UMashaba ugadla ngamadodakazi kaKhongolose



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Iqembu lalowo owayeyiMeya yaseGoli, uMnu uHerman Mashaba , i-Action SA, seliqalile ukuziveza ukuthi selikhona enkundleni yezombusazwe njengoba selemukele abanye babaholi abahlubuka kwamanye amaqembu.
Kuyinto lena ejwayelekile eqenjini uma lingena kwezombusazwe njengoba bebabaningi osopolitiki abashiya amaqembu abasuke bengeneme kuwo bazibandakanye nalo ikakhulukazi ngalesi sikhathi okusuke kubhekwe ngaso okhethweni.
Nalo leli qembu seliqalile liyakwenza lokho njengoba selimukele amadodakazi kaKhongolose abaziwa ngokungathuli uma kukhona angakuboni kahle okunguDkt uMakhosi Khoza owayeganele kwaSikhosana noNkk uVytjie Mentor.
Laba bobabili bangabanye asebenqume ukubambisana noMashaba ezifisweni zakhe nababemcele ukuba asungule leli qembu ekutheni bakhe iNingizimu Afrika engcono uma kwenzeka amavoti ebavuma.
UDkt Khoza wayengumkhulumeli we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, waba yilungu leSishayamthetho sesifundazwe waphinde wenziwa uSotswebhu omkhulu.

Ube eseqokelwa ukuba ilungu le Phalamende lapho abeyisilomo khona ezingeni lepolitiki kazwelonke ngesikhathi ehola ikomiti elaqoka uMvikeli Womphakathi, uNksz uBusisiwe Mkhewebana.
Waba sematheni ngesikhathi yena namalungu athile kaKhongolose ePhalamende bephumela obala efuna owayenguMengameli uZuma akhishwe esikhundleni. Nokho kwagcina kuhambe yena kuqala waduba wayosungula iqembu lakhe i-ADeC nalo agcine eselishiya njengoba esejoyina uMashaba.
UNkk uMentor yena wake waba yilungu le-ANC ePhalamende kodwa ubengundabamlonyeni ngokukhipha izinsolo ezazithinta umndeni wakwaGupta nobudlelwano owawunabo noMsholozi.
Phakathi kwalezi zinsolo wayebala nokuthi wabizelwa emzini wakwaGupta eSaxonworld wathenjiswa isikhundla sokuba uNgqongqoshe kodwa wenqaba uZuma ekhona
Lobu bufakazi bakhe wabuthatha wayobethula kowayenguMvikeli Womphakathi, uSolwazi uThuli Madonsela.
Yilapho okaMadonsela ahlanganisa khona umbiko owabe uyalela ukuba kwenziwe ikhomishini okuyilena eholwa Iphini likaMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo ukuze kuvele ubuqiniso ngokwabe kushiwo yilaba ababethi banobufakazi ngokubhozonyelwa kombuso umndeni wakwaGupta.
Ngaphandle kwalokho laba besifazane sebeqalile banxenxa abantu ukuba bazihlanganise naleli qembu.
UDkt uKhoza ubonakala ngisho ekhasini lakhe elikuTwitter lapho etshela khona abantu ukuthi sekuyisikhathi sokuba bazihlanganise neqembu elingezukubabuyisela emuva.
“Sikhathele i-ANC ehlale ikhala ngabelungu kodwa uma ubheka isiyakhe inqwaba yosozigidi babamhlophe ukwedlula uhulumeni wengcindezelo. Ngaleso sikhathi abantu abamnyama basaqhubeka nokuhlupheka ezweni labo. Sidinga iqembu elizosebenzela wonke umuntu. i-Action SA yilona qembu elizokwazi ukwenza umsebenzi wenzeke ngokumela abantu ngokweqiniso. Sikhathele inkohlakalo noHulumeni obuswa ngobungani,” usho kanje ebhala kuTwitter.
UNkk uMentor yena washiya i-ANC wajoyina iqembu likaMfu uKenneth Meshoe okuyi-ACDP.
Utshele abezindaba ukuthi yize elishiyile leli qembu kodwa usakholelwa ezimisweni zalo ezibekelwe ebhayibhelini nakuNkulunkulu.
Uthe yize kunjalo kodwa iqembu likaMashaba ubona kuyilo eselingakwazi ukubhekana ne-ANC lisukumele nesimo iNingizimu Afrika ebhekene naso.
“Empeleni wonke amaqembu asebekhona alikho eselikwazile ukubhekana ne-ANC. Ngisho iDA ihlulekile ngakho i-Action SA yilona qembu engilibona liletha ithemba futhi lizokwazi ukwenza lokhu nami engikholelwa kukho okuwubulungiswa nokulwela impilo engcono kubantu,” kusho uNkk Mentor.
Uthe nguye owahamba wayozicelela kuMashaba ukuba ajoyine iqembu lakhe ngoNtulikazi ngoba enesifiso. sokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika. “Akukho sikhundla engisibhekile kodwa nginqume ukuya kuMashaba ngacela ukusebenza naye njengabo bonke abantu. Empeleni naku-ACDP ngenzenjalo ngahamba ngayocela ukusebenza nabo ngingabheke lutho noma ukunikezwa isikhundla esithile. Namanje yilokho engikwenze kuMashaba njengoba sengijoyine iqembu lakhe,” kuchaza uNkk Mentor.
Ubufakazi abethula kokaMadonsela baholela ekuzalweni kombiko owaphuma owabe ungowokugcina ebuholini bokaMadonsela owabe ubizwa ngokuthi iState of Capture okuyiwo okubhungwa wona ekuKhomishini kaZondo.