Now Reading
Kuzodla izigidigidi ezi-2 ukulungisa iSishayamthetho
Dark Light

Kuzodla izigidigidi ezi-2 ukulungisa iSishayamthetho

Amaqembu aphikisayo ashaya amakhala ngemali ezosetshenziswa aveza ukuthi kuhle kuqale enye inkohlakalo eqenjini elibusayo ngoba sekuke kwenzeka ngaphambilini


Kulokhu bekuhlangana unyaka kwangqongqa iziNdlu zePhalamende eKapa okwaba yisehlo okwabe kungesokuqala emlandweni weNingizimu Afrika saqubula nezinkulumo. Okwakuphambili kwabe kungukuthi kunemibuzo ngesimo sokuphepha ePhalamende okuyisakhiwo esingena ngaphansi kwalezo eziqashelwa ngeso lokhozi ubusuku nemini ezibizwa ngamaNational Key Point.

 Umsolwa kulesi sibhicongo uMnu uMafu osagqunywe ejele kulandela ukunqaba kwakhe ukudedelwa. Emuva kwalesi sehlo kwakhalwa kakhulu nanokungabhekelelwa kweSishayamthetho njengoba kwavela ukuthi kwase kuphele isikhathi eside ezinye izinto zingalungiswa futhi zinga seyviswa. Lapha kwakubalwa izicimimlilo nophahla olwase luneminyaka lungalungiswa. Selokhu kwenzeka lo mshophi iPhala selihlanyela eCity Hall yaseKapa.

Inkulumo engobume besizwe yangonyaka odlule kaMengameli uCyril Ramaphosa neyalonyaka yethulwe khona kuleli hholo. Nesabelomali sangoLwesithathu sethulwe kulo leli hholo.

Kuleli sonto okhulumela iPhalamende uMnu uMoloto Mothapo uveze ukuthi kuzodla izigidigidi ezi-2billion ukulungisa iPhalamende okuyimali ezophuma kuMngcinimafa naseMnyangweni Yezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda. Echaza uthe uMnyango wajuba iCoega Development Corporation ukuba yenze ucwaningo olunzulu ngomonakalo owadaleka ngesikhathi kuqubuka umlilo.

ICoega Development Corporation yanxuswa nokuba ibheke ukuthi isakhiwo sona qobo lwaso sidinga ukulungiswa yini noma ezinye izingxenye zaso ziqalwe phansi. Umbiko uqhamuke nokubili okuwukuthi zikhona izingxenye zesakhiwo esidala ezidinga ukudilizwa, kuthi kwezinye kulungiswe.

UMothapo uthe umsebenzi wonke uzodla imali eyi-R2 billion okungasho ukuthi ngonyaka ozayo kuzobe sekuqaliwe ukusetshenzelwa kuso.

Engakaligwinyi kuqubuke imvunge emaqenjini aphikisayo ekhala ngesamba esikhulu semali yabakhokhintela. Iqembu lokuqala eliphefumulile ngalokhu kube yiDemocratic Alliance ekhale ngokuthi kuvulwa elinye isango lenkohlakalo lokuzicebisa kwamalungu e-ANC.

Leli qembu lithe yonke imali ezosetshenziswa idinga ukube yeluswe ngoba iqembu libusayo liyaziwa ngenkohlakalo.

ICongress of the People (Cope) ngomlomo woMkhulumeni wayo uMnu uDennis Bloem uthe kwakona nje ukuthi kuthathe isikhathi esingaka ukuba kukhulunywe ngokulungiswa kwePhalamende kuchaza khona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Ubabaze izigidi ezizosetshenziswa kulo msebenzi.

“Ukuthungelwa ngomlilo kwePhalamende yinto ebuhlungu kabinet, futhi okubi kakhulu ukuthi sekuthathe isikhathi ukuba kuqalwe umsebenzi wokulilungisa, okuyinto engamukelekile,” kusho Bloem. Uqhube wathi njengoba isimo sisenjena amalungu ePhalamende awakwazi ukuqhubeka nokubamba imihlangano esebenzisa ubuchwepheshe besimanje.

I-African Christian Democratic Party (ACDP) ithe izobhalela uSomlomo uNosiviwe Marisa-Nqakula ngombiko ogcwele ngokulungiswa kwePhalamende. Umholi waleli qembu uMfu uKenneth Meshoe, uthe kuyihlazo ukuthi kuze kube yimanje kusakhulunywa ngokulungiswa kwePhalamende njengoba sekuqhanyukwa nezigidi ezizosetshenziswa kulo msebenzi.

Uthe noma behlangana ngendlela yesimanje yobuchwepheshe kodwa kunezinselelo eziningi ngenxa yokuthi iziNdlu zePhalamende zazihambisana nesikhathi samanje sokuxhunywa kobuchwepheshe.

Scroll To Top