Now Reading
Isangena imiyalezo yokukhalisana ne-ANC ngoJoemat-Petterson
Dark Light

Isangena imiyalezo yokukhalisana ne-ANC ngoJoemat-Petterson

Izolo ekuseni ibisalokhu ingena ilandelana imiyalezo yokukhalisana nomndeni kanye ne-African National Congress (ANC) ngokudlula emhlabeni kwelungu eliphambili laleli qembu ngoMsombuluko uNkk uTina Joemat-Petterson.

Ekuzwakaleni kwezindaba zokwedlula kwakhe emhlabeni, iqembu limchaze njengomholi obezehlisile kodwa esebenza ngokuzikhandla.  Ubesesigungwini esiphezulu sikaKhongolose aphinde abe yilungu eliqapha ukusebenza kweqembu ezingeni likazwenke. Amaqembu aphikisayo ePhalamende nasezifundazweni akubeke eceleni ukungaboni ngasolinye ne-ANC ekhalisana nayo. 

Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMnu uJohn Steenhuisen uthe kubashaqile ukudlula emhlabeni kukaJoemat- Petterson esikhathini esifushane bekade benaye.

Uzokhunjulwa ngokuba ngowokuqala ukuphatha uMnyango Wezolimo usuhlanganiswe namaHlathi Nokudoba, nalapho enza khona izinguquko eziningi kwezokudoba. Kungaleso sikhathi lapho aphenduka khona intandokazi wazakhela nezitha ezinhlanganweni zokudoba. 

See Also

Uphathe lo Mnyango kwaze kwaba ngunyaka wezimali-2014 ngaphansi kukaMengameli uJacob Zuma. Uphinde wabuya futhi emuva kokhetho lowezi-2014 lapho aqokwa khona njengoNgqongqoshe Wezamandla. Ngonyaka we-2019 emuva kokhetho uqokwe njengoSihlalo Wekomidi eMnyangweni Wamaphoyisa.

Ukudlula kwakhe emhlabeni kushaqise abaningi, kwazise ngoLwesibili olwedlule nguye obengusihlalo womhlangano lapho uNgqongqoshe uBheki Cele ubememezela izibalo zobugebengu.

Scroll To Top