Now Reading
Isiphinde yahlabana inkundla iMabhida
Dark Light

Isiphinde yahlabana inkundla iMabhida

Zipho Singela

ElaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi inkundla enkulukazi kweleNdlovukazi uMthaniya iMoses Mabhida iyona ezosingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 nozodlalwa ngomhlaka zingama- 30 kuMfumfu.

“ITheku lizomenyezelwa kusasa njengenkundla ezosingatha owamanqamu weMTN8. IMoses Mabhida iyona inkundla okuzodlalelwa kuyona,” kusho umthombo welaboHlanga ocele ukuthi ungalinge udalulwe.

IMamelodi Sundowns evutha engabaselwe kulezi zinsuku izodudulana neCape Town City kulomdlalo.

“AbakwaMTN bazokwenza isimemezelo ngokusemthethweni kusasa eSandton Sports Club eGeorge Lea Park. Okwenze ITheku laqokwa njengenkundla ezosingatha owamanqamu wukuthi kulula ukufinyelela kulona kuwona womabili amaqembu esebenzisa izindiza. Okwesibili ziningi izindiza ezisuka eGoli noma eKapa osukwini. Okwesithathu womabili amaqembu kuzomele agibele ukuze afinyelele kuleli dolobha. Yingakho ubungeke ukwazi ukuya eGoli ngoba ubuzovuna iSundowns. EKapa nakhona ubuzovuna iCity. ITheku liwine kanjalo,” kubeka lo mthombo.

Iqembu elizodla ubhedu kowamanqamu lizogoduka nesamba sezigidi ezi -R8.

IMabhida neTheku sebezakhele igama ngokusingatha imidlalo yamanqamu ngempumelelo. Nangonyaka ofile, i-Orlando Pirates iyiqukulele eMabhida indebe yeMTN8 ithela othulini iBloemfonfein Celtic ngama 2-1.

“IMbombela Stadium, iPeter Mokaba Stadium neNelson Mandela Bay bacezile. Izindiza eziyakhona ziyabiza. Ukwenza isibonelo nje, iCity bekuzomele igibele kabili ukuya eMbombela noma ePeter Mokaba. Yizona zonke izinto ezibhekiwe ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo. Phezu kwalokho iTheku linesipiliyoni sokusingatha imidlalo yamanqamu. Namaqembu womabili aneme ngokuya eThekwini,” kuphetha lo mthombo.

See Also

ISundowns izama ukuqeda ishobolo kuMTN8 njengoba selokhu lo mqhudelwano waqala ukuxhaswa ngabakwaMTN, iSundowns ayikaze ibe ngompetha yize izenzela kuleli ngezicoco.

Ama-Brazilians agcina ukunqoba lo mqhudelwano ngo-2007 usabizwa ngeSAA Super Eight eshaya eZimnyama ngeli 1-0 nelavalelwa phakathi nguBrent Carelse.

Ekupheleni kwenyanga amaBrazilians azothola ithuba lokuqeda leli shobolo leminyaka ephikwa yiMTN8. Nokho, iCity angeke ivume kalula ngoba iseke yawunqoba lo mqhudelwano phambilini iholwa yingwazi yeBafana Bafana, uBenni McCarthy.

Scroll To Top