Now Reading
UShenge uphendula kwinselelo ayiphonselwe i-ANC ngokuhlonishwa isifunda iKing Cetshwayo
Dark Light

UShenge uphendula kwinselelo ayiphonselwe i-ANC ngokuhlonishwa isifunda iKing Cetshwayo

Ephephandabeni iBayede ka-24 kuNdasa kunombhalo kaNobhala kaKhongolose waKwaZulu-Natal uMnu uBheki Mtolo isihloko salombhalo sithi; “UKhongolose uhlaba isenzo se-IFP eKing Cetshwayo.”

Kulo mbhalo kaMnu uMtolo kuningana akuphawula ngami bese egcina ngelithi;

“Siyethemba uMntwana waKwaPhindangene uzoziqhelelanisa nalesi senzo seMeya naMakhansela aseKing Cetshwayo ngokushaya indiva inkulumo eyakhayo yeSILO uZwelithini kaBhekuzulu.”

Lapha-ke uNobhala kaKhongolose uMnu uBheki Mtolo ubesengicela inselelo ngalolu daba. Ngiyavuma-ke le nselelo angicela yona uNdlangamandla. Kodwa ngithi iMeya noMasipala waseKing Cetshwayo uMhlonishwa uMnu uThami Ntuli bazoziphendulela ngokuqondene nabo. Kanti neQembu leNkatha Freedom Party lizoziphendulela  ngemicibisholo uMnu uMtolo ayibhekise kulo ngqo!

Kuyadumaza nokho ukuthi isikhulu esingangoMnu uMtolo abhale into engelona iqiniso athi:  “Kuyadabukisa ukuthi njengoba iSizwe sonke sikuqonda ukubaluleka kokugcinwa kwamagugu kodwa inhlangano Inkatha Freedom Party isithathe isinqumo sokushabalalisa umlando weSizwe kuMasipala iKing Cetshwayo.”

Aqhubeke uMnu uMtolo athi: “Kuyadumaza kulichilo futhi kuyashaqisa ukuthi iMeya ye-IFP kuMasipala iKing Cetshwayo uMnu uThami Ntuli isithathe isinqumo sokuthi kuqedwe igama lamahhovisi kamasipala iKing Cetshwayo House esizokwaziwa ngokuthi yiPrince Mangosuthu Buthelezi House.”

Lento yokuphendukezela inkulumo ngalendlela, uKhongolose waKwaZulu Natal kade ayiqala, bayiqala eMlazi.  Umlando waseMlazi uqale ngami ukuyokhonza eNkosini yakwaCele ukuba isinike indawo le okwakhe kuyo uMlazi. 

Ngaphambili kwakukhona uMkhandlu womuzi waseMlazi, emva kokuba mina nohulumeni wakwaZulu sakha izindlu eziningi eMlazi. Ngaphandle kokwakha lezi zindlu  uHulumeni wami wakwaZulu wakhe isibhedlela sabizwa ngegama loMntwana Omkhulu wakwaSokesimbone, uMntwana uMshiyeni kaDinuzulu owelama ISILO sakwaDlamahlahla, iNgonyama uSolomon Maphumzala kaDinuzulu, yena uMntwana Omkhulu ebeselanywa nguMafungwase uMntwana uMagogo kaDinuzulu. Emva kwalokho mina nohulumeni wakwaZulu ngakhe iMangosuthu University of Technology. Umkhandlu waseMlazi ngenkathi iMeya yawo kunguMnu uNgobese base bebiza umgwaqo omkhulu waseMlazi bathi yiMangosuthu Highway.  UKhongolose walesifundazwe saKwaZulu-Natal wenza isinqumo sokuguqula igama, kususwe ukuthi yiMangosuthu Highway. Sebaliguqula labizwa ngoMxenge Highway.

Lapha eKing Cetshwayo kuMasipala amahhovisi kusaphethe i-IFP ayebizwa ngePrince Mangosuthu Buthelezi, nxa sekuphethe umasipala kaKhongolose wasesula igama likaPrince Mangosuthu Buthelezi.  Esikhundleni salokho uKhongolose  amahhovisi esewabiza ngegama leSILO uKing Cetshwayo. Bekwenza lokho vele umasipala uvele ubizwa ngalo igama leSilo iKing Cetshwayo.

Ngenkathi kuzodlalwa iWorld Cup Soccer kwakhiwa izinkundla, uKhongolose wasazisa neSilo esikhotheme ukuthi inkundla yaseThekwini isizobizwa ngeNkosi, uyise weLembe yethiwe ngokuthi yiKing Senzangakhona Stadium.  UKhongolose gwiqiqi, wasuguqula lesosinqumo esebiza inkundla ngomholi kaKhongolose uMnu uMoses Mabhida.  ISILO esikhotheme saze sakhothama, lento yokuguqulwa kwenkundla kususwe igama leNkosi uSenzangakhona ingasiphethe kahle. 

