Iqiniso lithi uDe Klerk wavula umnyango owabe usuvuliwe



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngesonto eledlule ngike ngaba nenkulumompikiswano nabathile negcine isinabela ezinkundleni zokuxhumana. Indaba ibingalowo owanguMengameli wakuleli ngaphansi kobandlululo uMnu uFrederik Willem de Klerk. Ukukhuluma kuqalwe wumbiko weSABC obuveza umlando wamhla zi-2 kuNhlolanja we-1990 nayilapho lo mholi amemezela phakathi kokunye ukukhululwa kwesiboshwa uNombolo 46664.
Lesi siboshwa kwabe kunguMnu uNelson Rholihlahla Mandela nowagwetshwa udilikajele yinkantolo ngecala ‘lokuvukela umbuso’. Akugcinanga lapho isimemezelo sathinta nokuvulwa kwemilomo kwezinhlangano zombangazwe zaboHlanga okuyiPan Africanist Congress (PAC), i-Azanian People’s Organisation ( AZAPO) neSouth African Communist Party (SACP).
Ngosuku lwangesonto bekuphela iminyaka engama-30 yalesi simemezelo. Inkulumompikiswano phakathi kwami nalabo ebenginabo wukuthi ngokwabo u-de Klerk wenza isenzo ngokwabo esimenza abe yiqhawe lenkululeko ngoba nakhu inkulumo yakhe yakhulula izishoshovu phakathi kokunye. Kwabe kungekhona okwami ukuba ngiphikise uma bethi bona babona kanjalo kepha engakubona kumqoka phakathi kwethu wukuvumelana ngokuthi engabe umlando noma ngithi isigameko leso sisiqonda ngokufana na. Lokhu kumgqoka ngoba eNingizimu Afrika kuyanda lokhu kokuthi abantu baphikisane sengathi banolwazi olufanayo ngalokho okusuke kukhulunywa ngakho.
Kuhlale kungumbono wami ukuthi ezinye zezinto ezisemqoka ekuxoxeni ngenhlukanobunjalo yenhlalo kuba wubumqoka besimo senhlalo okuyisona esillolonge noma esibe nomthelela ebukhoneni bezenzeko. Embhalweni wami kuleli phephandaba ngoLwezi wezi-2019 ngaphansi kwesihloko esithi: ‘Umlando Wepolitiki: Sinjena nje kwasuka lapha’ ngangizama ukwendlalela noma yiyiphi inkulumompikiswano ngeqhaza lika-de Klerk ngenhloso yokuthi siqonde ipolitiki yesimomazwe ngaleso sikhathi. Yikho nanamuhla ngingananazi ekutheni yihaba ukuthi ubandlululo lwaqedwa yindoda okuthiwa ngu-de Klerk njengoba naye ethanda ukuba kwaziwe kanjalo. Kulo mbhalo ngaveza ubufakazi bokuthi izinguquko kupolitiki yaseWestern Europe, e-United States of America (USA) naseSoviet Union zaba nomthelela omkhulu ekuguquleni umdlalo,
okuyipolitiki yombangazwe eNingizimu ne-Afrika. Lezi zinguquko zagqama kakhulu ngonyaka we-1986.
Zaba zine izigameko ezenzeka kulowo nyaka nezaguqula ipolitiki nomnotho wamazwe. Esokuqala saba seSoviet Union, ngalowo nyaka (1986) zingama-26 kuMbasa, lapho kwaba nenhlekelele yokuqhuma kwesiphehli senuzi eChernobyl. Le nhlekelele yabankulu kakhulu yahlaza iSoviet Union neyabe ihlonishwa emhlabeni jikelele. Isigameko sesibili ngomhla zili-12 kuNhlangulana uHulumeni wobandlululo washaya umthetho wesimo esibucayi nokwacija imikhonto ezweni. Kwathi ngoMfumfu kuwo lowo nyaka e-USA uMengameli uRonald Reagan wazithola esehlazweni ngesikhathi iNdlu YeSishayamthetho ivotela ngo‘elethu’ umthetho iComprehensive Anti- Apartheid Act of American Congress.
