Now Reading
Kuyakhula ukukhathazeka kweMelika ngamaShayina
Dark Light

Kuyakhula ukukhathazeka kweMelika ngamaShayina

UNobhala waseMelika u-Antony Blinken uxwayise “ngokuziphatha okuyinkinga” kweChina ngesikhathi evakashele esiqhingini sasePacific iTonga ngoLwesithathu, ephawula ngokuhloma kweChina eSouth China Sea nalokho akubiza ngokuthi ukucindezela kwezomnotho.

Ukuba khona okukhulayo kweChina esifundeni, okugcine ngokuthi  kusayinwe isivumelwano sokuphepha neSolomon Islands ngonyaka odlule, kubangele ukukhathazeka eMelika nase-Australia mayelana nezifiso zeBeijing, futhi kwabangela ukwanda kosizo nokuzibandakanya kwaseNtshonalanga.

UBlinken uthe esithangamini nabezindaba i-Melika ayiphikisani nokusebenzelana kweChina nalesi sifunda kodwa kunokukhathazeka ngokuthi ukutshalwa kwezimali kwayo kumele kube obala futhi kwenziwe ngezimali ezisimeme.

 “Ngicabanga ukuthi enye yezinto esizibonile ukuthi njengoba ukusebenzelana kweChina esifundeni (i-Indo-Pacific) sekukhula kube khona, ngokubona kwethu, ukuziphatha okwandayo okuyizinkinga,” kusho uBlinken. Phambilini pube nezingxoxo noNdunankulu waseTonga uSiaosi Sovaleni ngokubaluleka kwamasu kwesifunda sasePacific, ngaphambi kokuvakasha kwakhe emazweni amabili amakhulu aseSouth Pacific, i-Australia neNew Zealand. Uthe iMelika izibophezele kwi-Tonga neziQhingi zasePacific ezibanzi.

Uhambo lwakhe lungolwakamuva lwesikhulu esiphezulu saseMelika esifundeni, kanti uMongameli uJoe Biden ubambe ingqungquthela yokuqala ngqa eWashington nabaholi beziqhingi zasePacific ngoMandulo odlule. Ingqungquthela yesibili ihlelelwe ngasekupheleni kwalo nyaka. Eminyakeni yamuva nje, i-China ixhase ngezimali ingqalasizinda futhi yandisa ubukhona bayo bezokuxhumana esifundeni.

UNgqongqoshe Wezangaphandle waseChina, uWang Yi, uthathe uhambo lapho evakashele khona izindawo eziningi ePacific ngonyaka owedlule. Kube nokwanda okukhulu ekuxoxisaneni nasekuxhaseni ngezimali okuqhamuka kwamazwe aseNtshonalanga ukuze kuliwe nalokhu kusondela kweChina.

See Also

UNobhala Wezokuvikela waseMelika uLloyd Austin uvakashele ePapua New Guinea kuleli sonto ngaphambi kokulibangisa e-Australia lapho kuzoqalwa khona umkhankaso omkhulu wezempi ohlanganisa i-Australia neMelika UMongameli waseFrance u-Emmanuel Macron naye ukulesi sifunda uvakashele izindawo zaseFrance, i-Papua New Guinea neVanuatu.

Enye yezinto ezikhathaza kakhulu amazwe aseNtshonalanga amazinga ezikweletu esifundeni. ITonga inezikweletu ezinkulu eBeijing futhi kuke kwaba nemibuzo ngokuthi isizwe esingaphezudlwana kwe-100 000 sizosikhokha kanjani leso sikweletu. U-Sovaleni uthe esithangamini sabezindaba  iTonga iqale ukukhokha isikweletu sayo futhi ayinakho ukukhathazeka ngobudlelwano beTonga neChina, obugxile kwezentuthuko njengengqalasizinda.

UBlinken uzovula ngokusemthethweni iHhovisi LeNxusa laseMelika enhlokodolobha iNuku’alofa ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu ngaphambi kokundizela eWellington, eNew Zealand.

Scroll To Top