Zonke lezi zinto kazenziwa ngokucela kweNkatha Freedom Party. Uthi-ke uMnu uMtolo uMhlonishwa iMeya uNtuli neQembu leNkatha bangamadlabha afuna ukuzenza muhle kuMntwana waKwaPhindangene.  Okokuqala angikaze ngibuzwe ukuthi ngiyafuna yini ukuba kwenziwe isichuse sami emahhovisi kamasipala.  Mina ngibikelwe yiMeya egameni likaMasipala sebenqumile ukukwenza lokho.  Nasemuva kokuba uKhongolose eseqale lemfundisoze yokuba mina ngivuma ukuba senziwe isichuse nokuba kube sengathi amahhovisi ayaguqulwa kususwa igama leSILO ukuba kufakwe kabusha igama lami. 

Yinto eyimfundisoze kaKhongolose, ngamahhovisi ayevele ebizwa ngePrince Mangosuthu Buthelezi House.  UKhongolose walisusa.  Ngithe nxa ngibona ukuthi uKhongolose usephendukezela udaba ngamanga nxa kudaleka ukuba sengathi mina ngiqwagisana nokhokho wami, ISILO uCetshwayo, ngathi kanginankinga nxa kuvele kungenziwa.

Ngiyamangala uma uMnu uMtolo aze athi lokho kuyichilo elishaqisayo asho konke ukuthi athi uMnu uMtolo ekhuluma ngami belu athi: “Ngakho-ke kuphindwe kufakwe umfanekiso womuntu oyiNkosi eceleni komfanekiso weSILO.  Akukhona ukudelela ISILO uCetshwayo kaMpande, kuphela kodwa kuwukudelela iNdlunkulu, ISILO esibusayo noZulu wonkana.  Futhi kuwukuhlanekezela isikompilo likaZulu lokuthi akekho oyohlonishwa alingane neSILO esiseSihlalweni ukuguqula iZilo ezabusayo.”  Nansi indaba inona bo!

Ukuthi mina Mangosuthu ufanele yini uMnu uMtolo, waphi, azame ukufundisa mina ngezindlela zenhlonipho yakwethu endlini koKaMbondi? (Indlovukazi unina weSILO uCetshwayo, uNgqumbazi).

Angazi noma akakwazi yini uMnu uMtolo ukuthi iNgonyama uCetshwayo izala iNgonyama uDinuzulu, nokuthi iNgonyama uDinuzulu izala iNgonyama uSolomon, noMntwana uMshiyeni noMntwana uMagogo, kunina bancela ibele leNdlovukazi oKaNtuzwa Mdlalose bobathathu.

See Also

Njengoba ngingumzukulu mina weSILO uCetshwayo kungayiqiniso ukuthi angibeke njengo“muntu oyiNkosi” ebe ekhuluma ngokhokho wami, ozala uBabamkhulu ISILO uDinuzulu, sona sizale umama, uMntwana uMagogo.

UMnu uMtolo uthi abanye bayahlanekezela kunguye ohlanekezelayo.

ISILO uCetshwayo sabeka ukhokho wami uMnyamana ka Nqengelele ukuba kube nguyena ophaka impi yaso ISILO samabutho alwa naMaNgisi.

UKhongolose uqale nini ukukhathazeka ngobukhosi beZilo?  Impi yobukhosi beSILO ngazi iliwa yimi kuphela.  I-IFP le ayingcofayo yaze yacishe yaphela nya  ngilwela ukuba ISILO esikhotheme sibe nabasimelayo ezingxoxweni zikaCODESA.  Ngowe-1994 i-IFP yayisinqume ukuba ingayi okhethweni ngokwehluleka kukaKhongolose ukuba kufezwe isivumelwano sokuba kuze abalamuli bamanye amazwe ukuzoxazulula ngobukhosi beNgonyama kaZulu.  Kuze kubemanje asikaze sifezwe leso sivumelwano.

Izicucu ezasala esephucwa izwe ngashaya umthetho mina ukuba zibe ngaphansi kweSILO, Ingonyama Trust Land.  Ngisho namanje abanye ebuholini bakaKhongolose lapha KwaZulu-Natal basangunaza ngisho manje ukuba lezicucu ezasalayo ngaphansi kokuzibeka phansi kweSILO iNgonyama kumele umthetho uchitshiyelwe noma uthathe lomhlabathi ubengaphansi kukaHulumeni.

Nakhu uMnu uMtolo ekhombisa uthando olusha eSilweni bo! Sawubona luthando olusha, molo!


UMntwana uMangosuthu Buthelezi, uNdunankulu weSILO noZulu

Scroll To Top