Now Reading
Phezu kwemizamo yamazwe isabambene ngezihluthu
Dark Light

Phezu kwemizamo yamazwe isabambene ngezihluthu

I-Russia ihlasele ngezomoya izifunda ezimbili ezisentshonalanga ye-Ukraine ezisemngceleni wePoland nezinye izindawo ngoLwesibili, kwashona abantu abathathu kwalimala abangaphezu kweshumi nambili, kusho izikhulu zase-Ukraine.

Abezindaba bendawo bathi lokhu kuhlasela kube ukuhlasela komoya okukhulu kakhulu esifundeni saseLviv selokhu kwahlaselwa iRussia ngoNhlolanja kowezi-2022. Izigameko zokushona kwabantu zibikwe endaweni esenyakatho- ntshonalanga yeVolyn.

Izikhulu zithe inkampani yezimboni enhlokodolobha yesifunda iLutsk ihlaselwe kulesi sigameko sasebusuku. Baningi abantu abangeniswe esibhedlela, kusho uMbusi uYuriy Pohulyaiko.

Kuphinde kwalimala abantu abayishumi nanhlanu esifundeni i-Lviv, kusho uMbusi uMaksim Kozytskyi. Imicibisholo(missiles) eyisithupha ilimaze inqwaba yezakhiwo kanye nenkundla yokudlala yenkulisa enhlokodolobha yesifunda nasezindaweni ezizungezile. Bobabili iVolyn neLviv basemngceleni welungu le-NATO iPoland futhi bangamakhulu amakhilomitha ukusuka kwalapho impi idudulana khona, lapho amasosha ase-Ukraine ebhekene namasosha aseRussia empini ecishe ibe yizinyanga ezili-18 ubudala.


Idolobha i-Lviv lalisindisiwe ekuhlaselweni komoya okuningi kwaseRussia kwaze kwaba nguNtulikazi, lapho abantu abayisikhombisa bebulawa umcibisholo owawushaya ibhilidi eliseduze nesikhungo esiyingqopha-mlando. Idolobhakazi ngokujwayelekile libonakale njengendawo ephephile kule ngxabano, njengoba amanye amahhovisi kahulumeni ethuthela khona kanye nezinhlangano ezizimele zamazwe ngamazwe ezilisebenzisa njengesizinda.

See Also

Kuphinde kwaba yindawo yokuthutha kubantu base- Ukraine ababalekela ingxabano baya ePoland nangale kwayo. “Ukwesabisa kwansuku zonke kwamaRussia kunomgomo owodwa: ukusiphula, umoya wethu wokulwa,” kusho u-Andriy Yermak, inhloko yokuphatha kukamongameli wase-Ukraine, ebhala kuTelegram. “Ngeke kwenzeke lokhu.”


Abantu ababili balimala eDnipro, maphakathi ne- Ukraine, lapho uMbusi uSerhiy Lysak ethe kushaywe ibhizinisi nenkundla yezemidlalo.

Scroll To Top