UMotshekga usezibambele mathupha olwethenda yokudla ezikoleni



Ukubalekela ukuhlazeka koMnyango Wezemfundo ngenkanankana yokuphucwa kwezingane zaboHlanga isinkwa ezikoleni zaKwaZulu-Natal, uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, u-Angie Motshekga, uqoke ukusondeza ehhovisi lakhe uphenyo ngalokhu.
Kuze kube yimanje abafundi kwezinye zezikole abakutholi ukudla ngendlela obekwenzeka ngayo ngaphambi kokugixabezwa kethenda yezigidigidi enkampanini eyodwa
Kuvele ukuthi ukudla akulethwa ezikoleni ezingaphezu kuka-5 000 esifundazweni.
Uhlelo Lukazwelonke Lokondliwa Kwezingane Ezikoleni lwagqama lapho inkampani eqokwe njengosonkontileka oyinhloko ezohlinzeka ngokudla ihluleka ukwenza lo msebenzi.
Leli phutha libe nomthelela ezimpilweni zabafundi abangaphezu kwezigidi ezimbili, iningi labo eliphuma emindenini entulayo ethembele ohlelweni lokudla.
Ithenda inikezwe iPacina Retail kasomabhizinisi waKwaZulu-Natal UMnu uManzini Zungu.
Kulindeleke ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uphendule imibuzo mayelana nokuthi kungani uhluleka ukuhlinzeka izikole ngokudla ngesikhathi nokuthi le thenda yakhishwa kanjani.
UNgqongqoshe uMotshekga useke wahlangana neziphathimandla zezemfundo nabaphethe isifundazwe ukuzwa ukusuka nokuhlala kodaba. UMphathiswa Wezemfundo uNks uMbali Fraser uhambele izikole emuva kokuqubuka kwalolu daba ngenhloso yokuthola umongo walo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnu uMuzi Mahlambi, uthe: “UNgqongqoshe usesifundazweni ukuzozama ukusiza uMnyango wezeMfundo ukuze uthole isixazululo ngokuthula kule ngxabano.”
Uthe umnyango uvulelekile ukusebenzisana neSpecial Investigating Unit (SIU).
Lokhu kulandela ukuthi imithombo emikhulu emnyangweni itshele i-Eyewitness News ukuthi amaphepha amathenda abengakatholakali kwaSIU. “ISIU ingesinye sezikhungo esizihloniphayo. Njengoba noma nini siyalwa ukuthi sisebenzisane nabo, ngeke singabaze ukubambisana.”
Imithombo ithe isizathu esibekwe yizikhulu zomnyango ngokunganikezi amaphepha amathenda wukuthi kumele kusayinwe isimemezelo sikamengameli ukuze kudluliselwe amaphepha alolu hlobo.