Now Reading
Abalimi bafuna ivalwe iTollgate yase Mooiriver
Dark Light

Abalimi bafuna ivalwe iTollgate yase Mooiriver

Kuvamile ukubikwa kobugebengu obenzeka kumgaqo kazwelonke uN3 eMooiriver ikakhulukazi lapho kusuke kuhlukumezeka abathutha impahla. Esigamekweni sakamuva ilapho kade kunezibhelu kwasha amaloli angaphezu kwama-25 ngosuku olulodwa. Inyunyana yabalimi IKwanalu ithi le tollgate ayivalwe ngoba buningi ubugebengu obuqhubeka lapha. 

UMnu uPeter John Hazzard onguMengameli we-IKwanalu ecacisa ukuthi yini le abafisa yenziwe kule tollgate uthe; “Esikucelayo ukuthi kushintshwe la ibekwe khona noma ivalwe. Ngoba ibanga izinkinga kumaloli aphethe umnotho ongena KwaZulu Natal noma obheke eGoli.”

Ephendula ukuthi ngokocwaningo labo yini eyenza le tollgate ibonakale njengendawo izigebengu ezingadla kuyona uthe lokhu kucacisa ukuthi ubugebengu buningi kakhulu kuleyandawo, wathi lokhu kuthikameza ngisho umnotho lapho iNingizimu Africa isuke ikhipha khona impahla ithengisela amanye amazwe njengoba impahla isuke iyogibela umkhumbi eThekwini, kanjalo nezinto ezithengiselwa amazwe asenhla nezwekazi i-Africa njengoba zisuke zikhuphuka.

“Thina njenga balimi izinto zethu ziyonakala azidingi ukuhlala emgwaqweni isikhathi eside. Kungaba izithelo, ubisi, inyama amaqanda lezo zinto ziyonakala kuyenzeka zonakale uma amaloli engakwazi ukudlula. Sibona ukuthi njalo uma kusuka udlame kulendawo kuhlukumezeka amaloli okuyiwo athwele umnotho. Kuku Hulumeni ukuthi uyayishintsha uyiqhubekezela kwenye indawo noma bayayivala kepha sinaleso sicelo,” usho kanje.

Ngesikhathi kunezibhelu kwabonakala kuchithwa ubisi elolini kwaba nemibuzo ukuthi kwenziwelani lokhu. Ecacisa ngalokhu uthe; “Ubisi alikwazi ukuhlala isikhathi eside emathangini. Uma luke langafika la elifakwa khona ezitsheni kusanesikhathi luyonakala. Inkomo yobisi isengwa njalo awukwazi ukuthi ngoba nakhu kunezibhelu uthe ngeke uyisenge ngoba izogula yona idalelwe ukukhipha ubisi.”

Esecacisa umonakalo odaliwe ukuthi ubengakanani owenzekile emadolobheni amancane uthe; “KoJozini nako Underburg balimele kakhulu noma sibona ukuthi kugxilwe kakhulu emadolobheni amakhulu. Lokhu kuzothikameza umphakathi ukuthi ukwazi ukuthola ukudla ukuze uphile.”

See Also

Ecacisa ukuthi ngabe bayaqala yini ukwenza lesi siphakamiso kuHulumeni ngoba lezi zigameko zijwayele ukwenzeka kulendawo, uthe kade kuqala izibhelu bekulisonto lokuqala bephezu kwaloludaba. Wathi bayasebenzisana nesifundazwe iFree State njengoba nabo bebahlinzekile ngolwazi abanalo. Bathi basafuna ukuhambela kahle lezi zindawo ezishayekile ngokwabalimi bese benika uHulumeni umbiko owanele ukuthi kungani kumele ivalwe noma isuswe le tollgate.

Esephawula ukuthi ngabe uHulumeni uthini ngalesi siphakamiso sabo ngoba ukuqapha kwamaphoyisa akwanele ngabe kukhona yini asebekutholile kuHulumeni uthe; “Siyaxoxisana noHulumeni, okwamanje sicele ukuthi uma sizohambisa ukudla emadolobheni ngokwahlukana kwawo kube khona amasosha noma namaphoyisa.  Ukuze kuqashwe lokudla.

NgeSonto kube nengozi eHarrismith yama iloli izakhamuzi zayihlakaza, lokho asikufuni ingakho sifisa uHulumeni asivikele ukuze sikwazi ukuphakela izakhamuzi zase Ningizimu Afrika ngokwahlukana kwazo” Uthe izivikeli ezinjengocingo ngeke zikwazi ukuvikela leyandawo ngoba namhlanje lukhona kusasa alusekho, wathi akaboni ukuthi amaphoyisa angahlala nsuku zonke kule tollgate ngoba muningi umsebenzi wamaphoyisa futhi kudinga babe khona yonke indawo ukuqinisekisa ukuthi ubugebengu abukho yonke indawo.

Scroll To Top