Now Reading
Ayaphela amaphupho ngemidlalo yebhola lomnqakiswano
Dark Light

Ayaphela amaphupho ngemidlalo yebhola lomnqakiswano

Akusekho ukubuyela emuva kuyasuka namuhla ngemidlalo  yeyoMhlaba yebhola lomnqakiswano eCape Town International Convention Centre (CTICC), kuze kube zili-16 kuNcwaba.

Kungokokuqala emlandweni usingathwa ezwenikazi. Ngaphambi kokuqala kwayo leNdebe YoMhlaba ngeledlule kumenyezelwe izindaba ezinhle zokungena kwabanye abaxhasi okuyiHollywoodbets,iRedBull, iWoodlands Dairy (First Choice), iMitchum neBloc Footwear. 

Emasontweni edlule kwahoxa inkampani iVitality esebe abaxhasi kulo mdlalo isikhathi eside, lokho kwadala ingabazane yokuthi kungaphazisa izinhlelo zeWorld Netball.

Zikhona izinkampani ezisazoqhubeka nokuba abaxhasi okukhona uTelkom noSpar. Isikhulu seNetball South Africa (NSA) uBlanche de la Guerre uthe imidlalo yeNdebe yoMhlaba ngeke iphazamiseke ngenxa yokucishwa kukagesi. Uthe iNSA iqinisekiswe yidolobha laseKapa ukuthi ngeke kucishwe ugesi eCape Town eCTICC kanye namahhotela azobe ehlezi abadlali nezikhulu.

“Sibe nezingxoxo nedolobha laseKapa kanye ne-CTICC, ngokubambisana benze uhlelo lokuthi ngeke kucishwe ugesi. Asikwazi ukuphelelwa ugesi ngoba ziningi izinkampani ezehlukahlukene ezizobe zisakaza bukhoma lemidlalo. Sifuna abadlali bamazwe ngamazwe bazibonele ubuhle beNingizimu Afrika” kusho uDe la Guerre. 

ElaboHlanga lizobheka umlando walo mqhudelwano.

Iqembu eselinqobe lo mqhudelwano amahlandla amaningi: I-Australia izikhathi ezili-11.

Iqembu elivikela isicoco: INew Zealad

Amaqoqo, kanye nendawo iqembu elikeliswe kuyo emhlabeni:

Iqoqo A:

Australia (1), Zimbabwe (13), Tonga (7) neFiji (17).

Iqoqo B:

I-England (3), Barbados (14), Malawi (6) neScotland (10).

Iqoqo C:

INingizimu Africa (5), Wales (9), Jamaica (4) neSri-Lanka (15).

Iqoqo D: 

INew Zealand (2), Trinidad & Tobago (11), Uganda (8) neSingapore (28).

See Also

Amaqembu ayizimfivilithi:

I-Australia, iNew Zealand, i-England kanye nosokhaya iNingizimu Afrika. 

Imidlalo ezovula namuhla:

9am | Pool D

INew Zealand neTrinidad & Tobago ngele-9 ekuseni

I-Australia neZimbabwe ngele-11 

INingizimu Afrika neWales ngelesi-6 kusihlwa

I-England neBarbados ngele-8 kusihlwa. 

Scroll To Top