Now Reading
Intaba engubuNazaretha yamiswa phambi kwethu ngenhloso
Dark Light

Intaba engubuNazaretha yamiswa phambi kwethu ngenhloso

Umlando wenkolo uqukethe okuningi. Kuku lomlando lapho sithola izifundo ezahlukene ngempilo, ubuholi, ubuzwe, ulimni, imvunulo, umlando kanjalo nobuqotho. Ngenxa yokucindezeleka komlando wase-Afrika nowama-Afrika jikelele kukhona imfundisoze nenkolelo ethi inkolo kwaboHlanga ifike nabezizwe. Abanye baze bame bathi ukube laba abafikayo kabafikanga ngabe asimazi oWavelakuqala.

Lemfundisoze ize ifakazelwe nawukwamukelwa nokuqoshwa kwamabhukumlando angenkolo. Uma ulandela lokhu ungaze uphile uze uhambe emhlabeni ukholelwa kule mfundisoze. Kulokhu singegxeke inkolo thizeni  kepha singagxeka abalandeli bayo okuthi ingavela bese beyenza iqhude le yabo kuthi ezinye bazibuke zincinyana.

Ebhukwini elisihloko sithi: Concept of God in Africa (1970), isifundiswa saseKenya,  uSolwazi uJohn Samuel Mbiti ukhanyisela aboHlanga nabezizwe ukuthi kwabe kuyimfundisoze ukuthi aboHlanga  babe ngamazi owadala konke kodwa babeqale ukumazi ngoba sekufike abezizwe kuleli zwekazi. Kuleli bhuku uMbiti uhluba udlubu ekhasini, eveza nobufakazi bokuthi aboHlanga babembiza ngamagama akhethekile oNgabonwayo bazi nokuthi unguMdali weZulu nomhlaba. EBurundi babembiza ngoMukama, eKenya bembiza ngoMungu, eNigeria bembize ngo-Olisa noma uChukwu. ETogo babembiza ngoMawu, e-Uganda bambize ngo-Umunguwangafu noma uNakyizolongo. Lapha kwelakithi sasimbiza ngoMvelingqangi, uThixo noma uQamatha.

Izintaba zomhlaba nesintu

Kepha omunye uzobuza ukuthi kambe iyini  inkolo lena nokuthi imqoka ngani nokuthi inamlando muni. Impendulo yalokhu ilele emlandweni wesintu jikelele  kanjalo naloyo wenkolo oqoshiweyo nalowo odluliswe ngomlomo.

Emlandweni kuyavela ukuthi empeleni zaba zintathu izintaba (izimpendulo nezinhlaka)  ezalethwa yisikhathi ukuba phakathi kokunye zilawule  ukuphila kwabantu zibuye zibe ngumthetho phezu kwabo. Eyokuqala kulezi zintaba nendala kunazo zonke  yinkolo. Kuhle zisuka nje sivumelane ukuthi manxa sikhuluma ngenkolo kasisho ihlelo elithile  kepha sisho indlela yokuxhumana noNgabonwayo. Lentaba yokuqala yenganyelwa ngabaProfethi namuhla osekukhona nababizwa ngabefundisi nosoBaba abacwebileyo njalo njalo. Laba baholi ngokwenkolo bangabakhongi namanxusa oNgabonwayo emhlabeni njengoba kukholakala ukuthi bangumzimba Wakhe nokuthi banguye oNgabonwayo.

Intaba eyalandelayo lapho emuva kokuthi abantu bathi bacela ukubuswa kwaba nguBukhosi. Lentaba yenganyelwe ngaMakhosi (neZindlovukazi kwamanye amazwe) yabe ingumthetho omileyo kubantu noma ngabe ngabakuphi. Kuze kube yinamuhla lentaba iyinhliziyo yaleso naleso sizwe ngoba iqukethe ulibo lwesizwe nesizwe. OyiNkosi uyiNkosana  yesizwe futhi iSihlalo akuso singesikaloyo oNgabonwayo ngoba kukholwa ukuthi uhleli kuso nje yingoba evunyelwe Nguye. Abantu nje bakwaZulu babiza oyiSILO ngokuthi ‘yiNtabayezwe’ ngakho lokho ngoba bakholwa yikuthi oyiSILO uyintaba emqoka kusiko-nkolo lwabo, ulithempeli labo, ungumumeli wabayizolo, abanamuhla nabezayo

