zonke izinhlaka,” usho kanje.

Scroll To Top