Kwamanye amazwe umlando uqoshwe ngamatshe nemifanekilso



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Injengohlanga olugcatshwa emqondweni nasemphefumulweni wezizukulwane zokuthi oyise nonina bake baphila
Umlando wabantu nezizwe wehlukahlukene. Kanjalo nobumqoka bawo bugujwa ngezindlela ezahlukene. Kwabanye lowo mlando uxoxwa zimpunga ezingosomlando bendawo naleso sizwe.
Abanye bawucashise emahubeni nasezibongweni. Bakhona nabawuqophayo ube yimiqingo emabhukwini bawubeke ethala labo okuba zigcinamagugu.
Lapha kupolitiki esigabeni sikaHulumeni umlando olifagugu kakhulu loyo othinta umzabalazo nezigameko ezimqoka. Ezweni elifana neNingizimu Afrika lapho iningi labantu lasala enkundleni ngezikhathi zombangazwe kumele ngabe kayikho indawo engenalo uphawu olungaba yizithombe eziqoshwe ezindongeni nezichuse. Emazweni athize izithombe ezinkulu ezingamafuzamuntu ziyabonakala lapho kuqoshwa khona umlando othize. Ezweni iRan uthi nje ungena uhlangantshezwe yisithombe sababusi nabaholi benkolo. Lokhu akukho nje emigwaqeni kepha kukhona nasezindaweni zokukhonza njengaseHarun kukhona iViyat Mosque, kukhona nebunjwamuntu elikhuluma ngempi yomkhaya eSirjan. Ikhona imifanekiso naseNaqsh – eJahan Sqaure, e-Isfahan. Lokhu kubukeka kumqoka kubantu baleliya lizwe.
ENorth Korea nakhona kukhona izindawo othi nje ungena bese izakhiwo zixoxe indaba lapha ePyongyang. IThe Arch of Triumph iluphawu lokunqoba kulesiya sizwe neyakhiwe endaweni lapho umholi wakhona omdala uKim II Sung ahlangatshezwa khona ngenhlokomo ngonyaka we-1945 emuva kokuphela komzabalazo omude ebhekene nabaseJapan kusuka ngowe-1925. Khona lapho kukhona nesakhiwo esikhulukazi esibungaza iqembu elibusayo iWorkers Party of Korea.
EBelerus nakhona kukhona izakhiwo ezithatha amehlo nezixoxa umlando. Izikhumbuzo eziningi ezashiywa ngamazwe eSoviet zibuyisa izinkumbulo zemizamo yokududula amaNazi ngesikhathi seMpi YoMhlaba Yesibili. EBelarus iMound of Glory ngaphandle nje kancane kwenhlokodolobha iMinsk, ihlonipha isinqumo seRed Army sokukhulula iBelarus kumaJalimane ngesikhathi se-Operation Bagration ngowe-1944.
Isakhiwo esiwumkhontosibhamu sakhiwe phezu kwedundu elakhiwe yizitebhisi ezingama-240 ukuya phezulu. Esicongweni salo ubona ubuhle lapho obuthandwa abagcagcayo ukuba bubonakale ezithombenini zabo zomgcagco.
ERussia yikubo kwayo imifanekiso. Bheka nje iThe Motherland Calls ingelinye lamabunjwamuntu amade emhlabeni elithi alilingane neNew York’s Statue of Liberty ngobude futhi eqinisweni likhulu kuneLady Liberty.
LiseVolgograd okwakuyiStalingrad, osebeni olungakwesokunxele somfula iVolga.
IThe Motherland Calls iwumsebenzi othantele wobuciko, ohlonipha ukuzinikela okukhulu kwamaqhawe aziwa nge‘Heroes of the Battle of Stalingrad’.
Inguzanguza yombazo othe chwa egqumeni iMamayev Kurgan Hill, ikhombisa owesifazane ephakamisa enkulu inkemba yensimbi eyibhekise esibhakabhakeni, okuyinto oyibuka ungayikhohlwa, ucabanga ukuphathwa kabi kwabantu baseVolgograd.
Enkabeni yedolobha iLondon umfanekiso wemifaniswano eyithusi ukhumbuza ngeqhaza elabanjwa abesifazane ngesikhathi seMpi YoMhlaba Yesibili. Lapha kunemibhalo eqopha loyo mlando nomqoka hhayi kuphela kuleliya lizwe kepha nasemhlabeni jikelele.
Iningi lale mifanekiso ikhumbuza imuva nobumqoka balo. Iyisililo nokunqoba kanti injengohlanga olugcatshwa emqondweni nasemphefumulweni wezizukulwane zokuthi oyise nonina bake baphila. Nokuthi zona lezi zizukulwane ziyizindlamvuzo zefagugu okuyizwe.