Imithandazo nezihlabelelo zamaNazaretha



Isiqalo somthandazo weSabatha
Bandla elikhulu lika Menzi wezulu nomhlaba, sesingene ekuhlonipheni imini enkulu eyahlonishwa uBaba wethu uMenzi wezulu nomhlaba, ekuqedeni kwakhe ukwenza izulu nomhlaba nezinto zonke. Mdumiseni odumisekayo. – Genesis 2:1-3 Duteronomi 5:12
Makube njalo
Makube ludumo Emhlabeni nakweliphezulu Dumisani uJehova. Amen.
Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana, nigcine imithetho yakhe anilobele yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi. – Malaki 4:4
Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe akayikuyamukela imithandazo yenu. Akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.
Ngiyanincenga zizukulwana ngegama likaJehova iNkosi, gcinani imithetho ka Jehova.
UJehova ungumalusi wami angiyikweswela mina senziwa sakhe. Uyangelusa ebusuku nasemini, uyavumela izindebe zami ukuphatha igama lakhe.
Uyabuyisa umphefumulo wami ekulahlekeni kwawo, angiholele ezindleleni zokulunga ngenxa yomusa wakhe.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa angiyikwesaba okubi ngokuba isihlangu sika Jehova siyakungivikela ngenxa yomsa wakhe
Uyena owendlala isithebe somusa wakhe ebusweni bami wangijabulisa phambi kwezitha zami, wagcoba ikhanda lami ngamafutha indebe yami iyachichima.
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami, ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zami.
Khumbulake ukuthi namhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyakuhlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho – Duteronomi 23:23
Ungaphuthi ukumkhonza uJehova uThixo wakho ngalemini akuvuse ngayo ebuthongweni obe ulele ungenalwazi ukuthi uzobuye uvuke yini.
Umkhonze ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho okungokuka Jehova. – Duteronomi 30:2 Duteronomi 28:4-7
Umkhonze ngokumthanda, noma uhamba endleleni mkhonze ngokuba ekuhambeni kwakho uludondolo lokuhamba kwakho, noma uhlezi endlini yakho emini mkhonze.
Bandla elihle elithobekileyo nelihloniphekayo lika Menzi wezulu nomhlaba, uMenzi makavume ukubusisa ukuguqa kwethu nokuzithoba kwethu. Amen
Isiqalo somthandazo wokuvuka:
Bandla elithobekileyo lika Menzi wezulu nomhlaba;
Sesiyamdumisa manje odunyiswayo imihla yonke. Amen
ISILANDELO SEBANDLA
Nkulunkulu onamandla onke,
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Busisa ukuvuka kwethu kwanamhlanje, Usigcine ngomsa wakho. Amen
UJehova ungumalusi wami, angiyikweswela mina senziwa sakhe. Uyangelusa ebusuku nasemini. Uyavumela izindebe zami ukuphatha igama lakhe.
Izeduko zami zemizuzu akazikhumbulanga ngisese siswini sikamame. Akayikuzikhumbula namanje ngenxa yomsawakhe nange gama lakhe. Uyabuyisa umphefumulo wami emadlelweni amahle. Angiholele ezindleleni zokulunga, ngenxa yomsa wakhe nange gama lakhe.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angiyikwesaba okubi ngokuba wena Jehova ukimi. Intonga yakho nodondolo lwakho ziyisihlangu sokungivikela, ngiyathokoza ngazo.
Wena uyendlala isithebe sami ebusweni bami, ngaphambi kwezitha zami. Ugcobile ikhanda lami ngamafutha, izindebe zami ziya chichima.
Impela okuhle nomusa okuvela kuwe Nkulunkulu kuya kungilandela imihla yonke yokuphila kwami ngenxa yomsa wakho. Ngiyakuhlala endlini yakho Nkosi Jehova, kuze kube sekupheleni kwezinsuku zami, ngokungivumela ngomsa wakho.
ISILANDELO SEBANDLA
Nkulunkulu onamandla onke,
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Busisa ukuvuka kwethu kwanamhlanje,
Usigcine ngomsa wakho. Amen
Isiqalo somthandazo wokulala:
Bandla elithobekileyo nelihloniphekayo likamenzi wezulu nomhlaba sesiyamdumisa manje odunyiswayo imihla yonke. Amen.
