Kuzokhetha ukhethi ngabazochonywa uphaphe legwalagwala kuPSL



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngeledlule isongiwe imidlalo yesizini yangowezi-2022/23 yeDStv Premiership, okusele manje umdlalo wamanqamu eNedbank okusasa phakathi kwe-Orlando Pirates neSekhukhune United bese kuthi ngeSonto kukonyeliswe abadlali abenze kahle kusizini yonke ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
Kule ngosi yami ngibheka abadlali engibona bengase benqobe imikomelo abaqokelwe kuyona. Ngiphinde ngibheke nomqeqeshi ongathola umkomelo womqeqeshi ovelele.
Umqeqeshi ovelele lapho kukhona uJose Reveiro we-Orlando Pirates, uGavin Hunt weSupersport United noRhulani Mokoena weMamelodi Sundowns.
Ngiyazi abaningi babona lo mkomelo ungathathwa uMokoena, kodwa ngokwami ngibona ufanele uReveiro. Okwenza ngisho njalo uMokoena yize ethathe iligi neSundowns, kodwa uthathe izintambo zokuba umqeqeshi kuManqoba Mnqithi sekudlalwe imidlalo engaphezulu kweli-10, kanti uReveiro uyiqale nayo iPirates isizini wayiqedisa endaweni yesibili kulogi yanqoba iMTN 8 kuyimanje ikowamanqamu eNedbank Cup.
OwePSL Footballer of The Season kukhona uMonnapule Saleng wePirates, uThemba Zwane noRonwen Williams beSundowns. Kulena izoba nzima kakhulu kodwa uSaleng ngibona imfanele udlale kahle kakhulu esiza eziMnyama ngalokhu okungenhla ezikuzuzile. Emdlalweni engama-22 uvalele phakathi amagoli ali-11 wakhanda ayi-8. OweDStv Premiership Goalkeeper of The Season, akubuzwa ukuthi lana uWilliams uyena ozonqoba lomkomelo aqhathwe kuwo noRicardo Goss benoSalim Magoola weRichards Bay FC.
KoweDStv Premiership Defender of The Season, kukhona uGiven Msimango weTS Galaxy, uKhuliso Mudau weSundowns, noNkosinathi Sibisi wePirates, nalana kunzima ukuqagela kodwa ngokwami ngingamnika uMudau. Cishe akekho umdlali odlala kwesokudla emumva ofika kuMudau, kuyona yonke imidlalo ayidlalile udlale kahle kakhulu.
KoweDStv Premiership Midfielder of The Season uSaleng, uTebogo Mokoena noZwane. UMokoena lomfana omncane utshengise ukuba yinsika yeSundowns njengoba nakweminye imidlalo ubephatha ibhande naseqenjini lesizwe yonke imidlalo uyidlalile ngalokho ngiyamnika lomkomelo.
OweDstv Premiership Players’ Player of The Season, lapha nginikela kubadlali ukuthi kube yibo abavotayo kubanga uMokoena, uSaleng noWilliams.
Kowomdlali omncane ovelele ngiwunika uCassius Mailula, lo mfana omncane ufike kwezwakala. OweMTN8 Last Man Standing ngiwunika uSaleng, oweNedbank Cup Most Promising Player of The Season ngiwunika uSphamandla Gumede ongunozinti weDondol Stars. Leli qembu elidlala ku-ABC Motsepe League eGoli lishiye abalandeli bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika bengawuvali umlomo.
OweDStv Diski Challenge Player of The Season, umbango uphakathi kukaRelebohile Ratomo wePirates, uShandre Campbell weSuperSport United noLuphumlo Sifumba weCape Town.
Ngokwami bobathathu labadlali badlalile kodwa uRatomo emdlalweni eminingi uzibonakalisile, waze wathola ithuba lokudlala eqenjini elikhulu.