Ithi iya enkantolo iContralesa ngolokusoka uma nje…



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Ubuholi bomdabu bakwaXhosa busonga ngokuyisa uHulumeni enkantolo uma kuhlehla ukusokwa kwabafana, lesi sizwe esikubiza ngokweluka, kwasehlobo okwenziwa njalo ngoZibandlela.
Ukusoka kwangoNhlangulana kwahlehliswa ngenxa yokhuvethe kanti ngaleso sikhathi isifundazwe i-Eastern Cape sasihlonzwe njengaleso esasiyisizinda sokhuvethe. UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, usethe usazobonisana nabanye ukuthi kuzomiswa kanjani ngalolu daba.
Inhlangano yabaholi bomdabu iCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) e-Eastern Cape isisonge ngokuyisa uHulumeni enkantolo uma ukusoka kwangoZibandlela kungavunyelwa. Leli siko lokusoka lenziwa ngezikhathi ezimbili onyakeni ngoNhlangulana nangoZibandlela. Bathi izizathu sokusebenzisa lezi zikhathi ukuthi abafana abasakhula basuke besemakhaya okwenza kube lula ukuthi babe yingxenye yaleli siko elenziwa isikhathi esingangenyanga.
IContralesa ithi ibhekene nengcindezi eyisimanga kubazali abafuna amadodana abo asokwe. “Kuyasithusa futhi kuyasidumaza ukuthi eminye imcimbi yamasiko iyaqhubeka kodwa akukho okusashiwo ngokwelukwa,” kusho iNkosi uMwelo Nonkonyana (osesithombeni) onguSihlalo weContralesa esifundazweni i-Eastern Cape. “Ebusika sahlehlisa silandela umkhosi owawuhlatshwe uHulumeni ukuba sime ngokwelukwa ngoba izwe lalisabhekene nobhubhane ukhuvethe. Sakwazi ukulwa nalabo ababevula isikole sokweluka ngokungekho emthethweni ebusika,” isho kanje.
INkosi uNonkonyana ithe ngosizo loMnyango Wezempilo nemigomo eqinile yokhuvethe ukusoka kumele kuvunyelwe ukuthi kuqhubeke. “Uma uHulumeni unganqaba ukuba kuqhubeke kuzofana nokuthi basingcwaba siphila. Kunemicimbi eminingi okumele engabe iyaqhubeka kodwa ayikwazi ngoba kusamisiwe ukwalukwa. Akukho okunye esizokwenza kepha sizoya eNkantolo yoMthethosisekelo,” kusho iNkosi uNonkonyana.
INkosi uVelile Mfunda onguSihlalo weCacadu Traditional Leaders khona e-Eastern Cape ithe: “Ebusika bangonyaka owedlule eCacadu saba nabafana abayizi-3 500 kwathi ngoZibandlela baba yizi-6 000. Lokhu kusho ukuthi izibalo zizokhuphuka kakhulu ngoba akubanga nazikole zokwelukwa kulobu busika.”
UNgqongqoshe uMaDlamini Zuma uthe usazobhunga nabaholi bomdabu.
Okhulumela uMnyango uNks uLungi Mtshali uthe: “Sibe nesibalo esiphezulu sabantu abadlule emhlabeni ngaphambi kokhuvethe. Manje kuzomele sihlangabezane siphinde sithole izindlela zokubhekana nokusoka ngalesi sikhathi sobhubhane.”
Umzali okhulume neBAYEDE nokho ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe uthe: “Engingakusho ukuthi ukweqiwa isikhathi sokusoka kufana nokudlulwa uKhisimusi. Ngeke ngisho ukuthi kusuke kwenziwani laphaya ngoba esigodini sangakithi bangangibulala nokungibulala uma ngingaputshuza ulwazi. Inkinga ukuthi izingane zabafana ziba nengcindezi, aziphatheki kahle ngisho esikoleni ngoba zicwasana zodwa uma kukhona ongasokile.”
Lo mzali uthe nendodana yakhe isiyayizwa le ngcindezi.
Ecelwa ukuthi acacise ngobumqoka bokwenzela leli siko entabeni uthe: “Lokhu kuzongiphoqa ukuthi ngikwazise ukuthi kwenzekani entabeni lokhu engingeke ngikwazi kodwa engingakusho ukuthi laba abaya esibhedlela basuke besaba ingculaza kepha nakuthina entabeni kuyacophelelwa. Uma kube khona oshonayo kusuke kuwukuganga kwabo abafana kusuke kungebona ubudedengu bala abasokayo ngoba bayazi ukuthi umkhonto okusokwa ngawo uma kanjani.”
Uthi izinto ezenziwa entabeni azitshelwa muntu ngisho abazali lokho okukhomba ubudoda ngoba umuntu ufunda ukufa nento esifubeni.
“Kusazoliwa ngale nto ngoba abafana bafuna ukuba ngamadoda. Uzoqonywa ubani (uyinkwenkwe) unejwabu? Izintombi ziyakulangazelela ngoba ziyakwazi ukubaluleka kokuhlonipheka. Nasendaweni uyahlonishwa ngoba kwaba nomgidi ngenxa yakho. Uma sihleli nomfana ongasokwanga sike sithi ‘engathi asiphelelanga lapha endlini’ igama elisetshenziswayo ukucwasa ongasokile,” kusho lo mzali.