Now Reading
Iso lomthwebuli: Amehlo axoxa indaba, yize isifonyo
Dark Light

Iso lomthwebuli: Amehlo axoxa indaba, yize isifonyo

Sekuphele unyaka nezinyanga ezimbalwa iWHO yakhipha umyalelo wokuba sizivalele, kube impoqo nokufaka isifonyo noma yikuphi ukugwema ukusabalala kokhuvethe. Amaciko asebenza emkhakheni wokuthwebula izithombe abe esethola ithuba elanele lokuzicija, athuthukise imisebenzi yawo nendlela axoxa ngayo izindaba ngezithombe ngalesi sikhathi. Ngale kwezingqinamba ezibe khona, bakwazile ukubeka induku ebandla, baba yimbumba, bazinikela ekuqopheni umlando, besebenzisa isiphiwo nekhono labo.

Lokhu kungikhumbuze unyaka we-1965, owe-1975, owe-1994, owe-1997 neminye eyinqqayizivele emlandweni wethu aboHlanga, lapho abathwebuli abehlukahlukene baba seqhulwini ekubikeni okwakwenzeka ngezithombe nje qha! Lokhu kubika ngalendlela akudingi nje ukuba nethuluzi lokuthwebula kodwa kudinga nolwazi olujulile lokubuka isehlakalo ngenkathi senzeka, ube seduzane nokugcina sekubeka impilo yomthwebuli engcupheni kwenye inkathi.

Cabanga nje isithombe esaziwa uwonke wonke lapho uHector Peterson ebanjwe khona uzakwabo esedubulekile, bekhala, bebaleka begcwele izinkalo, bezama ukuziphephisa kokwakwenzeka ngalo mzuzu umthwebuli athatha ngawo lesiya sithombe.
Isithombe lesi sikuthatha sikubeke, uzwe uhlevana lugijima nomzimba wonke, ubuso bugubuzelwe umunyu obukushiya ubambe ongezansi uzibuza ukuthi isihluku esingaka kwakungesani.

Lawo-ke amandla esithombe esithathwe ngenhloso, yize noma kwenye inkathi sisuke sithwetshulwe ngokuphazima kweso, kungahlelwanga lutho. Akugcini lapho kodwa nangamhla owayenguMengameli wokuqala wedemokhrasi eNingizimu Afrika uMnu uNelson Mandela ephuma ejele ebambene ngezandla noMama uNkk uWinnie KaMadikizela Mandela, ezinye izandla beziphakamisele phezulu, zaveza ukubuya kwezwi namandla aboHlanga. Abathwebuli benza umsebenzi oncomekayo impela ekuvuseleleni umoya wesizwe, baqinisa izwi laboHlanga ukuze nabo bezozibona kubafanele ukuba sebalazweni ngezenzo ezinhle.

See Also

Ingabe izizukulwane ezizayo zizobonani uma zibuka izithombe ezithwetshulwe kusukela nyakenye kuza neno sivale imilomo ngezimfonyo?

Scroll To Top