Now Reading
Phezu komkhono: Ukuthuthukiswa kwamakhono ezindaweni zasemakhaya
Dark Light

Phezu komkhono: Ukuthuthukiswa kwamakhono ezindaweni zasemakhaya

Amakhono ayisisekelo sempilo yabantu. Yiwona asetshenziswayo emiphakathini ukuphemba impilo. Ngaphandle kwawo impilo esiyiphilayo ingefiphele. Imvamisa abantu bazalwa nawo amakhono, uzwe kuthiwe “baphiwe”, kanti abanye bawafunda kulabo abaphiwe.

Yingakho izingcithabuchopho ezidumile ezinjengo-Albert Einstein zazihleze zinabafundi abakhongozela ulwazi kubo, zibuye ziluqophe kumbe zilethule esigungwini esasiyaye siluhluze njengenqabakutholwa.

Emiphakathini yaboHlanga kunenqwaba yabantu abanamakhono kepha abangenzi lutho ngawo. Okubuhlungu nakakhulu ukuthi iningi lalababantu yilabo asebekhulile, abazohamba nawo lamakhono ngoba akekho ozinika isikhathi sokuwafunda, ukuwaqopha nokuwahlela ukuba ahambelane nesikhathi samanje. Njengoba kuqala inyanga eyaziwa njengeyentsha, kungaba kuhle kekugcizelelwe kuyo ubumqoka bokuncela ulwazi lokusebenza kwenzinto.

Isibonelo nje salokhu, cishe ungalihamba uliqede idolobha langakini ungazange uhlangane nomuntu olungisa izicathulo. Kepha uma ubheka phakathi emiphakathini yaboHlanga uzothola ukuthi usasekhona umkhulu onalo lolulwazi kepha akekho ozihluphayo ngalo.

Uze uzibuze ukuthi kumnandi yini ukuthenga izicathulo ezintsha ngoba nakhu sezithe ukutsheka isithende, yize noma indwangu yazo isaphila ceke!

Uma ukhuluma ngobuciko bokwenza ubuhlalo nokucwala insimbi, into yokuqala efika emqondweni yabantu kuba omama thizeni abawumphilandawonye kumbe ubaba othize, nabo abakwenza bengabheke nzuzo etheni.

Kepha uma uqhathanisa amazwe anjengeParis neFrance akuqhakambisayo ubuciko bokwenza izinto (craftsmanship) namakhono, igebe likhulu kakhulu. Lokhu akusiyo indlela yokuthunaza amagalelo oMnyango Wezobuciko kuleli, kepha ukuthungela umlilo lapho ubukeka ulotha khona.

Makusijabhise ukufudukela eGoli kwamaciko eyofuna amadlelo aluhlaza esikhathini samanje, ikakhulu njengoba sekulula ukuletha ingqalasizinda efanayo nasemiphakathini yasemakhaya.

See Also

Linothile ikhono elitholakala emaphandleni, lapho intuthuko isaseyindlala khona. Zibuze ukuthi iziphilisa kanjani lemiphakathi yize izimo zonke zenhlalo zibukeka zimelene nayo!

Ukuthuthukiswa kwenhlalo yabantu akusho ukubakhela izindlu zomxhaso kuphela. Yebo, kumqoka ukuba nophahla lokukhosela, ukudla okunempilo namanzi ahlanzekile. Kepha uma sifundisa yona lemiphakathi izindlela zokwelusa lengqalasizinda, siyobe siphucula izinga layo lempilo.

Esikhathini lapho ukuya edolobheni sekumba eqolo, bekuyini ukusebenzisana namasonto nezikole ezisemphakathini ukusondeza imitapo yolwazi kubantu?

Scroll To Top