Now Reading
Sizovikelwa ngubani uma siyizitha zethu uqobo lwethu?
Dark Light

Sizovikelwa ngubani uma siyizitha zethu uqobo lwethu?

Kule nyanga iNingizimu Afrika ibungaza iminyaka engama-64 abesifazane bakuleli bamashela e-Union Buildings ePretoria beyolwa nemithetho yobandlululo eyayibaphoqa ukuba baphathe omazisi noma yikuphi lapho behamba khona. Njengokujwayelekile kule nyanga ngaphansi kwesiqubulo sokugubha inyanga yabesifazane salo nyaka esithi: “Realizing Women’s Rights for an Equal Future”, miningi imikhankaso ekhona lapho imiphakathi ehlukene, izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane, osopolitiki nosomathuba imbala beqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane. Nakuba sekube nemikhankaso eminingi ehlukahlukene elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane eminye yayo osekukhulunywe ngayo kwaze koma amathe ezinkundleni zokuxhumana efana no#AmINext, i-#TotalShutdown, i-#NotInMyName nazinye, isibalo sokuhlukunyezwa kwabesifazane sisalokhu sikhule njalo kuleli lizwe njengoba ucwaningo olukhishwe ngenyanga uNhlaba luveza ukuthi selokhu iqalile imigomo yemvalelwakhaya, isibalo sabesifazane abahlukumezeka ebudlelwaneni sesinyuke saze safika ema-51%.  

Njengoba izwe lonkana liqhubeka nemikhankaso ehlukene nezinkulumompikiswano ngenhloso yokuthola isisombululo salesi sihlava sokuhlukunyenzwa kwabesifazane futhi kubhekwe ngqo kwabesilisa njengabo bodwa ababhedli bale mpi ebhekiswe kwabesifazane, ngizothanda ukuba ngusikhwili phambana nobhoko hhayi ngenhloso yokweseka abesilisa kepha yokufisa ukuthi sibuyekeze iqhaza elidlalwa yingalo yomthetho ekuhlukumezeni umuntu wesifazane neqhaza elidlalwa umuntu wesifazane uqobo ehlukumeza omunye. Lokhu ngikusho ngoba kamuva nje sengibuke kwaze kwaba kaningina izigameko lapho osomaqhuzu abahlukene sebekwenze insakavukela umchilo wesidwaba ukudicilela phansi isithunzi sabesifazane ngokungemthetho besebenzisa ingalo yomthetho. 

UNksz uNokwanda Ndlovu

Lapha singabala uNkk uNorma Gigaba osanda kuba sematheni emva kokuba eboshwe uphiko loKlebe (Hawks) kulandela izinsolo zokulimaza kwakhe imoto yomunye wabangani bomyeni wakhe emva kwengxabano ababe nayo. Singabala uNksz uNokwanda Ndlovu obesebudlelwaneni bezothando nelungu elihloniphekile leSishayamthetho saKwaZulu-Natal ohlale izinyanga ejele emva kokusolwa ngokulihlambalaza ezinkundleni zokuxhumana ngoba elisola ngokumphoqa ukuba ahushule isisu. Singabala umbhali ovelele waseZimbabwe uNks uTsitsi Dangaremba oboshwe ngenyanga edlule emva kokuba ehlangane neqeqebana bamasha bekhala ngenkohlakalo edla lubi kuHulumeni waseZimbabwe. Ngingaphinde ngibale isishabasheki samalungelo abesifazane sase-Uganda uDkt uStella Nyanzi osengene ephindelela ejele, oseboshwe kabili kulo nyaka uwodwa ngenxa yokuqondana ngqo noHulumeni abuze imibuzo abanye abasabayo ukuyibuza ngenhloso yokulwela amalungelo abantu.

Phezu kokuthi bonke laba abesifazane bengekho msulwa kuwo wonke amacala abasolwa ngawo, ngiyacabanga ukuthi zikhona ezinye izindlela ezingcono ebezingasetshenziswa ukuxazulula lezi zinkinga ngaphandle kokusebenzisa ubudlova nokuxhaphaza amandla engalo yomthetho.

See Also

Kuzo zonke lezi zinsolo laba abesifazane akade bebekwe zona, ezinkundleni zokuxhumana sithola kuyithi futhi abesifazane abangoPilatu ngokunqamuleza labo ababekwe amacala ngaphandle kokubuka udaba macala onke. Kungidumazile ukubona ezinkundleni zokuxhumana abantu besifazane kuyibona abahamba phambili ekushushiseni uNksz uNdlovu bengasabheki ukuhlukunyezwa kwamalungelo akhe sebemenza inhlekisa mayelana nokuhubhuza kwakhe amampunge ngokuba‘yithwasa kwezobudokotela’. Akugcinanga lapho njengoba nakuNkk uGigaba naye bephenduke abaphenyi, besho nokuthi lokhu okwenzekile bekumfanele ngenxa yezigigaba naye ake azenza kwabanye ngaphambilini. Yize laba babhali ababili engibabalulile bekutholile ukwesekwa okuqhamuka ezinhlakeni ezahlukene, kukhona nakade bethi: “Ngcingci kaMjoli”, ngokuboshwa kwabo ngoba bebasola ngokuba ngonontandakubukwa. Ngalo mbhalo angihlosile ukugqugquzela ukuba abesifazane bavunane bodwa bangalikhulumi iqiniso nalapho sekufanele kepha ngihlose ukukhuthaza ubunye ukuze silwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane. Uma thina njengabesifazane siyizitha zethu uqobo lwethu, abesilisa bazosivikela kanjani, nengalo yomthetho izosivikela kanjani?

Scroll To Top