Sekulele kuNSL ekushayeleni isipikili ngokuthengwa koThongathi FC
Iqembu lizoqhubeka lizinze esifundazweni lisebenzise inkundla eMlazi naKwaMashu
Selidayiselwe iMilford FC yaseRichards Bay iqembu elizinze eThekwini eligijima kuMotsepe Foundation Championship, uThongathi FC.
ElaboHlanga lihabule ngemithombo yalo ethembekile ukuthi iMilford isiqede yonke into noThongathi FC.
Leli qembu laseThekwini belidonsa kanzima ngasezimalini okuholele ekutheni ligcina lidayisa.
“IMilford noThongathi sebeqede yonke into ngendaba yokudayiselana. Izingxoxo zokudayiselana zithathe amasonto amane. Bekungelula. UDokotela uPhuphuma ophethe iMilford ukhiphe uR12 million ethenga leli qembu,” kuchaza umthombo.
IMilford iphoxeke isithembile ngezinhlelo zayo zokunyukela kuMotsepe Foundation Championship.
Ihlulwe nguMsinga ngo 1-0 ngemuva kwemilenze emibili. UMsinga yiwona ogcine umele isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni kazwelonke ebibanjelwe eMgungundlovu emasontweni edlule.
IMilford sekuphele iminyaka idlala ku-ABC Motsepe League. Eminyakeni eyedlule ike yangena emaqenjini angamashumi amathathu nambili kuNedbank Cup.
“UPhuphuma ubesezitshelile ukuthi kumnyama kobomvu iqembu lakhe ulifuna esigabeni esikhulu. Ubengananazi ngalokho. Yingakho lithe uma lihluleka wathatha isinqumo sokuthenga isitifiketi seqembu eligijima kuMotsepe Foundation Championship,” kubeka umthombo.
Izikhulu zeSummerfield Dynamos zike zazama ukuthenga uThongathi kodwa zahluleka zancama kwazise akuzange kuvunyelwane ngezimali.
“Njengamanje konke sekusele kuNational Soccer League (NSL) ekutheni iphasise isicelo sokudayiselana phakathi kwala maqembu amabili. Uma sesiphasile amaqembu azobe esenza isimemezelo esiqondile,” kuchaza umthombo.
Emasontweni azayo iMilford kubhekwe ukuthi iqale izingxoxo zokuqinisa isikwati sayo ukuze ingagawula yizembe.
“Iqembu seliqalile ukwenza amalungiselelo esizini entsha kuMotsepe Foundation Championship. Mancane amathuba okuthi isigungu esiphezulu kuNSL singangasiphasisa isicelo seMilford. Ngicabanga ukuthi womabili amaqembu akwenze konke okufanele ukuze isicelo sakhona siphase.” kuphetha umthombo othembekile.
IMilford ihlela ukusebenzisa iKing Zwelithini Stadium eMlazi nePrincess Magogo Stadium KwaMashu ngesizini ezayo kuMotsepe Foundation Championship ngenxa yokuthi iMhlathuze Sports Complex ayikulungele ukusingatha imidlalo yezinga eliphezulu.
UThongathi beludlala imidlalo yalo yasekhaya eMagogo kula masizini adlule.