Isifunda iKing Cetshwayo: Ikhaya lomlando nefagugu likaZulu


Kulokhu sibungaza umzukulu wamaqhawe nengqwele yakho konke okunguZulu
UMasipala wesifunda iKing Cetshwayo enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal ingenye yezindawo eziyinqabakutholwa KwaZulu-Natal uma kufika emlandweni kaZulu. Kukulendawo eyakhelwe ngomasipala abancane okuwuMbonambi, uMhlathuze, uMthonjaneni, uMlalazi neNkandla.
Lesi yisifunda sezizwe zaMakhosi angama-44. Ikhaya labaholi abaningi abaphilayo nabangasekho abakha umlando kaZulu. Abaholi abaqhamuka kulesi sifunda bavela emikhakheni eyahlukene kusuka ezinhlakeni zoBukhosi, ezempi, ezemfundo, ipolitiki, ezamabhizinisi nenkolo njalo njalo.
Empeleni akulona ihaba ukuthi kusesifundeni iKing Cetshwayo lapha iSihlalo sikaZulu esihlonishwa umhlaba wonke namuhla esabunjwa khona. Kuku lenhlabathi yaseKing Cetshwayo lapho kwanyathela khona, kwaphila iNkosi uDingiswayo kaJobe wabaThethwa. Ikhaya leNkosazane yaseLangeni, iNdlovukazi uNandi.
Kusezintabeni zoNgoye ezitholakala eKing Cetshwayo lapho umlando kaZulu waguquka khona ngokuhlangana kweNkosazane yaseLangeni neNkosana uMenzi kaNdaba, iNkosi uSenzangakhona. Okwathi ngokuhlangana kwabo kwaphuma uSigidi, iNgonyama uShaka.
Inhlabathi yaseNkandla ilondoloze lukhulu njengoba ngaphansi kwayo kulele amathambo eNgonyama uCetshwayo kaMpande. Kubuye kube seNkandla lapho amadelamzimba eMpi yokugcina kaZulu, iMpi yaMakhanda eyahlelwa yalwa khona ngaphansi koholo lweNkosi endala, uSigananda Shezi. Yaphuma lapha kulesisifunda ngeSikhala iNgonyama uCetshwayo mhla ilifulathela elawokhokho, iqhutshwa ngabahlaseli baMangisi.
Ukugcina lemilando neminye, uMasipala iKing Cetshwayo wesekwa ngaMakhosi nezizwe unezinhlelo zokugqamisa izindawo zomlando kanjalo naleyo yamaqhawe ayizolo nanamuhla. Lokhu ngokusho kweMeya uMnu uThami Ntuli kuwuphoso omqoka.
“Yebo kukhona lokho okungathiwa ngokulandela umthetho thizeni kumele sikwenze. Kepha okunye okumele sikwenze wukwelapha izibazi zendulo. Esinye salezi zibazi nje wukucishwa ngabomu komlando wethu. Kuqanjwe izindawo ngabanye abantu sengathi okhokho bethu abakaze babe khona,” kusho uMphemba.
Ngokusho kweMeya uNtuli kube ngalesi sizathu uMasipala ngoMasingana nonyaka wenze iSikhumbuzo ngeNgonyama uCetshwayo. Lomsebenzi wabe uhanjelwe yiSILO esiseSihlalweni, iNdlulamithi yaMakhosi kanye noNdunankulu waso nokaZulu, uMntwana wakwaPhindangene.
“Umsebenzi omkhulukazi esiwuqalile nonyaka yilowo wokwenza isifunda saminyaka yonke ngeNgonyama uCetshwayo kaMpande olele lapha kithi eNkandla. Lokhu kuyisiqalo sokukhulu okuzayo njengoba sibeke eceleni isamba esiyizigidi ezintathu (R3 million) sokulungisa idlinza leNgonyama uCetshwayo. Kithi lokhu kuwumphoso obalulekile ekuhlonipheni iNgonyama kanye nokuqinisekisa ukuthi umlando waso kawushabalali kanjalo nokuyinika isithunzi esiyifanele.
IMeya uNtuli ithe kabagcinanga lapho benguMkhandlu njengoba bathatha isinqumo sokubungaza umzukulu wamaqhawe uMntwana wakwaPhindangene.
“Ngonyaka owedlule kuNdasa singuMkhandlu sathatha isinqumo esinqala. Isinqumo sokuvuselela lokho okwabe sekuqaliwe ngabeza phambi kwethu, okuwukubuyisela igama loMntwana wakwaPhindangene. Omunye angazenzisa asibuze ukuthi lokhu sikwenzelani. Abanye njengoba benza baze bafake inhlese yepolitiki . Kithi impendulo isobala.
“Okokuqala ngokuhambisana nomthetho nenqubo yomkhandlu sathatha isinqumo sokulungisa isenzo sonya esenziwa ngababusi abedlule sokuthi kunegama elabe liqanjiwe lebhilidi ngoMntwana kuthi ngoba bona bengamthandi bese belisusa besebenzisa izinombolo zabo emkhandlwini,” kusho uMphemba.
Ube eseqhubeka enika umlando ngalolu daba: “Leli bhilidi lomkhandlu laqanjwa laphinde lavulwa ngokusemthethweni nguMntwana Mangosuthu Buthelezi mhla zili 14 kuMbasa ngowezi-2010. Kulowo mcimbi kwakukhona wonke amakhansela amaqembu ahola umkhandlu nomeya yomasipala abangaphansi kwalesi sifunda babemenyiwe. Ngesikhathi kuqanjwa kabusha uMkhandlu, aliqanjwanga kabusha ibhilidi kunalokho kwasuswa igama likaMntwana wakwaPhindangene kwafakwa isign box enelogo kamasipala negama lawo. Ngakho othi siqamba kabusha kakhulumi lona iqiniso,” kuphetha iMeya.
Umsebenzi wokubuyekeza isinqumo sokususa igama loMntwana unamuhla nokulindeleke ukuba uhanjelwe ngamaMakhosi, izinduna, osopolitiki kanye namalungu omphakathi.