Kubhekwe izinguquko ku-ABC Motsepe eKZN
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi zibe ningi izinguquko ezinhle ngesizini ezayo ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal. NgeSonto iSouth Africa Football Association (SAFA) esifundazweni eholwa uKwenzakonke Ngwenya, ibize umhlangano wezikhulu zamaqembu ali-18 azobe egijima ku-ABC Motsepe League. Umhlangano ubuhlelelwe ihora le-11 ekuseni, eRoyal Hotel, eThekwini. ElaboHlanga likhulume noNgwenya, obebalula ezinye izinto okuzobe kukhulunywa ngazo kulo mhlangano.
“Siyokhuluma ngabaxhasi esizoba nabo kule ligi ngesizini ezoqala esibheke iqale emasontweni azayo. Sizophinde sazise izikhulu ngomqhudelwano ozoba khona, okuzobe kungokokuqala kwenzeka lokho.” Lo mqhudelwano ongumkhumulajezi uzothulwa ngokumthethweni mhla zimbili kuNcwaba uqale ngayo le nyanga futhi amaqembu azozuza kakhulu ngalo mqhudelwano.
Iligi yaKwaZulu-Natal ike yabalwa namanye anezigameko ezingekho zinhle, okubalwa nokungapheli kwemidlalo, nokushawa konompempe kodwa uNgwenya uthe konke lokhu kuzophela.
“Kuzoshintsha ukwenza kulokhu, amaqembu kuzophoqeleka ukuthi adlale enkundleni ebiyeliwe. Uma kungenjalo, kuleyo nkundla kuzoba nonogada abalinganiselwa kwabangama-20 kuya phezulu abezobe beqaphe izimo ezingaphazamisa imidlalo. Ezokuphepha zona zizoqina kakhulu, iyona into esiyibeke eqhulwini” kusho uNgwenya.
NgoMsombuluko kuphume isinqumo ngecala ebelibhekene noMsinga United obe ngompetha kulesi sifundazwe, nophume phambili ngokusolakala ngokuqhumisa izibhamu eHarry Gwala Stadium ngesikhathi semidlalo yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship.
Kodwa uMsinga United ube usuhlawuliswa izinkulungwane ezingama-R200 ngenxa yokulimaza inkundla. Uphinde wajeziswa ngokuthi uzodlala imidlalo emithathu ngaphandle kwabalandeli.
UNgwenya ephawula ngalokho uthe: “Kuliqiniso ukuthi uMsinga United uzodlala imidlalo emithathu ngaphandle kwabalandeli. Siyisigungu sizohlala phansi sidingide ukuthi kuzoba imiphi leyo mdlalo. Kule midlalo emithathu, izindleko zonke zizobhekana nawo-UMsinga United” kubeka uNgwenya. UMtimande (abakaNgwenya) uveze ukuthi kuzoba nomhlangano ozothatha izinsuku ezine, ozobe unezimenenja zamaqembu kuphela ngenhloso yokuzifunda ngemithetho eyehlukahlukene.
Kule ligi ezoqala ngeke kube namaqoqo njengoba bekwenzeka kumasizini edlule, kodwa izoba iqoqo elilodwa. Lokho kuzodala ukuthi ushube umbango njengoba iqembu kuzomele liqede imidlalo engama-34 ukuze libe ngompetha.