Now Reading
UZwane usephenduke iva elingabanguleki ezikhulwini zaMakhosi
Dark Light

UZwane usephenduke iva elingabanguleki ezikhulwini zaMakhosi

Amanye amaqembu apheka ayathulula kubaqeqeshi azilungiselela ukuqala kwesizini


Ayaqhubeka nokutheza abadlali abasha ngaphambi kwesizini entsha amaqembu agijima kuDSTV Premiership. Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela izindaba ezihlabahlosile kuleli windi lokuhwebelana.

UPule Mmodi: IKaizer Chiefs isethubeni elihle lokuhlabana ngesibabuli somdlali weBafana Bafana uPule Mmodi ophelelwa yinkontileka kuLamontville Golden Arrows ekupheleni kwenyanga. ElaboHlanga lihoshe izindaba zokuthi uMmodi ubefunwa  yi-Orlando Pirates, AmaZulu naMakhosi.

Usuthu luke lazama ukumsayinisa ngoMasingana kodwa izikhulu zaBafana Bes’thende zafuna itshe lemali. Inkontileka yakhe ne-Arrows iyaphela ngesonto elizayo. UMmodi uvele uyazifela ngaMakhosi. Ukhule eseka lezi zinkunzi zaseSoweto futhi kuyiphupho lakhe elidala ukudlala kulona. Izikhulu zeChiefs sezivumelene nomdlali nemeneja yakhe ngemuva kokuthi Usuthu ludonse izinyawo.

U-Arthur Zwane noNasreddine Nabi: Zithwele kanzima izikhulu zeKaizer Chiefs ngesimo sikaNabi. Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi Amakhosi axoxisana noZwane ngenhloso yokuthi imehlisele emaqenjini enkulisa noma inqamule inkontileka yakhe. Nokho kuvela ukuthi uZwane akayizwa eyokubuyela kwelenkulisa. Njengamanje usalelwe yiminyaka emibili kodwa uma iqembu linqamula inkontileka yakhe uzofuna itshe lemali.

UNabi ofunwa yiChiefs uzimisele ngokufika nethimba lakhe labaqeqeshi kuMakhosi. Uhlose ukufika nomqeqeshi wonozinti, umqeqeshi ovocavoca abadlali nephini lakhe. Lokhu kuphoqa izikhulu zeChiefs ukuthi zichithe uDillon Sheppard, uZwane no-Aubrey Mothibe okuyinto ezokwenza ukuthi ziqhume iphakethe. UNabi nezikhulu zeChiefs sebevumelene ngemali. Osekubambile indaba yethimba labaqeqeshi.

ULebogang Mabotja: Uyashuba umbango phakathi kweSekhukhune United neRoyal AM ngenxele ebeligijima kuMarumo Gallants uMabotja. Lo mdlali usanda kunqamula inkontileka yakhe neGallants kulandela ukuthi igawulwe yizembe kuDSTV Premiership. Inkontileka yakhe neGallants ibiphela ekupheleni kwenyanga. Leli phephandaba lihabule izindaba zokuthi womabili amaqembu asefake izicelo ezimbili ezahlukene ngoMabotja. Esokuqala umdlali nemeneja yakhe bazichithile. Njengamanje sebehlezi nezicelo zesibili. Isimo sabo sifaniswa nekati elibekelwe ushizi nobisi. Kubhekwe ukuthi bathathe isinqumo ekupheleni kwesonto.

See Also

UXola Mlambo no-Ebrahim Seedat: Ishiywa yizinsika zabadlali iTS Galaxy Football Club. Leli phephandaba lihoshe izindaba zokuthi uMlambo noSeedat ngeke bazivuselele izinkontileka zabo kuRockets. Bobabili sebeqalile ukuthungatha amaqembu amasha. Bajoyine uMelusi Buthelezi, uGiven Msimango, uMenzi Ndwandwe, uTshegofatso Nyama, uWensten Van Der Linde, no-Igor Makitan bonke abashiyayo kuleli qembu ekupheleni kwenyanga. UButhelezi ubheke ku-Orlando Pirates kanti uMsimango uyoyibamba kuKaizer Chiefs. Ngakolunye uhlangothi uNyama usevumelene ngakho konke neCape Town City.  UNdwandwe noVan Der Linde baphelelwa yizinkontileka. UVan Der Linde angase avumbuke kuCape Town Spurs ngesizini ezayo.

U-Ali Meza noVictor Letsoalo: Umthombo welaboHlanga ongashayi eceleni ukuqinisekisile ukuthi labadlali ngesizini ezayo bazobe begqoke ijezi la-AmaZulu FC.  UMeza ofike kuleli wagijima kuMamelodi Sundowns usanda kuhlukana neMaritburg United edliwe izembe. ULetsoalo yena obegijima kuSekhukhune United uzojoyina Usuthu, ngokuthi ashintshane noRally Bwalya okuthiwa uthandwa uBrendon Truter oqeqesha iBabina Noko (iSekhukhune United). Usuthu ngoLwesibili lumemezele umqeqeshi waseSpain uPablo Franco Martín njengomqeqeshi omusha. Lo mqeqeshi obizwa ngoCijimpi usayine inkontileka yeminyaka emithathu.

URuud Krol: Umqeqeshi owazakhela udumo ku-Orlando Pirates, uKrol ugaqele isikhundla sokucija iYoung Africans engompetha beligi yaseTanzania. ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo ethembekile ukuthi uKrol usohlwini lwabaqeqeshi abafuna umsebenzi wokucija iYanga. Leli qembu elidliwe kowamanqamu weCaf Confederation Cup lisanda kuhlukana nomqeqeshi walo uNasreddine Nabi. Lo mqeqeshi odabuka eTunisia ukhonjwa kuKaizer Chiefs.

Scroll To Top