Now Reading
Inkemba kaMzizi ibukhali nxazonke
Dark Light

Inkemba kaMzizi ibukhali nxazonke

Unawo umlando wokumela lokho asuke ekholelwa kukho  kuze kube sekugcineni. Lapho kukhona abamgxekayo kuba sengathi bamnika kakhulu amandla ngoba akahlehli.

UMnu uThabo Mbeki owayenguMengameli wezwe phakathi kowe-1999 nowe-2008 igama lakhe bekuyilo elihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana nasemithonjeni yabezindaba cishe usuku lonke.

Okwenze uMzizi wangundabamlonyeni incwadi evulelekile ayibhalele iSekela likaMengameli wezwe uMnu uPaul Mashatile okuvukwe ngayo ekuseni. Kule ncwadi engamakhasi ali-17 uphinde wafaka noMengameli uRamaphosa nabanye abasebuholini obuphezulu kuKhongolose.

UMzizi ubhodla umlilo ngakubiza ngesinqumo se-ANC sokuvikela uMengameli uRamaphosa odabeni lwasepulazini lakhe iPhala Phala.

UMbeki usola i-ANC ngokusebenzisa iningi layo ukuchitha umbiko ngePhala Phala ekubeni ikomidi elaliholwa uMehluleli uNgcobo lakubeka ngokusobala ukuthi kukhona lapho kumele aphendule khona ngalolu daba. UMzizi uyaziwa ngokuma anganyakazi kwakholelwa kulokho asuke ekumele.

Ephawula ngenkhlakalo eqenjini wathi abantu abenza lokhu ngokwesiZulu babizwa ngemigodoyi. Ngesikhathi esenguMengameli wama kwaze kwaba sekugcineni ngemishanguzo yokuthithibalisa ingculazi ethi akulethwe ubufakazi bokuthi isandulelangculazi siholela kwingculazi. Emasontweni edlule wazwakala sengathi uma ngakho-Economic Freedom Fighters lapho ethi akaboni ukuthi ukuvalwa kwezwe kuzoba nodlame. Ukuphawula kwakhe ngokungananazi ngezinto ezisuke zithinta ikwabo uKhongolose sekwenze kwakhona abamncoma ngokuthi lowo osuke enguMengameli kudinga aqhubeke nokwelusa nokuba yiso leqembu nohulumeni. Encwadini uvule kanje, “Ngibhala le ncwadi ngiyiqondisa kuwe ngqo, ngikhuluma ngesinqumo esathathwa uzakwethu uMengameli uRamaphosa ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi ecela ukungabi yingxenye yomhlangano we-ANC neSigungu esibhekele Ukusebenza  kanjalo neSigungu Esiphezulu lapho kwakudingidwa khona udaba lwePhala Phala.” Uyaqhubeka ngaphansi kwesihloko esithi, Izinto Ezimqoka. Lapha uMzizi uthi, “ Ukulibeka ngesihloko nje ngiphatheke kabi ngokuvota esakwenza ePhalamende mhla zili-13 kuZibandlela we-2022 ngokuphathelene noMbilo Wephaneli yasePhalamende ngePhala Phala. Ngiphatheke kabi futhi nangokuvota komhla zingama-22 kuNdasa we-2023 mayalana Nokungabethembi ubuholi kanjalo nokungawethembi u-Eskom okwaba ngosuku olufanayo,”

Kule ncwadi eshicilelwe nasezinkundleni zokuxhumana uMbeki uphinde wacaphuna inkulumo eyenziwa uMengameli uRamaphosa eminyakeni emithathu edlule lapho ayekhuluma khona ngomnikelo owenziwa abaholi bangaphambilini uLuthuli, uTambo noMandela. Lapho wayethi uKhongolose usesijwini senkohlakalo, ngakho kumele ugawule ubheke ngezinto eziphakanyiswa ngabantu ngeqembu.

Waphetha ngokuthi i-ANC ayikwazi ukuma yodwa ebhokosoni labamangalelwa, kepha yiyo uqobo eyoba ummangalelwa wokuqala.

Eqhubeka encwadini uMzizi uxwayisa uMashatile ngokuthi ngaphandle kokungabaza  ngokuthi isinyathelo abasithatha odabeni lwaseNkandla lwaba nomthelela ongemuhle endleleni abantu ababuka ngayo uKhongolose, ngakho kungaba ngesifanayo futhi ngesinqumo abasithathayo odabeni oluthinta iPhala Phala.

Uthi ngendlela amalungu e-ANC aziphathe ngayo odabeni oluthinta iPhala Phala kwenza aphothule ngokuthi njengamalungu e-ANC bakholwa ukuthi uMengameli wabo akukho azokwenza nasekwenzile okudinga ukungaphenywa yiPhalamende mayelana nokwenza umsebenzi wakhe ngokulandela uMthethosisekelo wezwe.

Uxwayisa ngokuthi ukuziqhelanisa kwabantu bakuleli neqembu elibusayo kungaqubula umbhekudazwe uma kubgalungiswa.

See Also

Uyakugcizelela ukuthi kumele kukhunjulwe ukuthi iPhaneli yabantathu eyaqokwa yiPhalamende yakucacisa ukuthi kukhona lapho uMengameli okumele aphendule khona.

Weluleka ngokuthi okwakumele kwenzeke emuva kwesinqumo sePhaneli ngukuba iPhalamende liqoke iKomidi Lamaqembu Ehlukene luphenye ngokuthi uMengameli kukhona yini okumele aphendule kukho ngePhala Phala kepha kwacweba iziziba.

Ezinkundleni zokuxhumana lize lashona elayizolo abantu benkankanya lolu daba.  Ozibiza ngeChief Tweet uthe kwakhona nje ukuthi owayenguMengameli uqoke ukuqondisa incwadi yakhe kusekela Megameli wagwema ukuyiyisa kuNobhala Jikelele uMnu uFikile Mbalula kuchaza khona ukuthi uKhongolose awunamuntu kuleliya hhovisi, futhi kusho nokuthi uMbeki akamboni uMbalula njengomuntu ofanaleke ukuphatha izindaba ezinkulu kangaka zeqembu.

Kukhona abaphawule ngokuthi uMbeki wakuveza kwasekuqaleni ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela ngoRamaphosa ngoba nokungena kwakhe ekuholeni i-ANC kwakunemibuzo engakaphenduleki namanje. Abanye bebezwakala ekuphawuleni kwabo ukuthi bami ngakuRamaphosa ne-ANC ngePhala Phala. USicelo Mseleku uthe kuningi uMbeki okusamele akuphendule ngokwenzeka ngaphansi kobuholi bakhe. “Odabeni lwe-Arms Deal wathula sengathi akekho kuboshwa uZuma namanje usagqugqa ezinkantolo ngalokho.”

UDaniel Moloto uthe ngaohansi kobuholi bakhe kwabhubha abantu ngoba engafuni kulethwe imishanguzo. Unesibindi nanokuthi usakwazi ukuphawula ngokwenzeka kuhulumeni ekubeni bafelwa izihlobo nabangani ngengculazi.

Scroll To Top