Kusekude phambili kwabathandana nobulili obufanayo eGhana
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
INkantolo Ephakeme yaseGhana ngoLwesithathu iyichithile inselelo yezomthetho ebifuna ukuvimba iphalamende ukuthi liphasise umthethosivivinywa oqinile omelene nabathandana nobulili obufanayo (LGBT), nokuvula indlela yokuthi ugunyazwe.
Abenzi bomthetho kulelizwe esiseNtshonalanga Afrika bebedingida ngomthethosivivinywa kusukela ngoNcwaba wezi-2021 ozobeka njengecala lobugebengu ubudlelwano bobulili obufanayo, ukushintshela ubulili kanye nokumela amalungelo e-LGBTQ. Amalungu ePhalamende amaningi ayavumelana nalesinqumo.
Ukuphasisa umthethosivivinywa obizwa ngokuthi yi-Human Sexual Rights and Ghanaian Family Values Bill kuzophinde kunciphise inkululeko ezweni okuvele amalungelo abathandana nobilili obubodwa engekho. Kuvele kunesijeziso sokudonsa iminyaka emithathu ejele, kusho abagxeki nezishoshovu. U-Amanda Odoi, umcwaningi wezemfundo, wafaka icala ngoNtulikazi ziyisi-7 ephikisa ukuba semthethweni kwalo mthethosivivinywa, ethi kuzoba nomthelela wosizo lwabaxhasi nezinye izinhlobo zokwesekwa kwezezimali. INkantolo Ephakeme yaseGhana ngoLwesithathu ikhiphe isinqumo sokuthi izimpikiswano zakhe azinamandla ngokwanele ukuthi zikhiphe isivimbelo.
Lesi sinqumo sivule indlela yokuthi lo mthethosivivinywa, ongomunye wemithetho eqinile emphakathini we-LGBTQ e-Afrika, udlule esigabeni sokugcina sokugunyazwa yiphalamende ngaphambi kokuba usayinwe ube umthetho.
NgoNhlaba, uMengameli wase-Uganda u-Yoweri Museveni wasayina omunye wemithetho eqinile emelene ne-LGBTQ, echaza isigwebo sentambo kwabatholwa namacala okuthandana nobulili obufanayo.
Umthethosivivinywa waseGhana, owesekwa abaholi bezenkolo nabendabuko, uhlanganisa nezigwebo zejele ezifika eminyakeni eli-10 ngokumela amalungelo e-LGBTQ. I-United Nations yathi ngowezi-2021 umthetho uzodala “uhlelo lokucwasa nodlame oluxhaswe nguhulumeni” olubhekiswe kwabaphikisana nalo. Abamelene nabo bathi lo mthethosivivinywa ukhuthaza ukwelashwa kokuguqula, njengoba isigwebo singancishiswa uma abatholakala benecala becela ukwelashwa. Ochwepheshe be-UN baxwayise ukuthi lokhu kungase kuholele ekuhlushweni.