Isahluko Sesithathu: Ulwazi lwesikhathi


Ukuba nje umuntu woHlanga ubenolwazi lwesikhathi lesi esiphila kuso, ubezokwamukela iSintu ngentokozo, sona esibuyisela umuntu woHlanga ezintweni eziyisifiso neziyintshisekelo yenhliziyo yakhe: imizi emihle, umcebo, kanye nabahlobo kuyona yonke imikhakha yempilo.
Lesi yisikhathi lapho kumele singene izulu sikhona lapha emhlabeni. Nguwe, wena muntu woHlanga, nguwe oyimpumputhe.
Nguwe oyisithulu kanye nesimungulu uma kuziwa olwazini lokufika kwesikhathi sokusindiswa kwethu, kanye nokufika kwesikhathi sokwahlulelwa nokufa kombuso wezitha zethu, nezitha zoBabamkhulu.
Khumbula indaba kaMose nabantu bakhe. UJehova (uYahweh) wathi kuMose: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo” (Exodusi 3:7/ Ukuphuma 3:7).
UJehova ubonile futhi wezwa inhlupheko nokukhala kwabantu bakhe, kepha abantu bayizimungulu ekumazini yena, ngokuba kabalimemezanga igama lakhe.
Babekhonza izithixo zaFaro nabantu bakhe, (kodwa) babengakhonzi uJehova onguNkulunkulu wobaba babo. UJehova akazibonakalisanga njengoNkulunkulu kaFaro nabantu bakhe. Kwaba yizigqila zikaFaro lapho uJehova wakhombisa ububele nosindiso.
UFaro wayephikisana noJehova kanye nenkolo yakhe nendlela yakhe, kanye nabantu bakhe ababeyizigqila zikaFaro. Kunjalo nakuMveliqali nenkolelo yakhe yeSintu.
Kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi labo aboHlanga abanokuqonda okufile, labo ababhekene nosizi imihla namalanga ngesandla sobubi bezinhlanga zontabakayikhonjwa, ukuba bakhululwe banikezwe inkululeko nobulungiswa emhlabeni woKhokho.
Ubusuku nemini ukukhala(za) kwabo kunyukela ngaphakathi kwezindlebe zikaMveliqali, uBaba noMama wabo bonke abantu boHlanga.
Angeke sabeka ithemba lethu ekutholeni ubulungiswa (obuvela) ezizweni zamahlumela, babungekho kwakhona ekuqaleni kokwenziwa kwabo.
Ubusuku nemini aboHlanga baphathiswa okwezimfaduko ezingcolile ezingenamsebenzi. Uma uMveliqali nezithunywa zakhe eziphila kithi zingaphakami ukuba zimele aboHlanga, ubani ozosimela na?
Wena ongenalo ulwazi lweqiniso ngobunjalo bakhe, awukwazi ukusimela; ngokuba uMveliqali akhekho kuwe ngenxa yokweswela ulwazi lobunjalo bakhe.
Amahlumela asenze saba nokwesaba okukhulu saze sakhonza lokho okungesikho(na) okwethu. Ningesabi (nakancane) bese nilandela uZulu, uMveliqali uzonithanda aningenise ekhaya ezulwini, khona lapha emhlabeni wenyama.
UJehova wathuma uMose ukuba aye kuqala ukuyokhuluma nabadala phakathi kwaIsrayeli bese ethi kubo: INkosi uMveliqali wenu (hhayi kaFaro), uMveliqali woBabamkhulu, uzibonakalise kimi ethi, “Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenzeka kini lapho eGibhithe (impucuzeko yontabakayikhonjwa)” (Eksodusi 3:16 / Ukuphuma 3:16). Kodwa abadala abafunanga ngisho nokuhlangana noMose, ngaphandle uma kunempikiswano.
Uma ufisa ukwazi kabanzi ngomthetho weSintu, landela ‘Impunga YeSintu Tv’ khona laphaya kuYouTube.
Isihloko sale ncwadi ‘Utho Ngathi’. Iyatholakala nge-pdf (mahhala) nangencwadi ephathekayo (iyakhokhelwa) ku-gumedethembisile26@gmail.com noma whatsapp 079 842 4572.