OweMaritzburg uphonsela iPSL inselelo ngoxhaso


Isikhulu sibona kufanele abemane amaqembu agijima esigabeni esiphezulu KwaZulu-Natal
USIHLALO weMaritzburg United uFarouk Kadodia unxenxe iPremier Soccer League (PSL) ukuba yakhe ithimba elizoqinisekisa ukuthi wonke amaqembu ayaluthola uxhaso kulesi sigaba. UKadodia ube nengxoxo ekhethekile nelaboHlanga nalapho edalule khona ezinye zezinkinga ezidala ukuthi amaqembu aseKZN angalutholi, ikakhulukazi awaKwaZulu-Natal.
“Kule nyanga, iyaphela inkontileka yethu noMasipala waseMsunduzi njengoba ubuselekelela ngoxhaso kusuka ngowezi-2014. Nokho sinethemba ukuthi bazoyivuselela ngoba sisebenzisane kahle kakhulu nabo kule minyaka eyedlule. Ngokwami bengibona kungakuhle uma iPSL ingajuba umuntu noma ithimba elizoqinisekisa ukuthi amaqembu ayaxhaswa ngoba kulukhuni satshe ukuphatha iqembu. Uma nje ngingenza isibonelo ngenkampani uVodacom, exhase iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Ngokwami le nkampani enabantu abaningi abayisebenzisayo KwaZulu-Natal, ngakho kungani bengawaxhasi amaqembu akulesi sifundazwe? Bengizowunxenxa nawo uVodacom ukuba uvule izandla zawo ubhekisise nakwezinye izifundazwe. Kepha okubaluleke kakhulu kimina ukuba iPSL izijube ifake imali kumuntu noma abantu abazolwela ukuba wonke amaqembu athole abaxhasi njengoba i-English FA yenza e-England,” kusho uKadodia.
Kule ngxoxo ebijulile uKadodia, uphinde waveza okwenza abaxhasi bahudule izinyawo uma kuza emaqenjini aKwaZulu-Natal. “Uma ungabuka amaqembu aseGoli, noma ngabe aku-Absa Premiership noma kuNFD cisho wonke anabaxhasi. Uma ngingaphosisi angaphansi kwamaphesenti ama-5 amaqembu angenabaxhasi eGoli. Lokhu kudalwa ukuthi kunenxanxathela yezitolo enkulukazi e-Afrika iSandton, nokuthi iGoli lonkana liyisizinda samabhizinisi. Lokhu kwenza ukuthi abaxhasi bazibone bezohlumula kakhulu kula maqembu ngenxa yendawo akuyona. Kepha ake sibuke iKwaZulu-Natal ngabe thina ikuphi esinakho noma okuheha abaxhasi? Ngibona kungenye yezinkinga leyo. Empeleni ngokwami iKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape yizifundazwe ezithwele kanzima kakhulu uma singakhuluma ngoxhaso ngenxa yokuthi izindawo eziningi zisemakhaya, namadolobha akhele lezi zifundazwe kawanonile ngendlela ehehayo. Ukuthola uxhaso kwenza ukuthi nathi njengabaphathi sifake kakhulu imali ezinkuliseni ukuze sizokhiqiza abadlali abaqhamuka kulesi sifundazwe,” kuchaza uKadodia exoxa naleli phephandaba eHarry Gwala Stadium, ngesikhathi ezakhe zinomdlalo wesihle neBloemfontein Celtic.
IKwaZulu-Natal izofolosa ngamaqembu amathathu kule sizini ku-Absa Premiership okuyiMaritzburg United, iGolden Arrows naMaZulu FC. Leli phephandaba libuze uKadodia ngobudlelwano phakathi kwamaqembu akulesi sifundazwe kule sizini. Uphendule wathi, “Ngibona ukubambisana kungekuhle neze. Lokhu kangeke ngikufihle. Akufanele ukuthi size ngezinhloso ezehlukene ebholeni. Izikhathi eziningi uthola ukuthi sifuna ukuqinisekisa ukuthi sifuna ukuzibona sibakhulu kunabanye nokuthi sifuna ukushaya amaphiko kwabanye. Lokhu ngikubona kuyisihlava esibi. Ngokwami ngibona kukuhle sibambisane. Ngoba okufanele kusibuse ukuthi isifundazwe sisikhulisa kanjani kunobhutshuzwayo”.
