Now Reading
OwaseNamibia nomyalezo onqala kubaholi ezwenikazi
Dark Light

OwaseNamibia nomyalezo onqala kubaholi ezwenikazi

UNgqongqoshe wezobulungiswa eNamibia, uYvonne Dausab, usenxuse abaholi base-Afrika ukuthi kufanele abaholi baziphendulele kwizakhamizi emazweni abo.

Ethula inkulumo yakhe kwiPan African Parliament (PAP) eMidrand eGoli, uDausab uthi isikhathi esiningi abaholi kumele baveze izikhalo kulabo abachezuka ezinhlosweni ezibekwe yizinhlangano zamazwekazi afana nePAP kanye ne-African Union (AU).

UDausab uthe ukuphatha kahle kubalulekile ekuqinisekiseni intuthuko yezwekazi lase-Afrika. “Asifuni, njengabaholi ukugxekana njengabaholi … ngokumemezela ukuphela kokungabambi iqhaza kwama-Afrika ezinqubweni zokuthatha izinqumo zezwekazi,” kwengeza uDausab.

Khonamanjalo, izinhlangano ezingenzi nzuzo ezilwa nodlame lobulili zinxusa iPan African Parliament ukuthi ibize umhlangano ngenhloso yokubhekana nesihlava esihlasele izwekazi lase-Afrika.

See Also

Lokhu kwenzeke ngesikhathi uSihlalo weKomidi lePhalamende le-International Relations and Co-operation eNingizimu Afrika uSupra Mahumapelo ethe iPan African Parliament izoba yihlazo uma izinsolo ezibhekiswe kuMengameli wePAP, uFortune Charumbira ziyiqiniso.

Scroll To Top