Kube yisizini yokuzibonakalisa kwamabhobhodleyana



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kule mpelasonto kuyaphela ngemidlalo yeDStv Premiership kusizini yangowezi-2022/23. Le ligi ingenye yamaligi ahlonishwayo lapha ezwenikazi i-Africa, nasemhlabeni wonke jikelele.
Le sizini ibe isizini enezigameko eziningi ezehlukahlukene, lapho kubalwa ukuhamba nokufika kwabaqeqeshi, ukubona abadlali abasha, abadlali ababenesizini enhle, ukuba namaqembu amahlanu asesifundazweni iKwaZulu-Natal nokwenze kwaba isona sifundazwe esibe nemidlalo eminingi.
Kodwa ngokwami okungichaze kakhulu ngale sizini yangowezi-2022/23 ukubona amaqembu amaningi edlalisa abadlali abancane. Mina ngiyakholelwa kakhulu kubadlali abancane, ngoba ngokwazi kwami “Igotshwa Isemanzi”.
IKaizer Chiefs engelinye lamaqembu amakhulu kule ligi, emidlalweni yayo eminingi isebenzise uMduduzi “Do or Die” Shabalala lo mdlali uneminyaka eli-18 ayigcinanga lapho kodwa isebenzise uSamkelo Zwane yena oneminyaka engama-20 noWandile Duba oneli-18. I-Orlando Pirates yona inyusele eqenjini eliphezulu uRelebohile Ratomo, lo mdlali odle ngebhola lomjiko akubuzwa ukuth usazolithola ithuba kweziMnyama.
Ompetha beDStv Premiership iMamelodi Sundowns yona isebenzise uCassius Mailula, lo mdlali oneminyaka enga-21 angingabazi ukuthi ikhona indondo azoyithola bese kukonyeliswa abadlali abavelele kule sizini. Abagcinanga lapho baphinde bafaka uSiyabonga Mabena yena oneminyaka eli-16.
Ngeke sasala ngaphandle iStellenbosch FC esidlalise u-Olwethu Makhanya oneminyaka eli-18 no-Oshwin Adries oneli-19. ICape Town City enoLuke Daniels (18), Luphumo Sifumba (17) noJaedin Rhodes (20) oqokwe njengovelele kuleli qembu ngeledlule.
ISupersport United edume ngokunikeza abadlali abancane ithuba, idlalise uThapelo Maseko (19) lelinxele lingabanye abadlali abanekusasa elihle kakhulu eminyakeni ezayo uzoligqoka ijezi leBafana Bafana. Abanye abadlali u-Aviwe Mqokozo (20) weChippa United, noYonela Mbhuthuma (20) weRichards Bay FC.
Iqembu engikholwa ukuthi lizobasenzisa abadlali balo abancane ngesizini ezayo iLamontville Golden Arrows, labo badlali uSamukelo Mzolo noMthokozisi Duma. La badlali benze ezibukwayo kuDStv Diski Challenge (DDC) bevalela phakathi amagoli angama-27 ngokuhlanganyela, uMzolo abe li-15 uDuma abali-12.
Ukusebenzisa abadlali abaqhamuka lapha eNingizimu Afrika, kuzokwenza abaqeqeshi bamaqembu esizwe kusukela kwelabaneminyaka engaphansi kwengama-20 bazokwazi ukuqoka kahle abadlali okumele bebasebenzise.
Ngeke kugcine lapho kodwa kuzophinde kwehlise lento yokuthi kulokhu kusayiniswa abadlali abancane abaqhamuka ngaphandle e-Afrika.
Iningi labadlali abancane abadlala kuDStv Premiership kumele kube abalapha eNingizimu Afrika.
Ngesizini ezayo amaqembu ngiyafisa ukuthi aqhubeke nokwenza lesenzo asenzile, kungabi ilawo nalawo amaqembu kodwa wonke amaqembu.