Now Reading
Umculo noBukhosi ungekuhlukanise nezwe iBenin neNingizimu Afrika
Dark Light

Umculo noBukhosi ungekuhlukanise nezwe iBenin neNingizimu Afrika

Ngaphandle komculo nokuzigqaja ngokubeka phambili ukudla kwesintu, kuningi okuhlanganisa iBenin neNingizimu Afrika okunye kwakho okuwubukhosi njengoba lamazwe ebuqhakambisa ubuholi bomdabu.

Umculi waseBenin nosethathwa njengenxusa lakuleliya lizwe u-Angélique Kpasseloko Hinto Hounsinou Kandjo Manta Zogbin Kidjo, owaziwa ngelika-Angélique Kidjo, akakufihli ukuthi luningi ulwazi aseluncele kubaculi bakuleli. Wazalwa zili-14 kuNtulikazi ngowe-1962 esiFundeni i-Ouidah, eBenin.

Njengeningi labaculi naye ithalente lakhe lagqama enkonzweni eyilungu lekwaya. Kusuka lapho akazange esabheka emuva. Indlela yakhe yempumelelo emculweni ayibanga nzima ngoba kakade uzalelwe emndenini wabaculi.  Okuhlukile ngaye kubaculi basezwenikazi ukuthi usezuze umklomelo wamaGrammy Award amahlandla amahlanu.

Lapho kubalwa iGrammy Award for Best Global Music Album, i-Africa Movie Academy Award for Best Actress in a Supporting Role, iGrammy Award for Best Contemporary World Music Album, nePolar Music Prize for Popular Music ayizuze kulo nyaka.

See Also

Lo mklomelo wakamuva uyinqabakutholwa ngoba e-Afrika abaculi asebewutholile kubalwa kubo uMirriam Makeba ngowezi-2002, kanye nenkakha yaseSenegal uYoussou N’Ndour ngowe-2013. Lona ngumklomelo owaqala ukukhishwa ngowe-1992, futhi uthathwa njengokhethekile emculweni. Abanye abaculi asebehlonishwe ngawo uPaul McCartney (1992), uSir Elton John (1995), uStevie Wonder (1999), uBjörk (2010), noSting (2017).

Akakufihli ukuthi ungumzwilili obizelwe kwakwenzayo. Ngesikhathi ephawula esiteshini sethelevishini iCNN wathi, “Ukuba nezwi elimnandi nelimtoti yinto engandele bani, kumele njalo uhlale ucabanga ukuthi uzokwenzani ngalo.”

Scroll To Top