Now Reading
Vikela ucingo lwakho ku-malware uma usebenzisa izindawo zokushaja
Dark Light

Vikela ucingo lwakho ku-malware uma usebenzisa izindawo zokushaja

Izigidigidi zabantu zisebenzisa amaselula namakhompyutha njengendlela yokuxhumana nokwenza imisebenzi eyahlukahlukene. Lamagajethi asebenza ngamandla ebhethri edinga ukuba ihleze igcwaliswa ngogesi.

Ukuze ezogcina amakhasimende ethokozile futhi egcwele ezitolo, amabhizinisi amaningi ayaye ahlinzeke ngezindawo okungaxhunywa kuzo amaselula namakhompyutha ukuze ezoshajwa. Ishwa nokho ukuthi ezinye zalezi zindawo zingaba nobungozi obungabeka amaselula engcupheni yokuthola amavayirasi abizwa ngemalicious software.

Abophiko lezobunhloli iFBI eMelika baye baqwashisa abathengi ngalokhu, ekutheni mabaqikelele uma besebenzisa izindawo zokushaja ezivuleleke kuwowonke umuntu. Kungaba izindawo ezisezikhumulweni zezindiza noma ezitolo ezingamamalls. Ngokusho kwaloluphiko, izigilamkhuba (cybercriminals) ziyakwazi ukutshala imalicious software ocingweni lomthengi zisenzisa izindawo zokushaja ngentambo ye-USB.

Mhlawumbe kuhle ukukucacisa nokho ukuthi ungakwazi ukukugwema lokhu uma usebenzisa eyakho ishaja noma intambo yokushaja (USB cable), bese uyixhuma ngqo kugesi (hhayi kwamanye amagajethi okungaba amakhompuyutha nokunye).

Yize noma kuyinto eyejwayelekile ukusebenzisa izindawo ezivuleleke kuwona wonke umuntu ukushaja ucingo, abacwaningi bezokusebenza kobuchwepheshe sebelihlabe iminyaka ikhwelo lokuba kuqashelwe ngeso lokhozi lomkhuba wezigilamkhuba nabawubiza ngokuthi yijuice jacking.

Ekhuluma nabeCNN ngowezi-2017 uMnu uDrew Paik wenkampani yezokuphepha i-Aunthentic8 waphawula wathi, “Ngokuxhuma nje iselula yakho endaweni esengcupheni, ngokuphazima kwezo nayo (iselula) isuke seyingenwe yilamavirus.”

Namanje akukho okusashintshile. Okubi nakakhulu ukuthi siyaye sibolekisane ngalezizintambo zokushaja, nokungabhebhethekisa lenkinga.

Nawu umonakalo oyaye udalwe ukungena kwalemalicious software ocingweni lakho: Intambo oyisebenzisayo ukushaja ucingo lwakho iyakwazi ukusetshenziswa ukuba ithathe izinto ezisocingweni lwakho izidlulisele kwenye igajethi exhunywe kuyo intambo. Isibonelo, uma usebenzisa iMac yakho ukushaja i-iPhone ungakwazi ukudlulisa izithombe ezisocingweni lwakho uziyise ku-Mac.

Kanjalo nezigilamkhuba zisebenzisa leyondlela ukuntshontsha imininingwane ebalulekile esocingweni lwakho uma seyizifakile lemalware (elinye igama levayirasi) nokungahlanganisa leyomininingwane esuke igcinwe kucache yeChrome noma ezinye izizindalwembu ozisebenzisayo ukugcina amapasswords asebhange lakho namakhadi okuthenga izimpahla.

Zikhona nokho izindlela zokuyikhipha lemalware kusoftware uma ubona ukuthi seyingenile. Okokuqala nokho ongakwenza ukudilitha icache esuke igcwele.

Scroll To Top