Kwahamba kwahamba abantu banemibuzo ngezintaba lezi ezimbili base beqamba eyabo intaba yababusi namuhla esibizwa kalula ngokuthi nguhulumeni. Lena yintatshana empeleni enomlando ongemuhle nalezi ezimbili, eyokuqala neyesibili. Kuyavela emlandweni ukuthi lena yesithathu yathi ingathola amandla yazicindezela noma yaqinisekisa ukuthi kwamanye amazwe ziyashabalala lezi ezimbili.

Okunye okuqaphelekayo wukuthi lezi ezimbili okuwuBukhosi nohulumeni ziyabazi ubuKhosana balena yokuqala okuyiNkolo. Emhlabeni jikelele kuze kube yinamuhla lapho kunoBukhosi obunamandla, iNkosi noma yiNdlovukazi uma ibekwa kubakhona abentaba yokuqala okungoSobaba noma abefundisi ababusisa noma bagcobe iNkosi leyo ngamafutha noma bayibeke isandla.  Ngisho kubekwa onguMengameli wezwe ufungiswa phezu kwebhuku lenkolo elandelwayo kulelozwe, nasenkantolo imbala abantu bafunga phezu kwebhuku lenkolo bafunge ngentaba yokuqala.

Intaba yobu-Nazaretha

Lapha nje eNingizimu Afrika ikhona intaba eyathi ingafika yaguqula zonke izimfudisoze ngaboHlanga, ukuthi kabamazi oNgabonwayo. Lentaba yafika yavunywa ngeyesibili yamukelwa nguBukhosi naMakhosi. Lentaba ngubuNazaretha neyafika nofana nathi, okhuluma ulimi lwethu, nosibongo sakhe singesethu. Lona nguMqaliwendlela owathi manxa efika wakhuphukela entabeni, wagqugquzela nesizukulwane sakhe kanye nathi sonke ukuba ezinsizini zethu nasekungaqondini kwethu asokhuphukela entabeni lapho siyobeka izethulo zethu koNgabonwayo. Wathi intaba lena ingumalamulela nobunye bethu.

Lentaba imiswe lapha KwaZulu naseNingizimu Afrika ngesikhathi esinzima lapho intatshana lena yesithathu eyabe ngaleso sikhathi iholwa ngabaDeshi namaDlagusha iqhoqhobele konke. Icindezele aboHlanga igugula noBukhosi. Lapha kweleNdlovukazi uMthaniya ukufika kwalentaba kwaba yimpendulo nesibusiso ngoba kuyo kwaqhamuka isihlangu sobuzwe, amasiko ulimi nalokho okulifagugu layizolo.

Ngalesi sikhathi izinhlangano nabaholi boHlanga bevalwe imilomo yakhuluma intaba yobuNazaretha. Ngesikhathi aMakhosi nesizwe belwela ukuzigqaja ngobubona nangemvunulo yawo, yama  nemvunulo kaZulu intaba yobuNazaretha. Ngalesi sikhathi imfundo igugula ulimi abantu sebeba ngamazemtiti belahla ulimi lwabo lapho bedumisa yama lentaba yobuNazaretha yadumisa ngolwethunga ngalokho ulimi lwethu lwalondolozeka.

Konke lokhu kusivezela ukuthi ukubheka ngomqondo ojulile ukufika kwentaba engubuNazaretha phakathi kwethu kwabe kunenhloso. Inhloso kwabe kuwukuvikela ubuthina, ulimi lwethu, imvunulo kanye nokuphebeza imfudisoze ethi aboHlanga noZulu kabamazi uNkulunkulu wabazali babazali bethu.  Akukho ukungabaza ukuthi ngesikhathi lapho umlando uziphinda, lapho intaba yesibili izanyazanyiswa likhona ithemba lasendulo, ikhona intaba yokhokho intaba yobuNazaretha.

Scroll To Top