Now Reading
IGwalagwala elahlanganisa uZulu namaSwati
Dark Light

IGwalagwala elahlanganisa uZulu namaSwati

Ndabezitha, kangazi ukuthi ngizothatha ngiqale kuphi ngoba kangazi nokuthi yikuphi okuyikhona okudingayo Mageba, kepha kangiqale ngithi mina igama lami nginguMantfombi Shiyiwe. Ngizalwa yiNgwenyama yamaSwazi, iSilo uSobhuza II, esigodlweni sakwaLobamba.

Umama wami nguMtanenkosi uManoni, owayeyindodakazi kaMtanenkosi uKlebe weNgwenyama uMbantzeni. INgwenyama yangiqamba igama lokuthi nginguMantfombi ngoba iNdlunkulu uManoni yayisizele abafana abaningi kunamantombazana. Leli lokuthi nginguShiyiwe Ndabezitha, lona kwathi ngizozalwa, iSilo uSobhuza II sahamba, saya eNgilandi siyokhuluma udaba lokukhululeka kwezwe lamaSwazi embusweni wamaNgisi. Ngasale ngazalwa mina, base bengiqamba bethi nginguShiyiwe.

Mina ngakhula ngingumtana owayenempilo engeyinhle. Abadala bahlupheka kakhulu ngami, ngigula njalo ngingumuntu kadokotela. Babengehlisa bengenyusa nezibhedlela zonke, bezama impilo yami. Ngangokuthi bagcina sebengiyekile, ngagcina ngikhula kungaziwa ukuthi ngikhula njani. Kanti uNkulunkulu uyati ukuthi ngizogcina ngikhulile. Namuhla ngingumuntu kubantu. Kwahamba kwathi uma ngiyitshitshana, ngabona nami amajaha eseqala ukungeshela njengomtana wonke okuthi uma ethi uvula amahlo, okungamabhobhodlana kuqale kumeshele.

Sekuthi ngomnyaka ka-1973 bathi kuta abakhulu bakaZulu, batakubona amasiko akwaNgwane. Kunomunye dadewethu bathi hhayi kuzakuthi uma iNkosi yakaZulu ifika, izakunikwa nangu uMtanenkosi. Siyajabula nje ukuthi kuzakuthi uma iNkosi yakaZulu ikhomba, izakunikwa lo dadewethu iyamfuna. Siyababaza sithi laba bantu labanje! Abantu bakaZulu! Sithi, kepha lo Mtanenkosi unenkani. Vele kumlungele.

Uyakubonana khona nabakaZulu. Tiyakutholana etulu. Sasithatha nje khashana ukuthi kasati ukuthi impilo iyafana yini neyethu. Sasithatha nje izwe elikhashana, asati kuphilwa impilo enjani. Sizibuza ukuthi ngabe iyefanana yini neyethu, kodwa uma sizwa kuxoxwa ngabantu bakaZulu, ungathi nje kuphilwa impilo yobulwane. Mine nje kakhulu engangikucabanga yikuthi vele kuphilwa impilo yobulwane.

lzintombi zaphuma ngobuningi bazo ziya esikweni lokuyosika umhlanga. Kuyahanjwa-ke Mageba, kaNgwane uma kuyosikwa umhlanga. Ngelinye ilanga ngiyakusho kahle ukuthi uma kuyakukhiwa umhlanga kwentekani, ngowani wona lo mhlanga nokuthi lentani lona leli siko. Leli siko lokusika umhlanga lihle kakhulu. Yilapho sifika sihlukanise khona ukuthi uma kuthiwa ungaqomi kasikafiki isikhathi yini leli gugu lakhona? Uzakulibona ngani leli gugu lakhona? Uzakuthi ngangiyintombi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili. Kodwa wetani ngenkathi uyintombi? Uzakusho ukuthi ngenkathi ngiyintombi ngabuthwa, ngayosika umhlanga weNgwenyama osikwa zintombi. Kuligugu elikhulu ukuthi wena wawusika iminyaka emingaki umhlanga. Kusho ukuthi ubuyintombi nto! Ungakonakali.

INgonyama yakaZulu yayiqala nqa! Ukulibona leli siko empilweni yayo, kusho ukuthi yalithanda. Yalithanda kakhulu ngangokuthi kwathi ngelinye ilanga nami sengaze ngakhohlwa sengaba ngumkake, wangikhumbuza ngokubuthwa kwezintombi.

Sengiyakhumbula nje ukuthi hha! Ngalesi tikhathi tintombi tibuthiwe tiya emhlangeni.

Ngamangala kakhulu iNgonyama yakaZulu ukuthi hawu! Kanti leli siko yalithanda. Yayingibuza ukuthi leli siko letiwa kanjani? Nayo iyafisa ukuba ilete lapha ezweni lakaZulu leli siko eyalithanda ngenkathi ilibona letiwa lena kaNgwane. Kwangijabulisa kakhulu mina ukuthi hhawu! Kanti iNkosi yaMakhosi yayithanda le nto enhle kangaka!

Ngase ngithi, “Silwesikhulu, akulutho lokhu, nawe ungaluqala. Kuyakukhula kuthi kuyakuhlangana ishumi leminyaka kuyakube sekuvuthiwe.” INkosi yaMakhosi yangibeka lapha phansi, yathi, “Kwetiwa kanjani?” Ngathi, “Kute ingqikithi ukuthi kukhulunywa nalaba baphansi yini. Kumbe kufakwa ticelo koHulumente labanye kodwa kuphuma tintombi tiyosika umhlanga.”

