IMeya yaseMsinga ithi bazowuseka ngakho konke uMsinga United



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Usuku layizolo ngeSonto lishone selaziwa iqembu elizomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
Lelo qembu kube uMsinga United; kwenzeke lokho emva kokuthi leli qembu liguqise iMilford FC emdlalweni womlenze wesibili ngegoli elilodwa eqandeni nelivalelwe phakathi uHector Mkhulise. Umlenze wokuqala waphela zibambene ngeqanda.
Ngaphambi kokudlala kwalamaqembu kuke kwaba nomkhulu umsindo, njengoba lemidlalo ibilokhu ihlehla ngenxa yokuthi bekunamacala akhona.
ElaboHlanga likhulume neMeya yaseMsinga uDokotela FJ Sikhakhane ukuzwa ukuthi kusho ukuthini lokhu okwenziwe iqembu nanokuthi bazokwenzani njengoMkhandlu.
“Usuku layizolo lube yisibusiso esikhulu kuMsinga wonke, lento eyenziwa abafana idinga ukushayelwa elikhulu ihlombe. Kumzuliswano wokuqala obulapha ekhaya eMzisho Stadium, sakwenza konke ukulekelela iqembu ngelikudingayo. Kuthe kumzuliswano wesibili siwuMkhandlu sakhipha izimoto ezihambise abalandeli nabafike bagcwalisa inkundla yayo iMilford FC. Ngalokho sisazoqhubeka siwulekelele uMsinga United ngakhokonke okudingayo” kusho iMeya.
Namhlanje ngoMsombuluko uMsinga United uvakashele izindlu zoMkhandlu, uyobonga iMeya namakhansela ngokuwuseka kule midlalo.
Makungathiwa uMsinga United uyaphumelela ukuyodlala kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo, uzoba nenkinga yokuthi kumele ube nenkundla esesimeni ukuze ukwazi ukudlalela imidlalo yawo khona eMsinga.
“Ngalokho solinda abePSL bahlole ukuthi uMzisho Stadium, ikuphi okumele kwenzeke kuwona ukuze kudlale khona uMsinga United imidlalo yasekhaya. Ngeke sanqaba futhi uma kungathiwa akwenzeki sobe, sesamukela sibe silungisa uMzisho” kubeka iMeya.
Imidlalo ye-ABC Motsepe League yazwelonke yokuhlunga, izodlalelwa eThekwini. Iyoqala eKing Zwelithini Stadium mhla zinhlanu kuNhlangulana, iphelele eSugar Ray Xulu mhla zili-11 kuwo uNhlangulana.
Amaqembu azobe ebanga ukungena kuMotsepe Foundation Championship Amavarara amele i-Eastern Cape, iYoung Bafana yaWestern Cape, iDondol Stars yaseGauteng, iMlambo Royals yaseMpumalanga, i-Upington City Northern Cape, i-Orbit College yaseNorth West neMpheni Home Defenders yona yaseLimpopo.
EFree State umbango usaphakathi kweMangaung Unite neFC Black Cross.
UMkhokhiseni Mpanza ongusihlalo woMsinga United wazise elaboHlanga ukuthi, bazobajabulisa abadlali babo njengoba benqobile.
“Ngaphambi kokuqala kwale midlalo emibili sabathembisa abadlali ukuthi sizobanikeza okungamabhonasi, njengoba benqobile siphezu kwakho ukubalungiselela. Uma bengasinqobela futhi kweyokuhlunga imali eningi iyoya kubona thina sifuna isitifiketi kuphela. Sizokwenza ngakho konke ukuthi bakhuthazeke ngaphambi kokuqala kwemidlalo” kusho uMpanza.