Now Reading
Ngokuhluka kobulili kunendlela yokwenza izinwele
Dark Light

Ngokuhluka kobulili kunendlela yokwenza izinwele

Kukhona abenza impithi, isihluthu, abanye bashiye izimvu, kubhala uMuntu Xulu


Izinwele lezi zithanda umuntu oyinono nechophanzipho. Ziyakuceba nje khona zisuka phansi nje amadaka ukuthi azizange zigezwe zikanywe. Abanye-ke baze bahambe bephethe amakamu, bewafake emaphaketheni amabhulukwe ezinqulu, uma behamba, ubafice beyilokhu bezikama bume. Lomkhuba ngijwayele ukuwubona kwabaMhlophe namaNdiya, ngoba izinwele zabo zinjengenkoza yommbila, ziyashelela futhi. Abanye bathanda izinwele ezingagundwa, isihluthu. Kwabanye abangamanono, usifica lesosihluthu sicwebezela amafutha okuthengwa, zimnyama bhuqe kuhle okomule. Uzifice sezingumhanga wena owabona isambulela noma ikhowe. Ezinjalo-ke zihlala zikanyiwe, zagcotshwa ngamakha azifanelayo.

Uthini-ke ngabangazifuni izimvu emakhanda? Uthini-ke ngabangathandi ukuqhakaza emakhanda? Kungabe izinwele ezimhlophe ziyinkathazo yini kwabanye noma zingabe ziwufuzo noma sezikhomba ukuthi “guga sithebe, kade wawudlela,” ziyisiphosiso yini? Kwabanye izinwele ezimhlophe kazifunwa nje nangempela. Abanye baze bathenge izinongo nezigqabo abazozigcoba ngazo, ukuze ubumhlophe obukhomba ukuthi “mide iminyaka” bungabonakali. Kanti-ke abanye bayathanda uma sebeqhafaza befafaza bexuba, ngoba bethi lezozinwele ezimhlophe yizimvu, ezikhomba ingcebo noma ukuthi bazoceba. Noma kuwufuzo, abanye bathanda kunjalo.

KwaZulu, kusadliwa ngoludala, kusakhonjwa ngophakathi okhomba amakhosi oselwa, izinwele lezi zazilungiswa ngezindlela ezehlukeneyo. Ngisho nanamuhla ezindaweni zabantu kusekhona abasazilungisa ngendlela ezazilungiswa ngayo uZulu esabusa. Wawufica abafana namantombazane, izintombi nezinsizwa izinwele lezi bezilungise ngendlela ekhangayo nekhombisa ubuciko obuthile. Namadoda aseganiwe ngisho namakhosikazi ayenendlela ayezilungisa ngayo izinwele. Abasha babethanda ukuzishaya zibumbane zibe namaqhakuvana amancane, bozenza umzonyo, abanye bazilungise zibe nemiyeko ngenhla, kuthi lapha ngezansi bazenze umzonyo. Bakhona-ke abazenza igoda, uluphotho, nabazigunda umpendlemana, nabuziqhinayo, nabazeluka isibhaca, nabazenza isicelankobe, nabazigunda isiguqa, nabazishiya isihluthu, nabazilungisa isiyendane.

Zibumbane zibe namaqhakuvana amancane, bozonza umzonyo, abanye bazilungise zibe nemiyeko ngenhla, kuthi lapha ngezansi bazenze umzonyo.

Abadala-ke bona bavamisa ukuzilungisa amantentezo okuthiwa amangenge. Abesifazane  bakhehla izinhloko, amadoda aseqinile athwale izicoco kumbe ungiyane.

See Also

Kukhona-ke nokugunda izinwele ngoba kuvele isifo ekhaya. Uma kugundelwa isifo abagundwayo bayaye bagundwe badlikizwe nje kabi, okukhombisa ukuthi bezwe ubuhlungu ngalowo obashiyile ekhaya, nokuthi bazilile uma benjalo. Abanye-ke bagunda mhla kwehlambo, lapho kuhlanjwa khona isinyama esibangelwe ukushona komunye ekhaya, ebese begezwa ngomswane. Izinwele-ke zona ziyalahlwa, abanye bazilahla emfuleni ogobhozayo, abanye bayazishisa, kuye ngamasiko enziwa yizibongo ezehlukeneyo.

Kukhona-ke abantu abangafanele ukuba bagunde iBhayibheli elibabiza ngokuthi ngamaNazari, okungabantu insingo engafanele ukuba ihlale emakhanda abo. UmNazari esimkhumbula kahle eBhayibhelini nguSamsoni owayenamandla kakhulu, owayenqoba amaFilisti, okwaze kwathi uma esemelukele iqhinga lokumbulala, amcupha ngenkosikazi yakhe uDelila, owambuza ukuthi kwenziwa yini ukuba angazigundi izinwele zakhe na? USamsoni ngokumthanda umkakhe uDelila, wamtshela-ke ukuthi kwenziwa ngoba amandla akhe esezinweleni, kwaba njalo iqiniso selidalulekile, umkakhe wamgunda izinwele elele, waphelelwa ngamandla.

Scroll To Top