Ngalo Mthetho iComprehensive Anti- Apartheid Act we-1986, umkhankaso wamazwe angaphandle wokufaka inqubomgomo yonswinyo, ukuduba nokubhoncula izikhonkwane zomnotho eNingizimu Afrika kwafi nyelela ezingeni eliphezulu. Umhlangano waseReykjavik waqeda konke Konke lokhu okungenhla kwakha uvuthondaba okwaba wumhlangano phakathi kwenkukhu nempaka okuwuMengameli waseSoviet Union, uMnu uGorbachev nowase-USA uMnu uReagan. Kulo mhlangano kwaba nezivumelwano ezaphoqa ukuthi iSoviet Union yehlise ukuxhasa kwayo ezinye zezinhlangano emazweni angaphandle enye yaleyo nhlangano kwabe kuyi- African National Congress (ANC) neyabe isekhaleni lomzabalazo waboHlanga eNingizimu Afrika.
Lesi simo saphoqa ukuba iSoviet Union ifake ingcindezi i-ANC ukuba iye ezingxoxweni. Ngakolunye uhlangothi i-USA ngenxa yomthetho iComprehensive Anti- Apartheid Act yowe-1986, yaphoqeleka ukuba ifake ingcindezi kuHulumeni wobandlululo ukuba ungene ezingxoxweni naboHlanga. Kulokhu uReagan wabe ebambisene noNdunankulu waseBritain uNkk uMargaret Hilda Thatcher.
Abacindezelwa njengabakhululi
Kungumbono wami ukuthi uma lokhu okungenhla sekwamukelekile, ukuchaza kwesibili kumele kube yiqhaza labacindezelwa enkululekweni yabo. Lokhu kumqoka ngoba sekukhona nezithutha nje ezigabe ngeziqu zemfudo ezithi uma zikhuluma zakhe isithombe sokuthi aboHlanga bakhululwa muntu thizeni. Ukuze samukele ukuthi aboHlanga abakaze bakhululwe muntu kepha bazikhulula bona, kumele siqonde ukuthi umzabalazo awuqalanga ngonyaka we-1912. Umzabalazo wabo waqala engakabi bikho uhulumeni (njengoba simazi namuhla) zingakabi bikho ngisho izinhlangano lezi namuhla ezinye osekuyizo esezaba ngamaqhude ukuzibeka ngaboHlanga.
Baqala (abacindezelwa) ukulwela inkululeko ngesikhathi kufi ka umcindezeli ebamuka cishe wonke amalungelo abo. Kuzo zonke iziwombe zempi yokuchitha abafo (national wars of resistance), kwakusala abantu enkundleni kepha okunye okwabe kwenzeka igxathu eliya enkululekweni labe lona liya phambili. Sekungalishwa ukuthi kuthiwe cha konke lokhu kwabe kukuncane nje okukhulu yisimemezelo naso esingenziwanga ngumuntu owasho edela konke kepha esashiwo ngumuntu owabe yena nabakwabo sebesha nendlu. Wawusuguqe ngamadolo umnotho wombuso wobandlululo, sezingqongqoza zingqongqozile izizukulwane zabacindezelwa. Umnyango wawusuvuleka nokwenza nababusi bamazwe omhlaba babuka ipolitiki ngelibanzi bamukela ukuthi isingene eyaboHlanga. Engesithutha umfo ka-de Klerk naye wafunda kwezakhe ukuthi ithumbu selivuthiwe nokuthi intabamlilo isingadubula noma yinini. Lokhu kwenza wakhuluma lokhu akukhuluma. Uma eneqiniso ngeke aphike ukuthi noma ngabe akakhulumanga, umbuso wobandlululo wawungeke usaqhubeka ngisho iminyaka emihlanu ngenxa yezinguquko nxa zonke.
Ngakho kulabo abafi sa ukuncoma u-De Klerk ngithi kuhle kepha akanconywe ngakwenzayo. Akatuswe ngokukwazi ukuhlelembela abakwabo ukuthi bawele kahle kusukwa obandlululweni kuyiwa kudemokhrasi. Nembala ubuhlakani bakhe kwenza abakwabo nanamuhla bahlale banethezeke njengoba sibuka. Lapha kwaboHlanga singaqala sixoxe okunye hhayi lokhu kokuthi lo mfo wake wasenzela ufefe? Yinhlamba leyo, leli labuyiswa ngezingazi zamadoda nabafazi kanye nentsha yaboHlanga, asikaze sibe namsindisi ngoba noMandela kungethiwe nguye owakhulula aboHlanga. Empeleni yibo abakhulula yena.