Kulokhu uChamisa uthi uMnangagwa akagawule abheke



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi weqembu eliphikisayo iCitizens Coalition for Change in Zimbabwe, uMnu uNelson Chamisa usenxuse amazwe omhlaba ukuthi aqinisekise ukuthi ukhetho oluzayo kuleliyalizwe ngoNcwaba lube ngolukhululekileyo.
UChamisa ukhulume lokhu ubese Ningizimu Afrika lapho enze khona umhlangano eGoli lapho egcizelele ukuthi ukhetho lwalonyaka lubaluleke kakhulu eZimbabwe njengoba leliyalizwe libhekane nezingqinamba zezomnotho.
UChamisa uphinde wacela abaseZimbabwe abahlala kwamanye amazwe ikakhulukazi eNingizimu Afrika ukuthi babuyele ekhaya bayovota. “Abantu baseZimbabwe ngabantu abathanda ukuthula badinga usekelo lomhlaba wonke. Badinga ukwesekwa yisifunda kanye nezwekazi. Abantu base-Afrika bayayeseka imizamo yethu. Bayawusekela umzamo wethu wokuthula. Bayasisekela isicelo sethu soshintsho kanye nesizathu sethu soshintsho. Asifuni ukuthi iZimbabwe iqhubeke ibe yiva kwisifunda nezwekazi lonke. Sifuna iZimbabwe ibe yindawo yokubalekela futhi ibe yindawo ephephile ukuze i-Afrika ivakashe.”
UChamisa uphinde wakhwela wadilika kuMengameli u-Emmerson Mnangagwa ethi uzomhlula kukhetho olulindelwe ngabomvu kulelalizwe. “Asinqobi ngoba imvelo ivuma. Asinqobi ngoba ukhetho lukhululekile futhi lunobulungiswa. Sinqoba kuzo zonke izingqinamba futhi siyanqoba ngoba sesekwa abantu baseZimbabwe. Sanqoba ngowezi-2018. UMnu uMnangagwa wenza akwenzayo ukuzama ukudicilela phansi intando yabantu. Kulokhu ngeke sikuvumele abakwenze ngowezi-2018. Sizophinde siwine kodwa kufanele siwine ngezibalo eziphezulu.”
UChamisa usechithe imbono kalowo owayengumphathintambo wezokwethulwa kwemibiko eZimbabwe, uMnu uJonathan Moyo, othe amaqembu aphikisayo kuleliyalizwe abuthaka. Uthe (uChamisa) iqembu lakhe lizonqoba kulolu khetho. “Amaqiniso akhona athi amaqembu aphikisayo nguhulumeni olandelayo eZimbabwe. Amaqiniso aveza ukuthi lonke ukhetho lokuchibiyela salunqoba kwizinketho zokuchibiyela ezili-19 kwezingama-20. Okhethweni lwamakhansela esibe nalo kwayi-149 sanqoba angama-89. Ngicabanga ukuthi uphambanisa iZanu PF namaqembu aphikisayo. Iqembu iZanu PF lingeliphikisayo ngoba ngempela kuyothi zingama-23 kuNcwaba lizobalwa njengeliphikisayo.”