Ulandulele esesebenzile kwezokulingisa uNdlovu
Intsha engabanga nenhlanhla yokubona amagalelo enkakha yomlingisi wethelevishini weminyaka yowe-80s yaphuthelwa okuningi eyayingakufunda kuyena njengoba lithe liyozilahla konina izolo zabe sezisabalele izindaba zokuthi uselandulele leli.
UPatrick Ndlovu ubesebalwa nezinkakha ezimbalwa emkhakheni wezikaqedisizungu ezisadla anhlamvana. Labo abangalitholanga ithuba lokubona imisebenzi yakhe kwezokulingisa bazothobeka amanxeba ngoba isiteshi esikhokhelwayo kuthelevishini iNetflix kulezi zinsuku sikhombisa omunye umdlalo uNdlovu avelela kuwo iYizo Yizo.
Lona ngumdlalo owaba nedumela elikhulu wanqoba nezindondo. Wayelingisa indawo kathishanhloko uMnu uMthembu owayenza konke ukulwisana nobugcwelegcwele esikoleni sakhe kodwa abuye enzelwe phansi ngabanye bothisha ababengasohlangothini lwabafundi.
Omunye umdlalo afike wavelela kuwo nowawubukwa kakhulu ngaleso sikhathi kuthelevishini iZone 14 enguNtate Moloi.
Le nkakha yaqala ukuzibonakalisa emidlalweni yeshashalazi ishiyelana inkundla uGibson Kente noNdaba Mhlongo.
Ngokuhamba kwesikhathi ubonakale okokuqala kuthelevishini ngesikhathi izinhlelo zisahlukaniswe ngokwezinhlanga nobuzwe. Emdlalweni owuchungechunge ngempilo yeLembe nesizwe samaZulu iShaka Zulu wayelingisa indawo kaMudli engumeluleki wenkosi noSenzangakhona.