Ngiyakhumbula Mageba ukuthi iNgonyama yakaZulu yayisizwa nguwe kakhulu kanye neNkosi uMbuyiseni Khoza waseMpangeni ukuze ilivuse le siko. Kwakuyaye kufukuze nina-ke Ndabezitha, senifukuzela yona iNgonyama nibambisene noMntwana u-Alice kaSolomon kanye neNkosazana uMntwana uNonhlanhla kaBhekuzulu. Noma sebake bathi bayalona nje leli siko, nani naseniyaqhela, senimela kude Ndabezitha, kepha kuyakuhlala kwaziwa ukuthi uMntwana uBhekizizwe nguye owabamba iqhaza elikhulu ekuvusweni kwaleli siko.

Ngenkathi uMtanenkosi ethi iNkosi yakaZulu kayithandi, wayeyibonile yini ngenkathi begida esigcawini somkhosi womhlanga?

Ngangimbonile, futhi ngangike ngambona ngaphambili, Ndabezitha. Vele kwakungumuntu owayengekho enhlitiyweni yami. Noma ngithi ngiyathandaza kuNdlunkulu, izwi liyabuya lithi akekho eduze kwenhlitiyo yami. Kute nokutincenga, vele kangimthandi. Anginawo namona, akeshele labanye abazomthanda. Mine futhi kangiticabangi ngigana kule tigaba ngisemncane. Ngangifisa ukuya ekwendeni senginamashumi amathathu weminyaka, kuthiwe Mantfombi sewuyenda-ke. Kanti kusho ukuthi uNkulunkulu naMadloti kajajelwa ukuthi ngifuna ukwenza ngaluphi uhlobo. Cha, Ndabezitha.

Ekugcineni ngezwa sengimthanda ngingasazenzisi kangangoba Ndabezitha, noma iNgwenyama uSobhuza yayingeva kahle ngoba ngangimncane, sebafikile labo bafikayo, yashibilika. INgwenyama uSobhuza vele engafuni, kwaba nemigomo lena ayibutayo, ethi boNdabezitha, nitakusithini Ie sigaba lesinje ngoba vele kangiboni. Akenihambeni niyocabanga. Bahamba, bathi basayocabanga.

Njalo kuthi uma beta laba bantu abadala, bethi iSilo sakaZulu siyangibita, singibute sithi, “Ngeke ungiphike yini?” Ngiphendule mina ngokuthi ngeke ngimphike. Vele kangimphikanga Ndabezitha noma sebafika. Ngasho ngathi ngiyamati.

Ngabe isoka leli lalibuye lenqene yini ukuthi intombi lena ingabuye ijike?

See Also

Ngiyacabanga Ndabezitha ukuthi mhlawumbe wayesaba. Kanti nami ngangingati ukuthi vele kutabe kwetenjani lapho mhlawumbe utakubatekela, abaxoxele nje ukuthi mine njalo nemaLangeni ngjyethandana nalo mtana. Ngisho le nto enjalo Ndabezitha.

Ngifike lapha kaZulu ngilitshitshi. Ngafikela esigodlweni sakwaKhethomthandayo, okulapho ngahlaliswa khona. UNdlunkulu uDlamini wayebelethe uMntwana uNombuso kuleso sikhathi. UNdlunkulu weSilo wangiphatha kahle kakhulu. Kanti phela ngafika nginokwesaba ukuthi lokhu ngingumqhamuki, mhlawumbe bazongenyanya, bangiphathe kabi impilo ibenzima. Impilo yabanhle lapha esigodlweni kwaKhethomthandayo.

Kwayima ngibona ukuthi kanti baphila njengathi la bantu bakaZulu. Ngoba phela mina ngangala kangaka nje, ngangithi sengiyophila impilo engingakaze ngiyibone emhlabeni.

Ngakhanda nakudla ukuthi kuyafana, kepha kwehluke kancane nje kokwakuthi. Nenhlonipho yakhona iyafana neyakaNgwane, kodwa yehluke lapha nalaphaya. Kwangicacela manje ukuthi kanti nabakwaZulu ngabantu nabo, futhi baziphethe kahle.

Indlunkulu uMtanenkosi yena walotsholwa ngezingaki lokhu ngabona uMhlonishwa uC. J. Mthethwa ezibala ngaphambi kweJaha elikhulu lakaNgwane saze sakhohlwa thina esasihamba naye sizolobola.

Mina ngagana ngemuva kokuba sengitele uNomkhosi. Kuthe uma abakaZulu bebuta ukuthi isithebe seNgwenyama yakaNgwane singaki, kwaba ngumzukuzuku esigodlweni kaLobamba. Sithike iSilwesikhulu uSobhuza kanye nabaTabenkosi, uMtanenkosi akanasibalo. Kwala noma abakhongi begcizelela, becela ukuba ubukhosi bakaNgwane buphume nezwi, kepha uLobamba wema nje ezwini elilodwa lokuthi uMtanenkosi akanasibalo. Ubukhosi bakaZulu kabubone bona ukuthi lo mtana bumlobola ngetingaki? Vele siyeva lokuthi letiNsika takaZulu lezifana nalaMakhosi, amaShifu akhipha tinkomo.

Kodwa-ke etafika esigodlweni eSwazini zaba ngamakhulu amathathu neshumi. Kanti umgomo wobukhosi bakaZulu kwakuyikumikisa amakhulu amabili kuphela. Etinye-ke tabe setitala lapha endleleni zangena esigodlweni setingamakhulu amathathu neshumi.


UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali. Phakathi kwamabhuku asewabhalile kukhona Umongo kaZulu kanye neNhlendla yethusi kaZulu. Uthinteka ku 0640400832.

Scroll To Top