ISILANDELO SEBANDLA
Nkulunkulu onamdla onke,
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Lala nathi namhlanje,
Usigcine ngomsa wakho. Amen.
UJehova ungumalusi wami angiyikweswela mina senziwa sakhe. Nangalemini ungondlile wangivikela ezingozini zonke ebezifanele ukungehlela. Ukubonga kwami koba ngaye njalo.
Uyavumela izindebe zami ukuphatha igama lakhe, ngenxa yomusa wakhe. Ukubonga kwami koba ngaye njalo. Izeduko zami zemizuzu akazikhumbulanga ngenxa yomsa wakhe.
Ukubonga kwami koba ngaye njalo.
Uyabuyisa umphefumulo wami ekwedukeni kwawo ngenxa yomusa wakhe. Ukubonga kwami koba ngaye njalo. Angiholele ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
Nangalobu busuku ngiyakholwa ukuthi uzakuwubuyisa umphefumulo wami ekwedukeni kwawo ngenxa yomusa wakhe. Ukubonga kwami koba ngaye njalo.
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa angiyikwesaba okubi, ngokuba isihlangu sika Jehova siyakungivikela ngenxa yomusa wakhe.
ISILANDELO SEBANDLA
Nkulunkulu onamandla onke,
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Lala nathi namhlanje,
Usigcine ngomsa wakho. Amen.
Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangithokozisa. Wena uyendlala isithebe sami ebusweni bami ngaphambi kwezitha zami.
Ugcobile ikhanda lami ngamafutha indebe yami iyachichima.
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami ngenxa yomusa wakho, Nkosi Jehova.
Ukubonga kwami koba ngawe njalo.
Ngiyakuhlala endlini yakho Nkosi Jehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zami ngokungivumela ngomsa wakho
Khumbula ukuthi namhla wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho sokuthi uyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.
Ungaphuthi nalunye usuku ukumkhonza uJehova uNkulunkulu uThixo wakho. Uvuka mdumise noma ulala mdumise.
ISILANDELO SEBANDLA
Nkulunkulu onamandla onke,
Yise wabo bonke abamkhonzayo,
Lala nathi namhlanje,
Usigcine ngomsa wakho. Amen
Izihlabelelo zamaNazaretha
ISIHLABELELO SOKUQALA
Nkosi sikelela uBaba
Noma ezula ezintabeni,
Engenayo indawo yakhe
Elala emahlathini.
Nkosi sikelela uBaba
Wena uyisihlangu sakhe
Noma ezula ezintabeni,
Elala emahlathini.
Wena uyisihlangu sakhe
Noma ezula ezintabeni,
Engenayo indawo yakhe
Elala emahlathini.
Ngomthandazo wezingane
UJehova wasilalela,
Sisazula ezintabeni
Silala emahlathini.
Zijabhile namhla izitha zethu,
Ezazihlekisa ngathi,
Sisazula ezintabeni
Silala emahlathini.
Nanamuhla Nkosi makubenjalo,
Mazijabh’izitha zethu,
Ezazihlekisa ngathi,
Sisalala emahlathini.
Nanamuhla Nkosi kusenguwe
Owawuchitha izitha zethu
Sisazula ezintabeni
Sisalala emahlathini
ISIHLABELELO SESITHATHU
Nkosi Nkosi bubusise
Lobu buNazaretha
Uchoboze izitha zabo,
Zingabuvukeli.
Vuka vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe,
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli.
Noma siya entabeni
Owasikhethela yona,
Ethiwa iNhlangakazi,
Bungakhubeki.
ISIHLABELELO SESHUMI NANTATHU
Amathalente neziphiwo
Makusetshenziswe nguwe Nkosi,
Kungifune kungithole
Ebuningini besisa sakho.
Ukunxanela komoya wakho
Makungifune kungithole,
Ebumpofini bomoya wami
Mangithokoze namhla weNkosi.
Yizanini Bantu nonke
Sondelani ngase mthonjeni,
Lowo mthombo ka Jakobe
Lapho kwasinda khona amaSamaria.