Maningi amaqembu akhombe indlela abaqeqeshi


UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Njengoba kuphekwa kuthululwa kuwona wonke amaligi emhlabeni jikelele naku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal kwenzeka esifanayo.
Wonke amaqembu akule ligi aseqalile ukuzilungiselela isizini ezayo, yize engakazi ukuthi izoqala nini. Abazi kangcono ngaleligi bakubeka kucace ukuthi ngesizini ezayo uzoshuba kakhulu umbango, njengoba kungeke kusadlalwa ngamaqoqo. Kusukela kwafika ukhuvethe amaqoqo abesehlukene kabili, amaqembu eba lishumi eqoqweni.
ElaboHlanga elingazibekile phansi lifuna ukwazi ukuthi kwenzakalani kulesi sigaba seliwahhoshile amagama abaqeqeshi asebehlukene namaqembu abo.
Izindaba ezishaqise abaningi ezoMvoti FC ememezele u-Ayanda “Cobra” Dlamini njengomqeqeshi omusha. UDlamini ngesizini esanda kusongwa ubeqeqesha AmaZulu FC.
UMvoti umemezele ukuthi uDlamini uzolekelelana noPhelelani Mpangase kanye noLindokuhle Bhengu.
UMafa Zuma obeqeqesha iSummerfield Dynamos usehlukene naleli qembu asehlale kulo isikhathi eside.
UZuma ubethathe izintambo kuClinton Larsen onyelwe inyoni esandleni wayoqeqesha iMagesi FC edlala kuMotsepe Foundation Championship.
Ngokuthola kwelaboHlanga izintambo zizothathwa uClaude Tarin obeyisekela likaZuma yena mase ezolekelelwa uThabani “Fish” Zondo.
UDoctor Mkhonza obekuMsinga United naye ligqashukile igoda naleli qembu acishe alifaka kuMotsepe Foundation Championship.
UMkhonza usezoqeqesha uMkhumbane Classic kaSthembiso “Mashalofu” Mabaso.
UMkhumbane Classic uqasha uMkhonza nje uhlukane noDominic Isaacs kanye noSithembiso Ngcobo bodumo kuKaizer Chiefs.
Abanye abaqeqeshi abahlukene namaqembu uSiya Mdluli obekuMkhambathi FC nawufaka kuLast 32 yeNedbank Cup.
IGreen Wood Park (GWP) Friends nayo ihlukene noPhilani “Maoti” Shange.
Iqembu lakaNongoma iNjampela FC nalo lihlulekene nobengumqeqeshi walo uThulisani “Gattuso” Latha nesekela lakhe uPhakamani “Casillas” Nxumalo. INjampela FC ibe isiqasha uTsepo Motsoneang owake wavimbela iSantos.
UThobela Dikwane naye uhlukene neStone Breakers, uhambe noFana Shandu obeyiMenenja. UShandu usezobonakala enza umusebenzi wobuMenenja komakoti iHellenic FC edle umhlanganiso isuka ku-SAB League. UDikwane uyanukeka ekutheni kungenzeka kube nguye oqeqesha iHellenic ngesizini ezayo.
UGeorge “Nola” Khanyile imubuyisile i-Asande FC ekutheni azoqeqesha njengoba ebesehlukene naleli qembu kumasizini edlule. IMuzi King Masters iqashe uNtokozo Myeni, owake waqeqesha i-Asande FC nePSG Amabhaca.
Olunye udaba oluthuse abaningi ukuhlukana kukaTom Dlamini neMilford FC okuvela ukuthi ithenge uThongathi FC.
Abanye bathi bekungamele iMilford FC ixoshe uDlamini kakhulukazi mabephelela kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
“Ingithusile lento kaTom, bekungamele bamuxoshe. Ebholeni uyamdinga umuntu onjengaye, kungcono ukube iMilford FC izobe idlala esigabeni seMotsepe League manje mawukuthi iyakhuphuka imdinga kakhulu. Ngiyisikhulu mina bengizombuyisa ngokushesha” kusho omunye wabaqeqeshi abahlonishwayo kuMotsepe League.
Enye imenenja ehlukene neqembu uBongani Nkosi obeku-Asande FC. Okunye amaqembu amabili asedayisiwe lapho kubalwa uMtuba All Stars neHappy Wanderers.