Ngesonto elizayo iTeam Of Choice, izoyibamba kuMTN 8, nalapho izobhekana khona neMamelodi Sundowns ngeSonto. UKadodia uchaze izinhlelo abanazo kule sizini. “IMaritzburg United ngiyibona iyisibonelo esihle kuPSL. Lokhu ngikusho ngoba awukho umdlalo weMaritzburg ewudlalela ekhaya lapho inkundla ingagcwali khona, angikhathali ungathini. Kungakho ngifisa ukuthi singaphinde siphume kuTop 8. Sicele ukuba umqeqeshi wethu (uFadlu Davids) aqinisekise ukuthi siyazinza kuTop 8 nakule sizini ezoqala. Elinye lamaphupho ami ukuba okungenani kubekhona abafana abayisi-7 baseMgungundlovu esikimi esiqala umdlalo kuMaritzburg. Lokhu kuyiphupho elingathatha isikhathi kepha kuyisifiso sami. Esesithathu ukuba okungenani eminyakeni ezayo kube khona umdlalo wamanqamu lapha eMgungundlovu, eHarry Gwala Stadium.
“Yebo okwamanje iPSL kangeke ikuvume lokhu, kodwa sizofaka isicelo sokuthi eminye imiqhudelwano ibe nemidlalo yamanqamu ekhaya nasekuhambeni. Lokhu kuzokwenza ukuba leli phupho lifezeke,” kusho uKadodia oveze ukuthi ubonga akaphezi kubalandeli abalokhu beleseke njalo iqembu. Leli phephandaba libuze uKadodia ukuthi ngabe uziphilisa kanjani njengoba sekuphele iminyaka (ngaphambi kokuxhaswa uMasipala waseMsunduzi), ezenzela konke eqenjini. “Ngikhule ngingumuntu wamabhizinisi kusuka ngisemncane. Nginezitolo ezahlukene eHammarsdale (kwaWebber),” kushaya ngezimfushane uKadodia oveze ukuthi ebhodini leMaritzburg United kukhona abanye osomabhizinisi abasemkhakheni ofanayo asebenzisana nabo. Kakuyona-ke into entsha ukuthi izikhulu zamaqembu nabasebenzi bakhale ngabezindaba ukuba banokushelelisa ipeni uma bebhala ngezinto ezahlukene ezithinta amaqembu. Naye uKadodia ukuvezile lokhu.
“Kubalulekile ukuthi njengezintatheli sibhale noma sibikele abantu. Kodwa ukuze amaqembu akithi ezosizakala kuhle ukuthi esikubhalayo kube ngokuyiqiniso, futhi kube okuzokhulisa amaqembu. Lokhu-ke kwenza ukuthi iqembu libe nephunga elihle uma lingqongqoza eminyangweni eyahlukene,” kubeka lesi sikhulu. Lesi sikhulu sithi ngokwaso kufanele engabe okungenani mane amaqembu akulesi sifundazwe ayibamba ku-Absa Premiership. “Ngibona isifundazwe kusifanele ukuba namaqembu amane ngoba kuningi esesikwenzele ibhola lakuleli. Thina njengeMaritzburg sibona sisenza umsebenzi omuhle kubantu bakithi noma ngabe ubuka noma ngaluphi uhlangothi, ikakhulukazi ngasohlangothini lokuthuthukisa amakhono kubadlali baseMgungundlovu nabaseKZN. Baningi-ke abadlali engingababala abedlule ezandleni zethu abagcine bezakhele igama,” kusho lesi sikhulu.