Bathi i-AARTO inhloso yayo ukugqugquzela ukuba kushayelwe kahle



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Mhla lulu-1 kuNtulikazi uNgqongoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula wethule uhlelo i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO) ukuthi iwona mthetho abashayeli abazobhekana nawo uma bephula imthetho yomgwaqo.
Izakhamuzi aziyinambithisisanga kahle le ndaba njengoba zizwe ukuthi kunamaphuzu ophucwa wona, nokungaholela ekutheni uze uyoqala kabusha uyofunda ukushayela. UNgqongqoshe umemezele ukuthi uhlelo lokuqala ukuphuca abashayeli amaphuzu luzoqala ukusebenza lulu-1 kuNtulikazi ngonyaka ozayo.
UMnu uMonde Mkhaliphi okhulumela iRoad Traffic Infringement Agency (RTIA) okunguhlaka loMnyango Wezokuthutha olulawula ukuphepha emgwaqweni nokuqinisekisa ukuthi abashayeli bayayithobela imthetho yomgwaqo, echaza ukuthi ikuphi okuzokwenzeka ngonyaka ozayo sekuqala lolu hlelo, njengoba abashayeli abavele asebejezisiwe benengebhe uthe; “U-AARTO uvela ngoba sinenkinga yabashayeli nabasebenzisa umgwaqo abalahlekelwa impilo yabo emgwaqeni, abafinyelela ezi-14 000 ngonyaka eNingizimu Afrika. U-AARTO ufakwe khona abashayeli bezowazi amalungelo abo, sizokhumbula ukuthi ngaphambilini uma ubanjwe wephula umthetho bewungena ngaphansi kohlelo lapho ubukwa njengesigebengu, sazama ukuyisombulula le ndlela ngokuthi abashayeli baveze ukuthi yisiphi isizathu esidale ukuthi bephule umthetho.”
Abashayeli nabanikazi bezimoto abathokozile ngalolu hlelo, eveza ukuthi sebenalo yini ulwazi ukuthi yini le eyenza bangathokozi ngalo njengoba besho ukuthi bahlose ukuqinisekisa ukuphepha emgwaqweni uthe; “Kuzoba nzima ukuthi siphawule njengoba lolu daba seliphambi kwenkantolo. Kodwa ngakolwethu uhlangothi singuRTIA sizoqhubeka sibacacisele abashayeli ukuthi yiziphi izinto abazozihlomula ku-AARTO, njengoba sisho ukuthi uletha amalungelo kubashayeli abanezizathu ezithize ezenza ukuthi baphule umthetho, njengoba lo mthetho sizamile ukuthi siwethule ePretoria naseJohannesburg usebenzile, ukuthi kumele aveze ngaphambi kokuthi baphulelwe amaphuzu.”
Uthe abashayeli banikezwe amalungelo amaningi kulolu hlelo lwe-AARTO. Uthi uma unikezwe ithikithi emgwaqweni uyakwazi ukuya kamasipala ucele ukwephulelwa. Wathi uma uye zingakapheli izinsuku ezingama-32 unesaphulelo sikahhafu esiqinisekisiwe. Okwesi-2 uthi uma umshayeli engakwazi ukukhokha ngokuphelele ithikithi uyakwazi ukuxoxisana kwenziwe uhlelo lokuthi umshayeli ulikhokha kanjani noma kancane kancane.
Uphinde wathi uma unamatekisi amaningi noma unezimoto umnikazi wezimoto uyakwazi ukusho ukuthi unalezi zisebenzi ngaphansi kwakhe, asho ukuthi lo ophule umthetho ngubani bese lidluliselwa kuloyo mshayeli. “Uma selifikile kumnikazi walo, uzothola ithuba ukuthi achaze ukuthi lo mthetho uwuphule ngenxa yasiphi isimo noma izizathu. Lo mthetho wokwephula amaphuzu wafika kudala kulolu hlelo. Lolu hlelo luzoshaya kakhulu laba abaphula kakhulu umthetho. Umuntu uthola amaphuzu ali-15. Asithi nje umshayeli ubanjwe eshayela engayiphethe ilayisense unikezwa amaphuzu ama-3. La maphuzu uyakwazi ukuthi uphinde uwanciphise njengokuthi uma ushayele kahle izinyanga ezi-3 uzozuza iphuzu eli-1, uphinde futhi ushayele kahle ezinyange ezi-3 uphinde uthole eli-1, kanjalo nalezi ezi-3 zokugcina azobe esephele wonke lamaphuzu abehlawuliswe ngawo,” kusho uMnu uMkhaliphi.
Uthi inhloso ukuthi abashayeli bashayele kahle, ngoba kunabashayeli abayiphula nsuku zaphuma imithetho yomgwaqo. “Uma umshayeli elokhu eyiphulile imithetho kwaze kwaphela amaphuzu ilayisense yakhe izomiswa isikhathi esingange zinyanga ezi-3. Uma umshayeli emiswe kabili, uzophucwa ilayisense bese eyoqala phansi izifundo zokushayela. Lo mthetho uzovikela abashayeli, ngoba lo mthetho okhona wenza abashayeli ukuthi bahlawule kuphela lungazwakali olabo uhlangothi kahle hle,” kusho uMnu uMkhaliphi.
Eveza ukuthi babone ngani ukuthi lolu hlelo lube impumelelo ePretoria naseJohannesburg uthe ingoba abashayeli bake babalekelele bathole izaphulelo kulezo zinhlawulo abasuke bebhekene nazo, baphinde babalekelela ngokuthula izizathu zabo.
Uthi izingozi ngenkathi kusebenza lo mthetho zehla, njengoba loyo owaye nguNgqongqoshe Wezokuthutha ngowezi-2019 uDkt uBlade Nzimande waveza ukuthi zehle ngama-19%. “Uma lo mthetho uke waqhubeka uzosilekelela kwehle isibalo sabantu abadlule emhlabeni ngenxa yezingozi zemigwaqo. Ingakho sigqugquzela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziwamukele loMthetho. Sizofaka omaspala abangama-67 uma kuqala uMfumfu, bese abalandelayo abali-144 sizobafaka ngoMasingana ngowezi-2022. Bese le yamaphuzu iqala ukusebenza ngowezi-2022 kuNtulikazi. Sinxusa abashayeli bangawunqeni lo mthetho,” usho kanje.
Uphethe ngokuthi lawo mathikithi enziwe ngesikhathi ungakaqali lomthetho, azoqhubeka ngalo omdala, kodwa masewuqalile lo we-AARTO amacala azowenza ngaleso sikhathi azosingathwa kusetshenziswa wona.