Now Reading
OyiSILO ungumsamu wethu ophilayo
Dark Light

OyiSILO ungumsamu wethu ophilayo

Ngubani uMdlokombane? Kukhona isithombe seSilo esebuzile sivunule eyobuKhosi, eSandlwana. Kulesi sithombe iSilo sihlobe ngedlokolo lapha phezulu, bese phezu kwamahlombe kuthi nethe umhlwenga, wena owabona iBhubesi. Kwesokunxele iSilo siphethe isihlangu kuthi kwesokunene siphathe isizenze sobukhosi bese lapha esihlakaleni iNkosi ilengise ishoba. Kukhona indaba engayizwa ikhulunywa yiNyosi yeSilo ubaba uMdletshe. Kukhona futhi eyesibili engayizwa ikhulunywa yiNkosi yakwaMahlangu emsakazweni iSAFM nomsakazi uNaye Luphondwana.

UMdletshe uthi iSilo sake sahambela kwelinye izwe e-Europe, uyalisho igama lezwe, yimina ongasalikhumbuli. Uthi sathi uma ngabe sithi cababa kulelo zwe, samukelwa yizikhulu zombuso. Ngesizathu sokuthi yena kwakufanele asize ayehamba nabo ukuqikekela ukuthi izikhwama zabo kaziduki, wasala, iSilo sahamba nezikhulu lezo. Kwathi uma sifika iSilo ezindlini zombuso wakulelo zwe izikhulu zase zicela ukuba iNkosi ingene ngaphakathi. Uthi uMdletshe iSilo sathi, ‘Angeke ngingene kulezi zindlu uMdletshe engekho’. INkosi yayisho ukuthini la, ngoba lawa mazwi adephile?

UMdletshe uyixoxa lendaba ngoba waye kade ebuziwe ngowaye khuluma naye ukuthi umsebenzi weNyosi ubaluleke ngani? Waqala wabuzwa ukuthi yini umsebenzi weNyosi? Uthi umsebenzi weNyosi wuku khulumisa amaKhosi, kusukela kwese siHlalweni aze ayoma ngeLembe, elingumnikazi wesiHlalo. Usexoxa lendaba ukukhombisa ukuthi kukhona izinto iSilo esingena kuzenza ngaphandle kwakhe.  Lendaba exoxwa nguMdletshe ngiyithatha njengendaba enkulu kakhulu. Lena yindaba yezwe likaZulu, isiqalo nesisekelo sobuKhosi beZwe. Hhayi nje besizwe kodwa beZwe. Uthi uMdletshe kwakhishwa imoto ukuba iye esikhumulweni sezindiza, iyomlanda ukuze azokwenza umsebenzi wakhe.

UMdletshe ukhulumisa amaKhosi. Lapho kukhona khona iSilo, naye ukhona, ukhulumisa amaKhosi. Umbuzo wami uthi uMdletshe uwakhulumisa elaphi amaKhosi? Uma iNkosi ithi ayingeni ‘kulezi zindlu uMdletshe engekho’ ithini ngayo? Yini le eyaziyo ngayo esingayazi thina kodwa iNkosi eyiphilayo? Lendaba exoxwa nguMdletshe ihlaziyani ngeSilo esivezela ubunjalo ngesiqu saso? Lapha indaba inoMsamo. UMdletshe wayengaqondile ukusho lokhu futhi akakushongo, kodwa waveza iqiniso esingalazi engaqondile. INkosi yamakhosi iSilo Samabandla Onke singuMsamo. UMsamo yisiqalo yisiphetho nesisekelo senkolo yesintu. Ngiyakhala kakhulu ngokuthi indaba yokuthi iSilo singuMsamo asiyazi futhi ayifundiswa.

INkosi yakwaMahlangu ichazela umsakazi uNaye Luphondwana ukuthi iyini iNkosi. Ithi, uma iNkosi ithabatha ubuKhosi kukhona isikhathi lapho izila khona igonqile. Yisikhathi lapho iNkosi ingenwa khona ngaMandla obuKhosi. AMandla obuKhosi ngamandla ayiSo likamoya. INkosi iba namandla obuhlakani ekwazi ngawo ukubona lapho kungaboni khona muntu, wokwazi izinto ezingaziwa muntu. INkosi uMahlangu ithi ngaMandla lawa obuhlakani. Umbuzo wami wesibili uthi lawa Mandla aqhamuka phi? Ukuphi umsuka wawo? Akuwona na lawaMakhosi akhulumiswa nguMdletshe?

AmaKhosi ambethe esesiHlalweni akuwona ayiSo elibheke iZwe lonke, elibona amagumbi wonke ezwe bese konke okubi nokuhle kukhanye eNkosini eyengamele iZwe ngokwenyama? Yiwona mqondo lo obekwa yiNkosi yakwaMahlangu. ISilo, ngelinye ilanga, sihambele esinye isizwe siyogcoba iNkosi yaso. Uma se igcotshiwe iNkosi iSilo siyalela yona iNkosi isigaba sesibili esizoqala emzini wayo siphothulwe eSigodlweni. Naso lesi sigaba sesibili yindaba yoMsamo, wayo iNkosi yesizwe leso, oyokwethulwa eSigodlweni. Umbuzo wesithathu uthi, ngubani ohola imimaso yesizwe lapha eZweni leSilo. Namuhla siyaye sibone abantu bethatha imisamo yemizi yakwabo beyoyifaka emasontweni abakhonza kuwo. Kungabe kusayindlela yini le?

See Also

Umsamo unendlela ophathwa ngayo. Eyokuqala yinhlonipho eyesibili wukusatshwa. Siwuhlonipha ngokuthi siwusabe umsamo. UMfundisi J.L. Dube uyakuveza lokhu kokuthi iSilo sisihlonipha ngokusisaba, encwadini yakhe ethi Insila kaTshaka. Okusasisalele thina wukuthi sazi iNkosi yethu ngokwakhiwa kwayo ngabazali baleli liZwe, siyikhonze. Bese siyithwala siyoyibeka esicongweni sombuso nohulumeni wesifundazwe. Kungabi yiNkosi yamaZulu nje, ngoba lapho inhloso wukuyinciphisa. Kodwa kube yiNkosi yesifundazwe ngokusemthethweni, iNkosi yawo wonke amaZulu nabo bonke abase sifundazweni.

ISilo sibe wuMsamo kahulumeni nezishaya mthetho lapha esifundazweni. Umsebenzi wabo bawenze bazi ukuthi isiHlalo esadalwa ngabazali beZwe nakho konke esiyikho nesake saba yikho singaphezulu kwabo basihloniphe ngokusisaba. Uhulumeni ngeke ayisabe iNkosi yethu nobuKhosi uma thina singayisabi, ngakho ingcabha isele nathi.

Scroll To Top